Amalebula

6/08/2018

Isahluko 55. Ungakuhlukanisi Lokho UNkukulunkulu Anakho Nayikho

    Incwadi, Izwi Livela Lisenyameni inothe kakhulu ngokuqukethwe. Amanye amagama akule ncwadi ayisiprofetho futhi abikezela indlela eziyoba ngayo izinkathi esikhathini esizayo. Empeleni iziprofetho zimane ziwuhlaka oluvamile, futhi ingxenye enkulu yale ncwadi ikhuluma ngokungena kwabantu ekuphileni, idalula ubunjalo bomuntu, futhi ikhuluma ngokuqonda uNkulunkulu nesimo Sakhe. Ngokuqondene nokuthi yiziphi izinkathi, zingaki izinkathi nokuthi indawo enjani isintu esizongena kuyo esikhathini esizayo, ingabe lukhona yini uhlelo olucacile, zikhona yini izinkomba ezikhethekile futhi ngaphezu kwalokho sikhona yini isikhathi esinqunyiwe? Lokho kusho ukuthi, azidokwe ligayelwe wena izinkathi zesikhathi esizayo. Okwamanje asikafiki isikhathi futhi usekude kakhulu ukufika kuso. Ubungeke ukwazi ukuqonda ngisho noma bekungathiwa ngiyakutshela. Ngaphandle kwalokho, abantu akudingeki baqonde lezi zinto manje. Abakudingayo nje okwamanje ukuqonda amazwi embula isimo sesintu. Uma abantu abathile bephinde bebuza mayelana nezimfihlakalo, ungaphendula ngendlela elandelayo: “Lezi zinto azisho lutho olutheni nokushintsha kwesimo sempilo yabantu. Zama ukuqonda okuningi ngokusemandleni akho, kodwa uma wehluleka ukuqonda, mane ukucabange ngendlela ofuna ngayo!” Esikhathini esidlule, kuneziprofetho ezakhulunywa, njengesoMbuso Weminyaka Eyinkulungwane, ukungena ekuphumuleni kukaNkulunkulu nabantu, neziphathelene neNkathi Yezwi. Wonke amazwi esiprofetho aphathelene nezikhathi ezizofika ngokushesha; lawo angabaluliwe ayizinto ezisekude ukufika. Akudingeki nifunde lezi zinto okusekude ukuba zifike; ngeke nikwaziswe okungafanele nikwazi; lokho okufanele nikwazi yiqiniso elivela kuNkulunkulu—ngokwesibonelo, isimo sikaNkulunkulu esivezwe kubantu, lokho uNkulunkulu anakho nayikho okwembulwe amazwi kaNkulunkulu, isahlulelo, ukusolwa, nokwambulwa kwesimo somuntu, nendlela yokuphila enikezwe abantu, ngoba umsebenzi wokusindisa abantu emnyombweni wawo uhlanganisa lezi zinto. Injongo kaNkulunkulu yokukhuluma lezi zinto lapho enza umsebenzi wokubusa isintu ngokuyinhloko ukunqoba nokusindisa abantu, nokushinstsha isimo sabantu. Okwamanje iNkatho Yezwi inkathi engokoqobo, inkathi lapho iqiniso linqoba futhi lisindisa umuntu; kusazoba namazwi amaningi azolandela—kuningi okungakakhulunywa. Abanye abantu bacabanga ukuthi lawa ukuphela kwamazwi akhulunywe uNkulunkulu—lokhu kuyiphutha elikhulu, ngoba umsebenzi weNkathi Yezwi usanda kuqala eShayina, kodwa asemaningi amazwi azokhulunywa ngemva kokubonakala kukaNkulunkulu kubantu nokwenza umsebenzi Wakhe esikhathini esizayo. Ukuthi izoba njani iNkathi Yombuso, linjani ikusasa lokungena kwesintu, kuzokwenzekani lapho kungenwa kulelo kusasa, kuzoba njani ukuphila kwabantu ngaleso sikhathi, uzoba kuliphi izinga umuzwa wabantu, ubuholi obunjani nohlobo olunjani lwezinto ezizodingeka, njll., konke lokho kuyingxenye yomsebenzi weNkathi Yezwi. UNkulunkulu oyikho konke akakhona lokho okucabangayo okusencwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni. Ingabe amazwi athi isimo sikaNkulunkulu, nathi umsebenzi kaNkulunkulu, angaba lula ngendlela ocabanga ngayo? UNkulunkulu oyikho konke, okuyo yonke indawo, onamandla onke, nophakeme kakhulu, akuwona amazwi angasho lutho—uma amazwi kaNkulunkulu akule ncwadi enkulu emelela konke ngoNkulunkulu, futhi uma la mazwi eqeda konke ukubusa kukaNkulunkulu, lokhu kusho ukuthi umbukela phansi kakhulu uNkulunkulu; lokho akusho yini ukuhlukanisa uNkulunkulu futhi? Kumele wazi ukuthi la magama akha ingxenye encane kakhulu kaNkulunkulu oyikho konke. Zonke izinkolo ziye zahlukanisa uNkulunkulu ngeBhayibheli. Nani futhi niyamehlukanisa uNkulunkulu namuhla? Anazi yini ukuthi ukuhlukanisa uNkulunkulu kusho ukumehlisa uNkulunkulu? Ukuthi lokho kusho ukulahla nokuhlambalaza uNkulunkulu?

    Okwamanje, abantu abaningi bacabanga bathi, “Konke uNkulunkulu akukhulumile ezinsukwini zokugcina kusencwadini, Izwi Livela Lisenyameni, awekho amanye amazwi avela kuNkulunkulu; yilokho kuphela okukhulunywe uNkulunkulu.” Ukucabanga ngale ndlela kuyiphutha elikhulu! Incwadi, Izwi Livela Lisenyameni ikhuluma kuphela ngokuphela komsebenzi kaNkulunkulu wokunqoba eShayina, nokufinyelela kwawo ekupheleni, kodwa lokhu akusho ukuthi konke ukubusa kukaNkulunkulu kuphelile. Lapho usuphelile wonke umsebenzi womhlaba wonke, kungamane kuthiwe uhlelo lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha lokubusa luphelile; lapho uhlelo lokubusa luphela, ingabe kuyophela nangoNkulunkulu, kodwa kube kusenabantu, abasaphila emhlabeni wonke? Uma nje kusekhona okuphilayo, uhlelo lukaNkulunkulu lokubusa luyolokhu lusebenza. Njengasefektri, ukuphela kokukhiqizwa komkhiqizo owodwa akusho ukuthi ifektri izovala; uma nje kusadingeka ibe khona ifektri, izolokhu isebenza ifektri; kuzodingeka ifektri ibe nemikhiqizo emisha, kodwa ekhiqizwa ngenye indlela. Lapho kuphela uhlelo lokubusa lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, uma nje besakhona abantu, kunokuphila, kunempilo, nalo mhlaba wonke, uNkulunkulu uzolokhu ekubusa konke, kodwa ngeke kusabizwa ngohlelo lokubusa lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha. Manje sikubiza ngokubusa kukaNkulunkulu. Mhlawumbe kuzobizwa ngegama elihlukile esikhathini esizayo; kuyoba okunye ukuphila esintwini nakuNkulunkulu; uNkulunkulu ngeke esasebenzisa amazwi afanayo ukuhola abantu, njengoba la mazwi efaneleka kule nkathi yesikhathi kuphela. Ngakho, ngaso sonke isikhathi ungawuhlukanisi umsebenzi kaNkulunkulu. Abanye bathi uNkulunkulu unikeza abantu la mazwi kuphela, akukho okunye; ukuthi uNkulunkulu angakhuluma la mazwi kuphela—nalokhu futhi kulinganisela uNkulunkulu kokuthile kuphela. Lokhu kufana nokuthi, manje, eNkathini Yombuso, sisebenzise amazwi angenkathi kaJesu—kungafaneleka yini lokho? Amanye amazwi angasebenza, futhi amanye kudingeka aqedwe, ngakho awunakusho ukuthi amazwi kaNkulunkulu akanakuqedwa nhlobo. Ingabe abantu bazimisele ukuhlukanisa izinto? Kwezinye izindawo, bayakwenza. Mhlawumbe ngelinye ilanga uzofunda incwadi ethi Izwi Livela Lisenyameni ngendlela abantu abafunda ngayo iBhayibheli namuhla, ungahambisani nezinyathelo zikaNkulunkulu. Manje yisikhathi esifanele sokufunda incwadi ethi Izwi Livela Lisenyameni; ukuyifunda sekwephuzile kuyofana nokufunda ikhalenda elidala eseliphuphile, ngoba kuyobe kunokuthile okusha esikhundleni sokudala ngaleso sikhathi. Izidingo zabantu ziyakhiwa futhi zithuthukiswe ngokomsebenzi kaNkulunkulu. Ngaleso sikhathi, isimo sesintu, nemizwelo nezimfanelo abantu okufanele babe nako ngandlela thile kuyobe kushintshile; ngemva kokushintsha kwale lizwe, izidingo zesintu ziyoshintsha. Abanye bayazibuza: “Ingabe uNkulunkulu uzokhuluma kamuva?” Abanye bazophetha ngokuthi “UNkulunkulu ngeke akhulume, ngoba umsebenzi Wakhe uphelile, futhi lapho umsebenzi weNkathi Yezwi uphela, akukho okunye okungashiwo, futhi wonke amanye amazwi ayobe engamanga.” Akulona yini iphutha nalokhu? Kulula ngesintu ukwenza iphutha lokuhlukanisa uNkulunkulu; umuntu uthambekela ekunamatheleni kokwedlule, bese enza imingcele kuNkulunkulu. Ngokusobala akamazi uNkulunkulu, futhi usalwa nokuhlukanisa umsebenzi kaNkulunkulu. Ngokwemvelo uyaqhosha! Umuntu uhlale efisa ukubambelela emibonweni emidala yesikhathi esedlule, egcina izinto zakudala ngokuzilondoloza enhliziyweni yakhe, futhi azisebenzise njengeziyisisekelo kuye, unokuqhosha kanye nokuzigabisa, ucabanga futhi ukuthi uqonda yonke into, futhi usahlukanisa umsebenzi kaNkulunkulu ngokunganaki. Ingabe ngalokhu, akahluleli uNkulunkulu? Ngaphezu kwalokho, umuntu akacabangi ngomsebenzi kaNkulunkulu omusha, okubonisa ukuthi kunzima kuye ukwamukela izinto ezintsha, kodwa ngokungaqondi usaqhubeka nokuhlukanisa uNkulunkulu; umuntu uzigabisa kakhulu ngaphandle kwesizathu, akalaleli muntu, futhi akamukeli ngisho namazwi kaNkulunkulu. Injalo-ke imvelo yomuntu: uqhosha ngokuphelele futhi uzibona elungile, futhi akafuni nakancane ukulalela. Lapho begweba uJesu, abaFarisi babefana nokuthi bathi: Ngisho noma ubuqinisile, bengingeke ngikulandele Wena—uJehova kuphela onguNkulunkulu weqiniso. Namuhla, abekho yini abantu abathi: “UnguKristu? Angeke ngimlandele Yena ngisho noma bekuthiwa unguKristu ngempela!” Ngabe abantu abanje bakhona? Yebo, kunabantu abaningi benkolo abanjalo. Lokhu kubonisa isimo sokonakala okukhulu somuntu, ukuthi ungalĂ© kwensindiso.

    Phakathi kwabangcwele ezinkathini, uMose noPetru kuphela ababemazi ngempela uNkulunkulu, badunyiswa uNkulunkulu; nokho, babengamqonda uNkulunkulu? Baphinde babamba okuncane. Nabo ngokwabo abazange balokothe bathi bayamazi uNkulunkulu. Labo abamazi ngempela uNkulunkulu abamhlukanise Yena, ngoba bayaqaphela ukuthi akalinganiseki futhi akanakulinganiswa uNkulunkulu. Yilabo abangamazi uNkulunkulu abavame ukumhlukanisa nalokho anakho nayikho, bayazicabangela nje ngoNkulunkulu, kalula bazakhele imibono ethile ngakho konke okwenziwe uNkulunkulu. Ngakho, labo abakholelwa ukuthi bayamazi uNkulunkulu yibo abamelana kakhulu noNkulunkulu, futhi bangabantu abasengozini enkulu.

    umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana

Ngosuku Lwesithathu, Amazwi KaNkulunkulu Adala Umhlaba Nezilwandle, Negunya LikaNkulunkulu Lenza Umhlaba Uchichime Ngokuphila

Okulandelayo masifunde umusho wokuqala kuGenesise 1:9-11: “Futhi uNkulunkulu wathi, Amanzi angaphansi kwezulu mawaqoqeke ndawonye, bese kub...