Amalebula

Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula indlela. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula indlela. Bonisa konke okuthunyelwe

11/04/2018

Indlela… (1)

Indlela,Ukuthanda uNkulunkulu

















Empilweni yabo, akekho umuntu owaziyo ukuthi hlobo luni lwezingqinamba azohlangabezana nazo, futhi akazi ukuthi ukulungiswa kuniazobhekana nakho.

10/26/2018

Isixwayiso Kulabo Abangalenzi Iqiniso

Labo phakathi kwabafowethu nodadewethu, abahlale beveza ububi babo bayizinceku zikaSathane futhi bayaliphazamisa ibandla.

7/15/2018

3. Ubudlelwane Phakathi Kwesigaba Ngasinye Somsebenzi KaNkulunkulu.

    Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

    Kusukela emsebenzini kaJehova kuya kokaJesu, futhi kusukela emsebenzini kaJesu kuya kulowo wesigaba samanje, lezi zigaba ezintathu zihlanganisa ngentambo enganqamuki bonke ububanzi bokuphatha kukaNkulunkulu futhi yonke iyimisebenzi eyenziwa nguMoya owodwa. Kusukela ekudalweni komhlaba, uNkulunkulu yilokhu esebenza ephatha isintu. UyiSiqalo neSiphetho, futhi uyiLowo oqala inkathi naLowo ophetha inkathi. Izigaba ezintathu zomsebenzi, ezinkathini ezehlukene nasezindaweni ezehlukene, ngaphandle kwephutha zingumsebenzi woMoya owodwa. Bonke labo abahlukanisa lezi zigaba baphikisa uNkulunkulu.

6/26/2018

South African Gospel Song “Amazwi KaNkulunkulu Ayiqiniso Elingaguquki Phakade”


“Amazwi KaNkulunkulu Ayiqiniso Elingaguquki Phakade” Ihubo Lamazwi kaNkulunkulu
I
Amazwi kaNkulunkulu ayiqiniso, elingaguquki phakade.
UNkulunkulu ungumnikezi wokuphila, futhi nguye kuphela umqondisi womuntu.
Ukubaluleka nomqondo wamazwi Akhe kunqunywa yingqikithi yawo,
hhayi uma umuntu ewemukela noma ewabona.

6/24/2018

Isahluko 14.Zibheke Ngendlela Eyiyo futhi Ungaliphosi Ithawula Eqinisweni

     Abantu bahlala behluleka ukubona amandla kanye nobuthaka babo ngokuyikho, okuba nomthelela olwazini lwabo ngoNkulunkulu benganakile. Kukhona abanye abantu abaze baphosa ithawula ngezimo zabo futhi baphelelwe ithemba, abangafuni ukushintsha isimo sabo futhi abazimisele ngokubhekana nobunzima bokusebenzisa iqiniso; laba bantu bacabanga ukuthi abakaze bashintshe.

6/22/2018

8. Kwangicacela Ukuthi Bengilokhu Ngihamba Indlela Yabafarisi

UWuxin    Wasedolobheni laseTaiyuan, esiFundazweni saseShanxi 

    Into esasilokhu siyixoxa ekuhlanganyeleni kwangaphambilini yizindlela ezahanjwa nguPetru noPawulu. Kuthiwa uPetru wayenake ukuzazi yena noNkulunkulu, futhi wayengumuntu uNkulunkulu ayethokoza ngaye, ngenkathi uPawulu yena wayenaka umsebenzi wakhe kuphela, isithunzi sakhe nokuhlonishwa kwakhe emphakathini, futhi-ke wayengumuntu uNkulunkulu ayemnyanya.

6/21/2018

7. Umoya Wokuqhosha Ngaphambi Kokuwa

UBaixue Edolobheni LaseShenyang 

    Ngenxa yesidingo somsebenzi, ngadluliselwa kwenye indawo yokusebenza. Ngaleso sikhathi, nganginokubonga okukhulu kuNkulunkulu. Ngezwa sengathi kuningi kakhulu lapho ngangisilele khona, kodwa ngokuphakanyiswa nguNkulunkulu kwezulu, nganikezwa ithuba lokugcwalisa umsebenzi wami endaweni yokusebenza emangalisayo. Ngenza isifungo kuNkulunkulu enhliziyweni yami: Ngangizokwenza konke enginamandla okukwenza ukuze ngibuyisele kuNkulunkulu.

6. Umsebenzi Waloluhlobo Awumuhle Neze

UDing Ning     waseDolobheni laseHeze, esifundeni saseShadong

     Ezinsukwini ezimbalwa ezedlule, ibandla belihlele ushintsho emsebenzini wami. Njengoba ngathola lo msebenzi omusha, ngangicabanga ukuthi “ngidinga ukuthatha leli thuba lokugcina lokubiza umhlangano nabafowethu kanye nodadewethu, ngikhulume nabo kucace ngezindaba, futhi ngibashiye nesithombe esihle.” Ngakho-ke, ngahlangana namadikoni ambalwa, futhi ngasekupheleni kwesikhathi sindawonye, ngathi, “Ngicelwe ukuba ngihambe lapha ngiye komunye umsebenzi ohlukile.

2 Ukubona Ngokucacile Ubunjalo Bami

UXiaoxiao  Edolobheni laseXuzhou, Esifundazweni iJiangsu 

    Ngenxa yezidingo zomsebenzi webandla, ngasuswa ngayiswa kwenye indawo ukuphelelisa umsebenzi wami. Ngaleso sikhathi, umsebenzi wevangeli kuleyo ndawo wawusezingeni eliphansi, nesimo sabafowethu nodadewethu sasingalungile neze. Kodwa ngenxa yokuthi ngathintwa uMoya oNgcwele, ngathatha yonke into engathwesa yona ngokuzethemba okukhulu. Emva kokwethweswa umsebenzi, ngazizwa nginomthwalo omkhulu, nginokukhanyiseleka okuphelele, futhi ngaze ngacabanga ukuthi nginogqozi impela.

1 Ukweduka kanye Nokuthola Indlela

UXiaobing    Wasedolobheni laseXuanzhou, Esifundazweni sase-Anhui 

    “Into oyijabulelalayo namauhla yiyo kanye eyonakalisa ikusasa lakho, kanti ubuhlungu obuzwayo namuhla yibo kanye obukuvikelayo. Kufanele ukwazi lokho ukuze ungangeni esilingweni futhi ugweme ukungena enkungwini ethe ngci esitha ilanga.” Njalo uma ngicula leli culo lezwi likaNkulunkulu elithi “Ukujabulelala Ukunethezeka Okungokwenyama Kuzokonakalisa Ikusasa Lakho,” Ngicabanga ngezikhathi lapho ngavivinya futhi ngakhaphela khona uNkulunkulu, futhi ngizwa ukuzisola okungapheli kanye nokubonga okumangalisayo.

6/14/2018

Isahluko 9.Ukufuna Intando KaNkulunkulu Kanye Nokwenza Iqiniso Ngokuqikelela Okukhulu

    Uma abantu benza imisebenzi yabo ngokuphuthuma, ababe besakwazi ukuqongelela ulwazi ngayo; ngenkathi betatazela ngezindaba, umoya wabo uyakhathazeka; ababe besakwazi ukuzibeka esimeni esejwayelekile. Kwenzeka kanjani lokhu? Uma ucelwa ukwenza umsebenzi omncane, usuke umangaze nje, ungalandeli imigomo, ungasondelani noNkulunkulu kunalokho uqhelelane noNkulunkulu. Lokhu kuveza khona ukuthi abantu abakwazi ukuqongelela ulwazi. Noma ngabe wenzani, kumele wazi kuqala ukuthi ukwenzelani lokho nokuthi udaba lolo udaba olunjani.

Isahluko 8.Ukuqonda Imvelo Nokwenza Iqiniso

    1. Abantu Abayiqondi Kahle Imvelo Yabo

    Okwamanje niyazi nje ngobunye ubunzima benu, niyakwazi ukukhohlakala okuvame ukwenzeka kalula, nokuthi yiziphi izinto okulula kini ukuzenza; nokho, into enzima kunazo zonke ukukwazi ukuzilawula nina. Anazi ukuthi nizokwenza nini okuthile noma yiziphi izinto ezibucayi enizozenza. Kungenzeka ukuthi kunento ethile obucabanga ukuthi ngeke wayenza, kodwa ngesikhathi esithile noma endaweni ethile lokho kwenzeka; uyenzile ngempela futhi wayisho. Lezi zinto ezingalindelekile ziyizinto abantu abangakwazi ukuzilawula; kungenzeka kanjani lokhu? Kungenxa yokuthi abantu ezikhathini zamanje abasiqondi ngokuphele isiqu semvelo yabo; abayiqondi ngempela noma abasiqapheli isiqu sabo ngokujulile ngezindlela eziningi ezinkulu; ngakho ukwenza iqiniso kuyinto ekhandla kakhulu kubo.

Isahluko 19. Incazelo Yokuzwa KukaNkulunkulu Ubuhlungu Bomhlaba

    UNkulunkulu uba sesimweni somuntu ukuze ahlupheke esikhundleni somuntu, futhi ngokwenza lokho uzoletha isiphetho esihle esizolandela umuntu. Leso sigaba somsebenzi esaphothulwa nguJesu saba kuphela ngukufana kwakhe nenyama esesonweni nokubethelwa, ukuthatha Kwakhe indawo yomhlatshelo wesono bese esindisa sonke isintu, kanti lokhu kwakha isisekelo sekusasa lomuntu sokungena esiphethweni sakhe esimangalisayo. Wathatha izono zomuntu zathwalwa Nguye futhi yena wathatha isimo senyama nesono wabethelwa; Wathwala izono zomuntu wayeseba ngumnikelo wesono, emva kwalokho sonke isintu sasindiswa.

Isahluko 65.Ungathola Iqiniso Ngemva Kokuyiguqulela Inhliziyo Yakho Yangempela KuNkulunkulu

    Isahluko 65.Ungathola Iqiniso Ngemva Kokuyiguqulela Inhliziyo Yakho Yangempela KuNkulunkulu
    Ukukhululeka Nenkululeko Kufinyelelwa Kuphela Ngemva Kokubeka Eceleni Inhloso Nezifiso Zakho

    Njengabaholi, akufanele nibe nomhawu ngamakhono abanye, futhi ngalokho niyofaneleka, ukufeza umthwalo wenu, futhi nibonakalise ngokugcwele ukuzinikela kwenu.

6/08/2018

Isahluko 45.Abantu Abadidekile Ngeke Basindiswe

    Kuthiwa “Okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguye oyosindiswa,” kodwa ingabe kulula ukwenza lokho? Akulula, futhi abanye abantu abakwazi ukukhuthazela kuze kube sekupheleni. Mhlawumbe lapho bebhekana nesikhathi esivivinyayo, noma ubuhlungu, noma isilingo, kungenzeka bawe futhi bangabe besakwazi ukuqhubekela phambili. Izinto ezenzeka nsuku zonke, kungakhathaliseki ukuthi zinkulu noma zincane, zinganyakazisa isinqumo sakho, zithathe indawo enhliziyweni yakho, zilinganisele indlela owenza ngayo umsebenzi wakho, noma zilawule ukuqhubekela phambili kwakho—zonke lezi zinto zidinga ukubhekwa njengezibaluleke kakhulu, kufanele zihlolisiswe ukuze kutholakale iqiniso, futhi zonke ziyakufundisa ekuphileni.

Isahluko 39.Umehluko Phakathi Kwezinguquko Zangaphandle Kanye Nezinguquko Esimweni

    Wazini ngezinguquko esimweni? Izingqikithi zezinguquko esimweni kanye nezinguquko nasekuziphatheni azifani, kanye nezinguquko ekwenzeni nazo azifani—zonke zihlukile kwingqikithi. Abantu abaningi bagcizelela ngokukhethekile ngokuziphatha ezinkolelweni zabo kuNkulunkulu, ngenxa yalokho kunezinguquko ezenzekayo ekuziphatheni kwabo. Ngemva kokukholwa kuNkulunkulu, bayeka ukuphikisana nabanye, bayeka ukulwa nabantu kanye nokubathuka, bayeka ukubhema nokuphuza, abantshontshi izinto zomphakathi—noma ngabe isipikili noma ipulangwe lokhuni—futhi baze bafinyelele ekuthini bengayi nasenkantolo uma belahlekelwa noma boniwe. Ngaphandle kokungabaza, ezinye izinguquko ziyenzeka ekuziphatheni kwabo.

Isahluko 55. Ungakuhlukanisi Lokho UNkukulunkulu Anakho Nayikho

    Incwadi, Izwi Livela Lisenyameni inothe kakhulu ngokuqukethwe. Amanye amagama akule ncwadi ayisiprofetho futhi abikezela indlela eziyoba ngayo izinkathi esikhathini esizayo. Empeleni iziprofetho zimane ziwuhlaka oluvamile, futhi ingxenye enkulu yale ncwadi ikhuluma ngokungena kwabantu ekuphileni, idalula ubunjalo bomuntu, futhi ikhuluma ngokuqonda uNkulunkulu nesimo Sakhe. Ngokuqondene nokuthi yiziphi izinkathi, zingaki izinkathi nokuthi indawo enjani isintu esizongena kuyo esikhathini esizayo, ingabe lukhona yini uhlelo olucacile, zikhona yini izinkomba ezikhethekile futhi ngaphezu kwalokho sikhona yini isikhathi esinqunyiwe? Lokho kusho ukuthi, azidokwe ligayelwe wena izinkathi zesikhathi esizayo.

ISahluko 53. Ukuqonda Ukufana Nomehluko Emvelweni Yomuntu

    Ingabe niyibona ngokucacile indlela yokholo lwenu kuNkulunkulu kanye nendlela yokulandela iqiniso? Kuyini ngempela ukukholwa kuNkulunkulu? Ingabe usuke usuqedile ngemva kokuthwala ubunzima obuncane? Abanye abantu bacabanga ukuthi ngemva kokubhekana nokwahlulelwa nokusolwa, ukuthenwa nokusetshenzwa noma ngemva kokwembula isimo sangempela, sebeqedile futhi umphumela wabo usuyabonakala. Abantu abaningi abayiboni le ndaba ngokucacile, futhi bonke bame lapho, bengazi ukuthi bayihambe kanjani indlela ebamele.

6/04/2018

Kumele Niqonde Umsebenzi; Ningalandeli nje Ngokudideka!

    Njengamanje baningi abantu abakholwa ngendlela enokudideka. Kuningi enizibuza kona, umuzwa wenu wokuphokophelela izibusiso mkhulu kakhulu, kanti umuzwa wenu wokuphokophelela ukuphila wona muncane kakhulu. Abakholelwa kuJesu kulezi zinsuku banogqozi olukhulu. UJesu uzobemukela ekhaya ezulwini–ngeke bakholwa? Abanye abantu bangamakholwa impilo yabo yonke, abanye abantu bakholwe iminyaka engaphezulu kwengamashumi amane noma amashumi amahlanu; abakhathali ukufunda iBhayibheli.

Uzibheka Kanjani Izincwadi Eziyishumi Nantathu?

     ITestamente Elisha leBhayibheli linezincwadi zikaPawulu eziyishumi nantathu. Lezi zincwadi eziyishumi nantathu zonke zabhalwa uPawulu ebhalela amabandla ayekholwa kuJesu Kristu ngesikhathi somsebenzi wakhe. Okusho ukuthi wabhala lezi zincwadi emva kokuvuka nokwenyukela ezulwini kukaJesu. Izincwadi zakhe zingubufakazi bokuvuka nokwenyukela ezulwini kukaJesu emva kokufa Kwakhe, zifundisa abantu ngezindlela zokuphenduka bathwale isiphambano. Ngempela, zonke lezi zindlela nobufakazi kwakungobokufundisa abazalwane basezindaweni ezehlukene eJudiya ngaleso sikhathi, ngoba ngaleso sikhathi uPawulu wayeyisisebenzi seNkosi uJesu, futhi wayephakanyiselwe ukwethula ubufakazi ngeNkosi uJesu.

Ngosuku Lwesithathu, Amazwi KaNkulunkulu Adala Umhlaba Nezilwandle, Negunya LikaNkulunkulu Lenza Umhlaba Uchichime Ngokuphila

Okulandelayo masifunde umusho wokuqala kuGenesise 1:9-11: “Futhi uNkulunkulu wathi, Amanzi angaphansi kwezulu mawaqoqeke ndawonye, bese kub...