Amalebula

Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula izibusiso. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula izibusiso. Bonisa konke okuthunyelwe

6/07/2019

Qaphelani isiphetho sesintu



South African Gospel Song | "Qaphelani isiphetho sesintu" | God Is Mankind's Only Salvation (Lyrics Video) 


UNkulunkulu ukhuthaza izinhlanga zonke, amazwe kanye nezimboni:
Zilale’iphimbo Lakhe zibon’umsebenzi Wakhe;
zinak’isiphetho sesintu;
zimenz’uNkulunkulu abe ongcwele,
ophakeme kakhulu ohlonishwayo;
zivumele isintu siphile esibusisweni sikaNkulunkulu,
njengalokh’isizukulwane
sika-Abraham saphil’esibusisweni sikaJehova,
njengendalo kaNkulunkulu u-Adamu noEva baphil’engadini yase-Edeni.

3/05/2019

Isahluko 70

Ukuthi imfihlakalo Yami yambuliwe futhi yavezwa obala, ayisafihliwe, kungenxa yomusa Wami nesihawu Sami ngokuphelele.

2/24/2019

Isahluko 60

Akuyona into elula ukuthi impilo ikhule; kudinga inqubo, futhi ngaphezu kwalokho, ukuba nikwazi ukukhokha inani futhi nibambisane Nami ngokuzwana, bese ngalokho namukela ukuncoma Kwami.

Isahluko 59

Funa intando Yami ngokwengeziwe ezimweni ohlangana nazo futhi nakanjani uyothola ukuvunywa Yimi. Uma nje usazimisele ukufuna nokugcina inhliziyo engihloniphayo, ngiyokunika konke lokho okuntulayo.

2/19/2019

Isahluko 55

Isintu esivamile okukhulunywa ngaso asikho kakhulu ngaphezu kwemvelo njengoba abantu becabanga, kodwa siyakwazi ukunqoba izibopho zabo bonke abantu, izehlakalo, nezinto, sinqobe amandla endawo ezungezile, futhi siyakwazi ukusondela Kimi futhi sixhumane Nami kunoma iyiphi indawo kanye nokunoma yisiphi isimo.

12/18/2018

67. Isipho Esihle Kakhulu UNkulunkulu Angiphe Sona

















UYixin    Edolobheni LaseShijiazhuang,  Esifundazweni SaseHebei

Ngaphambili, ngangivame ukuzwa abafowethu nodadewethu bethi, “Konke uNkulunkulu akwenzayo okuhle kakhulu; yikho konke abantu abakudingayo.” Ngakwamukela lokhu futhi ngavumelana nakho, kodwa ngangingenakho noma yikuphi ukuqonda ngokuhlangenwe nakho kwami. Kamuva ngazuza ukuqonda ngakho ngesimo uNkulunkulu angenzela sona.

12/07/2018

South African Gospel Music 2018 "UNkulunkulu Uyabazisa Labo Abamzwayo Nabalalela Yena"




South African Gospel Music 2018 "UNkulunkulu Uyabazisa Labo Abamzwayo Nabalalela Yena"

I
UNkulunkulu akanandaba nokuthi umuntu uthobekile noma mkhulu.
Uma nje ezwa uNkulunkulu,
elalela lokho uNkulunkulu akuyalayo nakunikezayo,
ekwazi ukubambisana nomsebenzi Wakhe, nohlelo Lwakhe nentando Yakhe,
ukuze intando nohlelo Lwakhe kungaqhubeka ngaphandle kokuphazanyiswa,
lokhu kwenza kukufanele, kukufanele ukukhunjulwa nguNkulunkulu,
futhi kufanele ukuthola, ukuthola isibusiso Sakhe.

11/23/2018

South African Gospel Music 2018 "Isethembiso SikaNkulunkulu Kuma-Israyeli"




South African Gospel Music 2018 "Isethembiso SikaNkulunkulu Kuma-Israyeli"

Emuva kwamakhulu eminyaka yokubanjwa ngumthetho, ama-Israyeli ekugcineni abhekana nengozi yokulahlwa nokubulawa ngumthetho ngenxa yeziphambeko zawo.

11/06/2018

Injabulo Ezweni Elihle LaseKhanani

Ngibuyele emndenini kaNkulunkulu, ngijabulile futhi ngithokozile.
Izandla zami zibambe isithandwa sami, inhliziyo yami engeyaKhe.
Nakuba ngidlule esiGodini seziNyembezi, ngilubonile uthando lukaNkulunkulu.

10/31/2018

Isiphetho Somuntu

Noma nini lapho kukhulunywa khona ngesiphetho, lokho nikubheka njengento ebaluleke kakhulu; nonke nisheshe nizwele uma kukhulunywa ngale ndaba.

5/18/2018

Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (2)

    Nanivame ukufuna ukubusa njengamakhosi, kanti nanamhlanje anikakuyeki lokhu ngokuphelele; nisafisa ukubusa njengamakhosi, ukuphakamisa amazulu nisekele umhlaba. Manje, ake ucabange ngakho: Ingabe ninazo lezo zimfanelo? Ngabe anikhombisi yini ukungabi nangqondo? Ngabe lokhu enikufunayo nenichitha isikhathi ukukunaka, kuyinto ekhona? Aninabo ngisho ubuntu obujwayelekile—anidabukisi kodwa? Ngakho, namuhla ngikhuluma kuphela ngokunqotshwa, nokuthula ubufakazi, nokwenza ngcono izinga lakho, kanye nokungena endleleni yokupheleliswa, futhi asikhulumi ngokunye.

3/23/2018

Izwi LamaShumi AmaThathu nesiKhombisa

  Kuwo wonke umlando, wonke umsebenzi engiwenzile—sonke isigaba salowo msebenzi – ubuqukethe izindlela Zami ezifanele zomsebenzi. Kungenxa yalokhu ukuthi abantu Bami abathandekayo sebebe msulwa kangcono, futhi sebefanele kangcono ukuthi ngingabasebenzisa. Kodwa ngenxa yalesi sizathu, into eyishwa ukuthi njengoba izindlela Zami zokusebenza zanda, inani labantu liyancipha, okubangela ukuthi abantu bajule ngomcabango. Yebo, umsebenzi Wami namuhla awhlukile kanti futhi abantu abaningi basabambeke ekucabangeni, ngakho ngenxa yezinguquko ezindleleni Zami, kukhona ingxenye yabantu abazohoxa. Kungachazwa ngale ndlela: Lokhu kwakuhlelwe Yimi ngaphambilini, kodwa akwenziwanga Yimi. Kusukela ngesikhathi sokudala kuze kube manje, baningi abawile futhi baningi abadukile ngenxa yezindlela zomsebenzi Wami, kodwa anginandaba nokuthi abantu banjani, noma ngabe bezwa sengathi angithandeki noma ngabe bezwa sengathi nginonya kakhulu, futhi noma ngabe lokhu abantu abakuqondayo kuyikho noma cha, ngiyakugwema ukuthi ngilokhu ngichaza.

Izwi LamaShumi Amane

  Abantu bagxila kukho konke engikwenzayo, okungathi sengizokwehlisa amazulu, futhi bahlala bedideka ngezenzo Zami, okungathi engikwenzayo abakuqondi. Kanjalo, bagqugquzelwa Yimi kukho konke abakwenzayo, besaba ukuthi bazolicasula Izulu bese belahlelwa “ezweni labafayo.” Angizami ukubamba abantu, kodwa ngenza ukuntula kwabo kube yikho okuqondwe umsebenzi Wami. Ngalesi sikhathi, bajabule kakhulu, bese bethembela Kimi. Uma ngibapha, abantu bangithanda njengoba bezithanda bona, kodwa uma kukhona engikucelayo kubo, bayangibalekela.

3/22/2018

Izwi Lamashumi Amane Nesikhombisa

  Ukuze kukhuliswe abantu empilweni bese kwenziwa ukuthi umuntu Nami sikwazi ukuthola imiphumela ehambisana nenhloso yethu efanayo, bengilokhu ngisitotosa isintu, ngisivumela ukuba sibe nokondleka nempilo ezwini Lami futhi sithole yonke inala Yami kulona. Angikaze ngimnike umuntu okubanga impoxo, kodwa umuntu akayinaki imizwa Yami. Lokhu kungoba isintu asinamuzwa futhi “sedelela” zonke izinto ngaphandle Kwami. Ngenxa yamaphutha esintu, ngiyezwelana naso futhi ngalokho angiyekile ukubelekelela, ukuze bakwazi ukujabulela yonke inala yomhlaba kuze kwaneliseke izinhliziyo zabo esikhathini sabo emhlabeni. Angimphathi ngendlela engafanele umuntu kanti ekucabangeleni abantu abangilandele iminyaka eminingi, ngibe nenhliziyo emnene kubo. Kungathi angikwazi ukukubekezelela ukubeka izandla Zami phezu kwabo ukuba benze umsebenzi wami. Ngakho, ngibukela abantu abazacile abangithandayo ngenkathi bezithanda bona bese enhliziyweni Yami kuba nomuzwa wobuhlungu ongachazeki, kepha ngubani ongephula izimiso ngenxa yalokhu? Ngubani ongaziphazamisa yena ngenxa yalokhu? Noma kunjalo, ngehlisele yonke inala Yami esintwini ukuze sikwazi ukukujabulela ngokuphelele, futhi angisiphathanga isintu ngokungafanele kulolu daba.

3/21/2018

Isahluko 20

Ingcebo yekhaya Lami ingelinganiswe futhi ijulile kakhulu, kodwa umuntu akakaze eze Kimi ukuzoyithokozela.

3/19/2018

Izwi Lamashumi Amabili Nesishiyagalolunye

  Ngosuku lapho zonke izinto zavuswa khona, Ngeza phakathi kwabantu, ngachitha izinsuku nobusuku obumnandi nabo. Kulapha kuphela lapho umuntu ezwa kancane ngokufinyeleleka Kwami, futhi njengoba ukuhlangana Kwami nabo sekuvama, ubona okunye kwalokho enginakho nengiyikho—ngalokho, uzuza ulwazi oluthile Ngami. Phakathi kwabo bonke abantu ngiphakamisa ikhanda Lami ngibuke, bese bonke beyangibona. Kodwa uma inhlekelele iwela emhlabeni, basheshe babe nexhala, bese umfanekiso Wami uyashabalala ezinhliziyweni zabo; bathuswa wukufika kwenhlekelele, bangayinaki imiyalo Yami. Ngidlule iminyaka eminingi phakathi kwabantu, kodwa ulokhu engaqapheli, futhi akangazanga. Namuhla ngimtshela ngomlomo Wami, futhi ngenze ukuba bonke abantu beze Kimi bazothola utho, kodwa bayaqhubeka nokuqhela Kimi, ngakho-ke abangazi.

2/18/2018

Amukela Ukubuya kweNkosi uJesu “Injabulo Ezweni Elihle LaseKhanani”




I

Ngibuyele emndenini kaNkulunkulu, ngijabulile futhi ngithokozile.

Izandla zami zibambe isithandwa sami, inhliziyo yami engeyaKhe.

Nakuba ngidlule esiGodini seziNyembezi, ngilubonile uthando lukaNkulunkulu.

Uthando lwami ngoNkulunkulu lukhula usuku nosuku, uNkulunkulu ungumthombo wenjabulo yami.

2/14/2018

Umlando Wokuhlushwa Ngenxa Yenkolo eChina Insumansumane Ebuhlungu Yamakh...


Selokhu lathatha izintambo Ezweni laseChina ngo-1949, iqembu iChinese Communist Party alikaze liyeke ukuhlupha abantu abakholwayo. Libophe futhi labulala amaKristu ngokuzimisela okukhulu, laxosha futhi lahlukumeza amamishinari asebenza eChina, lashaqa futhi lashisa inqwaba yamakhophi eBhayibheli, lavala futhi lacekela phansi amasonto, futhi ngaphandle kwempumelelo lazama ukuqeda onke amandla akhonzela ezindlini.

2/08/2018

UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele IX

UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Wazo Zonke Izinto (III)
  Kulesi sikhathi, sikhulume ngezinto eziningi ezithinta ukumazi uNkulunkulu kanti kungekudala nje sikhulume ngento ebalulekile kulesi sihloko esithi: UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Wazo Zonke Izinto.

1/06/2018

UNkulunkulu UyiNkosi Yayo Yonke Indalo

Isigaba esisodwa somsebenzi wezinkathi ezimbili ezingaphambilini senzeka kwa-Israyeli; esinye senzeka eJudiya. Uma sikhuluma ngokujwayelekile, asikho esalezi zigaba zomsebenzi esashiya u-Israyeli; kwabe kuyizigaba zomsebenzi ezazenziwe phakathi kwabantu abakhethiweyo basekuqaleni.

Ngosuku Lwesithathu, Amazwi KaNkulunkulu Adala Umhlaba Nezilwandle, Negunya LikaNkulunkulu Lenza Umhlaba Uchichime Ngokuphila

Okulandelayo masifunde umusho wokuqala kuGenesise 1:9-11: “Futhi uNkulunkulu wathi, Amanzi angaphansi kwezulu mawaqoqeke ndawonye, bese kub...