Konke kuhlelwa yisandla Sami. Ngubani onesibindi sokwenza njengokuthanda kwakhe? Ngubani ongakuguqula kalula? Abantu bazintantela emoyeni, behamba nothuli njengokuhamba kwalo, ubuso babo bungcolile, bubenza babe babi kusukela ekhanda kuya ozwaneni. Ngibuka ngisemafini ngenhliziyo esindayo: Kungani umuntu, obephuphuma umfutho, eguqukile ekubeni nje? Kungani-ke engakunakile lokhu, elukhuni futhi ngakho? Kungani “ezidedela ahambe” bese ezivumela ukuthi embozwe ukungcola? Lokho kungukungabi naluthando kwakhe nokungazihloniphi yena uqobo.
Amalebula
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula uthando. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula uthando. Bonisa konke okuthunyelwe
3/23/2018
Izwi Lamashumi Amathathu Nesishiyagalombili
Kukho konke osekubonwe isintu awukho umfanekiso wami, noma akekho ohola ngamazwi Ami, ngakho ngilokhu ngihlale ngigwema umuntu ngiqhelile ngase ngiyasuka kuye. “Ngenyanya ukungalaleli kwesintu. Angazi ukuthi kungani. Kubonakala sengathi ngazonda abantu ukusuka ekuqaleni, kodwa ngiyabazwela kakhulu. Ngakho umuntu ubheka Kimi ngezinhliziyo ezimbili, ngoba ngiyamthanda umuntu, futhi ngiyamzonda umuntu.” Ubani phakathi kwabo okhombisa ukuqonda uthando Lwami? Futhi ubani ongaqonda ukuzonda Kwami? Emehlweni Ami, umuntu uyinto efile, akaphili, kungathi bayizichuse ezimile phakathi kwazo zonke izinto Ngezinye izikhathi ukungalaleli komuntu kuvusa intukuthelo Yami kuye. Ngenkathi ngisaphila phakathi kwabantu, uma ngivela ngokungazelele bebemamatheka kancane, ngoba bebelokhu bengifuna ngesazelo, kungathi bengidlala nabo emhlabeni.
Izwi LamaShumi Amane
Abantu bagxila kukho konke engikwenzayo, okungathi sengizokwehlisa amazulu, futhi bahlala bedideka ngezenzo Zami, okungathi engikwenzayo abakuqondi. Kanjalo, bagqugquzelwa Yimi kukho konke abakwenzayo, besaba ukuthi bazolicasula Izulu bese belahlelwa “ezweni labafayo.” Angizami ukubamba abantu, kodwa ngenza ukuntula kwabo kube yikho okuqondwe umsebenzi Wami. Ngalesi sikhathi, bajabule kakhulu, bese bethembela Kimi. Uma ngibapha, abantu bangithanda njengoba bezithanda bona, kodwa uma kukhona engikucelayo kubo, bayangibalekela.
3/22/2018
Izwi Lamashumi Amane Nesihlanu
Ngake ngakhetha izimpahla ezisezingeni eliphezulu ukuba zibe sendlini Yami, ukuze kuzo kube nomcebo ongaqhathaniseki, ngalokho bewuzohlotshiswa, lapho ngiyithole khona injabulo. Kodwa ngenxa yesimo sengqondo somuntu Kimi, kanye nangenxa yezisusa zabantu, angibanga nakho okunye ebengingakwenza ngaphandle kokuwubeka eceleni lo msebenzi ngenze omunye. Ngizosebenzisa izisusa zomuntu ukuba ngifeze umsebenzi Wami, ngizongenelela zonke izinto ukuba zingisebenzele, bese ngenza indlu Yami ukuthi ingabi nosizi nomzwangedwa ngesizathu salokho. Ngake ngaqaphela kubantu: konke okwakuyinyama negazi kwakungenalutho, akukho neyodwa into eyasizwa isibusiso sobukhona Bami. Abantu bahlala nazo izibusiso kodwa abazi ukuthi babusiseke kanjani. Uma izibusiso Zami kumuntu bezingekho kuze kube namuhla, ngubani kubantu obengaphila kuze kube yilesi sikhathi samanje engashabalalanga? Ukuthi umuntu uyaphila yisibusiso Sami, futhi kusho ukuthi uphila nazo izibusiso Zami, ngoba kwasekuqaleni wayengenalutho, ngoba kwasekuqaleni wayengenamali ukuba aphile phakathi komhlaba nezulu; namuhla ngiyaqhubeka nokumsiza umuntu, kungenxa yalokhu kodwa futhi ukuthi umuntu uyema phambi Kwami, enenhlanhla ukuphunyula ekufeni.
Izwi Lamashumi Amane Nesithupha
Angazi ukuthi abantu bakahle kangakanani ekwenzeni amazwi Ami abe yisesekelo sobukhona babo. Ngibe nalo njalo ixhala ngesigcino somuntu, kodwa abantu babukeka bengakuqondi lokhu—ngaleso sizathu-ke, abakaze bazinake izenzo Zami, futhi alukaze lwakheke noma yiluphi uthando kubo ngenxa yokuziphatha Kwami kumuntu. Kungathi bawukhiphe kudala umuzwa ojulile wokuba banelise inhliziyo Yami. Ekubhekweni yilezi zimo, ngiyaphinda futhi ngiyathula. Kungani amazwi Ami engakufanele ukunakwa ngabantu, ukuba angeniswe futhi? Ngabe kungoba “angiyena ongokoqobo” futhi ngizama ukubabamba abantu? Kungani abantu njalo “bengiphatha ngokwahlukile”? Ngabe angemukeleki egumbini Lami elivelele? Kungani, uma izinto sezifike ezingeni ezikulo namhlanje, abantu basangibuka ngendlela ehlukile? Ngabe kunephutha endleleni engiziphethe ngayo kumuntu? Namuhla, ngiqalile umsebenzi ngaphezu kwemikhathi.
2/18/2018
Izwi Lamashumi Amabili Nane
Ukusola Kwami kuza phezu kwabo bonke abantu, kodwa kubuye kuhlale kukude nabo bonke abantu. Yonke impilo yomuntu ngamunye igcwele uthando nenzondo ebhekiswe Kimi, futhi akekho oke wangazi - ngakho Kimi indlela umuntu aziphatha ngayo iyashintshashintsha, futhi ayikwazi ukuba sesimweni esijwayelekile. Selokhu nginakekela ngivikela umuntu kungenxa nje yobuwula bakhe ukuthi angakwazi ukubona zonke izenzo Zami nokuqonda izinhloso Zami ezinentshisekelo. Ngingophambili kuwo wonke amazwe, noPhezulu kunabo bonke abantu; kwenziwa nje ukuthi umuntu akangazi.
2/11/2018
Ihubo lombuso
Abantu bayangihalalisela, abantu bayangidumisa; yonke imilomo ibiza igama likaNkulunkulu oyedwa weqiniso, bonke abantu baphakamisa amehlo ukubuka izenzo zaMi. Umbuso wehlela emhlabeni, ubuntu Bami bucebile bunenala. Ngubani ongekuthokozele lokhu? Ngubani ongesine ngentokozo ngalokhu? O, Siyoni! Phakamisa ifulegi lakho lokunqoba ungidumise! Huba ingoma yakho yokunqoba usabalalise igama laMi elingcwele. Nonke zinto ezisemhlabeni! Manje zingcweliseleni Mina ngemihlatshelo! Zinkanyezi esibhakabhakeni! Manje phindelani ezindaweni zenu nikhombise ubukhulu baMi esibhakabhakeni. Ngilalela amazwi abantu emhlabeni, bethulula uthando olungenamkhawulo nokungihlonipha ngomculo! Kulolu suku, njengoba zonke izinto zivuseleleka, ngiyeza ukuzonyathela emhlabeni. Kulo mzuzu, izimbali ziyaqhakaza, izinyoni ziyacula, zonke izinto zigcwele injabulo! Phakathi kwenhlokomo yokukhuleka embusweni, umbuso kaSathane uyabhidlika, udilizwa yingoma ezamazamisayo yehubo elikhulu lombuso. Ngeke uphinde uvuke futhi!
Izwi Lesithathu
Njengoba nibizwa ngabantu Bami nje, izinto azisenjengoba zazinjalo; kumele nilalele futhi nihloniphe izinto ezishiwo uMoya Wami, nilandele eduze umsebenzi Wami, ningehlukanise uMoya Wami nenyama Yami, ngoba Simunye ngokwendalo, kasehlukene neze. Noma ngubani ohlukanisa uMoya nomuntu, enze umuntu noma uMoya ube yigugu kuye, uzolahlekelwa, aphethe ngokuphuza enkomishini yakhe ebabayo—yilokho kuphela okushiwoyo.
Bhalisa ku:
Okuthunyelwe (Atom)
Ngosuku Lwesithathu, Amazwi KaNkulunkulu Adala Umhlaba Nezilwandle, Negunya LikaNkulunkulu Lenza Umhlaba Uchichime Ngokuphila
Okulandelayo masifunde umusho wokuqala kuGenesise 1:9-11: “Futhi uNkulunkulu wathi, Amanzi angaphansi kwezulu mawaqoqeke ndawonye, bese kub...
-
Okulandelayo masifunde umusho wokuqala kuGenesise 1:9-11: “Futhi uNkulunkulu wathi, Amanzi angaphansi kwezulu mawaqoqeke ndawonye, bese kub...
-
ENkathini Yomusa, iNkosi uJesu yathembisa abalandeli Bayo, “ Ngiyonilungisela indawo. Futhi uma ngihamba ngiyonilungisela indawo, ngizophin...
-
Ake sifunde isiqephu sesibili saseBhayibhelini: “Futhi uNkulunkulu wathi, Makube khona umkhathi phakathi kwamanzi, futhi awuhlukanise amanz...