Manje sekumele niphokophelele ukuba abantu bakaNkulunkulu, bese niqala ukungena ngokuphelele endleleni eyiyo. Ukuba ngabantu bakaNkulunkulu kusho ukungena eNkathini YoMbuso. Namuhla, niqala ukungena ngokusemthethweni ekuqeqeshelweni umbuso, kanti nezimpilo zenu zekusasa zizoyeka ukuhuduleka njengasekuqaleni; izimpilo ezinjalo angeke zikwazi ukufinyelela emazingeni adingwa uNkulunkulu.
Amalebula
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula IZINCWAD. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula IZINCWAD. Bonisa konke okuthunyelwe
3/13/2018
6. Indlela Engacishe Ngaba Ngayo Yintombi Eyisiwula
ULi Fang, EChina
Ngokwindla wango-2002, uDadewethu uZhao ovela ehlelweni lami, iBandla Leqiniso, waletha umshana wakhe, uDadewethu uWang, ekhaya lami ukuzongitshela izindaba ezinhle zokuthi iNkosi yase ibuyile. Ngemva kwezinsuku ezimbalwa zokufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla nokulalela ukuhlanganyela okuchaza kahle kukadadewethu, ngaqonda kahle ukuthi kusukela ekudalweni kwezwe kuze kube manje uNkulunkulu wenze izigaba ezintathu zomsebenzi ukuze asindise isintu.
3/08/2018
UNkulunkulu Anganeliswa Kuphela Yilabo Abamaziyo Nabazi Umsebenzi Wakhe
Umsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu uhlanganisa izingxenye ezimbili. Okokuqala nje, lapho eba inyama, abantu abazange bamkholwe noma bamazi, futhi bambethela esiphambanweni uJesu. Okwesibili futhi, abantu abazange bamkholwe, abazange bamazi futhi baphinda bambethela uKristu esiphambanweni.
Okukhethwe Eziqeshini Ezine Zezwi LikaNkulunkulu Esihlokweni esithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni”
1. ENkathini Yomusa, uJohane walungiselela uJesu indlela. Wayengeke akwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu uqobo futhi wamane wafeza umsebenzi womuntu. Nakuba uJohane alungisela iNkosi indlela, wayengeke amele uNkulunkulu; wayengumuntu nje kuphela owayesetshenziswa uMoya oNgcwele. Ngemva kokubhabhathizwa kukaJesu, “uMoya oNgcwele wehlela Kuye njengejuba.” Wabe eseqala umsebenzi Wakhe, okungukuthi, waqala ukwenza inkonzo kaKristu. Yingakho athatha isimo sikaNkulunkulu, ngoba wayevela kuNkulunkulu. Kungakhathaleki ukuthi lwalunjani ukholo Lwakhe ngaphambi kwalokhu—mhlawumbe ngezinye izikhathi lwaluntekenteke kokunye luqinile—konke lokho kwakuwukuphila Kwakhe kokuba umuntu ojwayelekile ngaphambi kokuba enze inkonzo Yakhe.
Okukhethwe Eziqeshini Ezine Zezwi LikaNkulunkulu Esihlokweni esithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni”
1. ENkathini Yomusa, uJohane walungiselela uJesu indlela. Wayengeke akwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu uqobo futhi wamane wafeza umsebenzi womuntu. Nakuba uJohane alungisela iNkosi indlela, wayengeke amele uNkulunkulu; wayengumuntu nje kuphela owayesetshenziswa uMoya oNgcwele. Ngemva kokubhabhathizwa kukaJesu, “uMoya oNgcwele wehlela Kuye njengejuba.” Wabe eseqala umsebenzi Wakhe, okungukuthi, waqala ukwenza inkonzo kaKristu. Yingakho athatha isimo sikaNkulunkulu, ngoba wayevela kuNkulunkulu. Kungakhathaleki ukuthi lwalunjani ukholo Lwakhe ngaphambi kwalokhu—mhlawumbe ngezinye izikhathi lwaluntekenteke kokunye luqinile—konke lokho kwakuwukuphila Kwakhe kokuba umuntu ojwayelekile ngaphambi kokuba enze inkonzo Yakhe.
Umsebenzi Ngenkathi Yomthetho
Umsebenzi uJehova awenza kuma-Israyeli wamisa phakathi kwesintu indawo kaNkulunkulu yokudabuka emhlabeni, indawo Yakhe engcwele lapho Aye khona. Wawugcina umsebenzi wakhe kubantu bakwa-Israyeli. Ekuqaleni, Akazange asebenze ngaphandle kwakwa-Israyeli; kunalokho, Wakhetha abantu Abathola befanelekile ukuze anciphise ububanzi bomsebenzi Wakhe. Kwa-Israyeli indawo lapho uNkulunkulu adala u-Adamu no-Eva, futhi othulini lwaleyo ndawo, uJehova wenza umuntu; isizinda somsebenzi Wakhe emhlabeni. Abakwa-Israyeli, ababeyinzalo kaNowa no-Adamu, babeyisisekelo somsebenzi kaJehova emhlabeni.
Yazi Umsebenzi Wakamuva KaNkulunkulu Bese Ulandela Ezinyathelweni ZikaNkulunkulu
Manje sekumele niphokophelele ukuba abantu bakaNkulunkulu, bese niqala ukungena ngokuphelele endleleni eyiyo. Ukuba ngabantu bakaNkulunkulu kusho ukungena eNkathini YoMbuso. Namuhla, niqala ukungena ngokusemthethweni ekuqeqeshelweni umbuso, kanti nezimpilo zenu zekusasa zizoyeka ukuhuduleka njengasekuqaleni; izimpilo ezinjalo angeke zikwazi ukufinyelela emazingeni adingwa uNkulunkulu.
3/01/2018
EZwini LikaNkulunkulu USomandla, Ngithole Indlela Yami Yempilo
UNovo ePhillippines
Igama lami nginguNovo, ngingumFiliphi. Kusela ngisemncane, ngangikholwa uNkulunkulu nomama wami. Ngangiya enkonzweni nabafowethu nodadewethu siyolalela izintshumayelo. Nakuba ngangikholwa yiNkosi iminyaka eminingi, ngangizizwa sengathi angikholwa. Ngaphakathi enhliziyweni yami, usuku lonke, ngangiye ngicabange ukuthi ngingayihola kanjani imali eningi ngiphile impilo engcono. Ngaphezu kwalokho, ngangike ngiye kophuza nabangani. Uma ngike ngaba nemali eningi, ngiyohamba ngiye kogembula.
UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Komuntu
Kusuka ngomzuzu ufika ukhala kulo mhlaba uqala ukuwenza umsebenzi wakho . Uqala ukubamba iqhaza lakho ohlelweni nasogcotshweni lukaNkulunkulu. Uqala uhambo lokuphila. Akukhathaliseki ukuthi usuka kuphi nokuthi uhlalelwe yiluphi uhambo, akekho ongaphunyukwa uhlelo olubekwe yiZulu, futhi akekho olawula isiphetho sakhe, yilowo obusa zonke izinto kuphela ongakwazi ukwenza lowo msebenzi. Kusukela ngosuku umuntu aba khona ngalo, uNkulunkulu yilokhu eme waqina emsebenzini Wakhe, ephethe indawo yonke futhi elawula ukuguquka nokunyakaza kwayo yonke. Njengazo zonke izinto, umuntu ngaleya kokuqaphela, ulokhu ondliwa ngobumtoti nemvula namazolo okuvela kuNkulunkulu.
2/11/2018
Ihubo lombuso
Abantu bayangihalalisela, abantu bayangidumisa; yonke imilomo ibiza igama likaNkulunkulu oyedwa weqiniso, bonke abantu baphakamisa amehlo ukubuka izenzo zaMi. Umbuso wehlela emhlabeni, ubuntu Bami bucebile bunenala. Ngubani ongekuthokozele lokhu? Ngubani ongesine ngentokozo ngalokhu? O, Siyoni! Phakamisa ifulegi lakho lokunqoba ungidumise! Huba ingoma yakho yokunqoba usabalalise igama laMi elingcwele. Nonke zinto ezisemhlabeni! Manje zingcweliseleni Mina ngemihlatshelo! Zinkanyezi esibhakabhakeni! Manje phindelani ezindaweni zenu nikhombise ubukhulu baMi esibhakabhakeni. Ngilalela amazwi abantu emhlabeni, bethulula uthando olungenamkhawulo nokungihlonipha ngomculo! Kulolu suku, njengoba zonke izinto zivuseleleka, ngiyeza ukuzonyathela emhlabeni. Kulo mzuzu, izimbali ziyaqhakaza, izinyoni ziyacula, zonke izinto zigcwele injabulo! Phakathi kwenhlokomo yokukhuleka embusweni, umbuso kaSathane uyabhidlika, udilizwa yingoma ezamazamisayo yehubo elikhulu lombuso. Ngeke uphinde uvuke futhi!
Izwi Lesithathu
Njengoba nibizwa ngabantu Bami nje, izinto azisenjengoba zazinjalo; kumele nilalele futhi nihloniphe izinto ezishiwo uMoya Wami, nilandele eduze umsebenzi Wami, ningehlukanise uMoya Wami nenyama Yami, ngoba Simunye ngokwendalo, kasehlukene neze. Noma ngubani ohlukanisa uMoya nomuntu, enze umuntu noma uMoya ube yigugu kuye, uzolahlekelwa, aphethe ngokuphuza enkomishini yakhe ebabayo—yilokho kuphela okushiwoyo.
Izwi Lesibili
Ukulandela ukwenza ngendlela entsha, kuzoba nezinyathelo ezintsha emsebenzini waMi Njengoba kunjalo embusweni, ngizokwenza izinto ngobunkulunkulu ngokuqondile, ngihole isinyathelo ngasinye endleleni, ngibheke kahle yonke imininingwane, kungekho konakala ngezinhloso zabantu. Okulandelayo kukhombisa izindlela zokwenza ngempela: Njengoba kungobunzima nangokulungiswa ukuze bazuze isihloko “abantu,” futhi njengoba bengabantu bombuso waMi, kufanele ngibabambe ngezidingo ezibopha ngamandla, ezingaphezu kwezindlela zomsebenzi waMi wezizukulwane eszedlule.
Izwi Lokuqala
Ingabe labo abafakaza ngamazwi Ami bawamukela ngempela? Ingabe ningazi ngempela? Ingabe niye nafunda impela ukulalela? Ingabe nizikhandla ngobuqotho Ngami? Ingabe niye naqina, nangahoxi ekufakazeni Ngami ebusweni bukadrago omkhulu obomvu? Ingabe ukuzinikela kwenu kumlulaza ngempela udrago omkhulu obomvu? Kungokwenza amazwi Ami kuphela lapho ngingakwazi khona ukufinyelela umgomo Wami wokucwenga ibandla kanye nokukhetha labo abangithanda ngeqiniso.
2/08/2018
12. Ngesikhathi Sesigameko Ngabona Ukuvikela KukaNkulunkulu
UYongxin, Idolobha IYibin,Isifundazwe ISichuan
Sasingakaze sikholwe kuNkulunkulu ngaphambilini. Ngowezi-2005, siphakanyiswe wuNkulunkulu, umyeni wami, ubabezala, umalume, nami sonke samukela umsebenzi kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina. Kungekudala, ibandla langihlelela umsebenzi wokugcina izincwadi ziphephile. Kamuva, umuzi wethu waba semlilweni, futhi ngesikhathi salo mlilo semukela ukuvikela kukaNkulunkulu okumangalisayo. UNkulunkulu impela unguMninimandla onke.
13. Imbubhiso Ngokuphazima Kweso
—IQingping Township esesiFundazweni saseSichuan yanyamalala kabili ngenxa yokudelela kwayo ivangeli likaNkulunkulu uSomandla lezinsuku zokugcina
UJing Wei, wasesiFundazweni saseSichuan
Ngesikhathi sokuzamazama okukhulu komhlaba okwenzeka mhla ziyi-12 kuMeyi, 2008, kwanyamalala idolobha lonke: Leyo kwakuyi-Qingping Township endaweni kamasipala waseMianzhu esiFundazweni sase-Sichuan. Ngenxa yokucinywa kolwazi uhulumeni, lena akuyona into eyaziwa abantu abaningi.
UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele X
UNkulunkulu Uwumthombo Wokuphila Kwazo Zonke Izinto (IV)
Namuhla sidlulisa umlayezo onesihloko esikhethekile. Kinina ninonke, zimbili kuphela izinto okumele nizazi, nizibandakanye nazo niphinde niziqonde—yiziphi-ke lezo zinto? Eyokuqala yindlela umuntu angena ngayo empilweni, eyesibili ukwazi uNkulunkulu. Namuhla ngikupha ithuba lokukhetha: Khetha okukodwa.
UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VIII
UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Kwazo Zonke Izinto (II)
Masiqhubekeni nesihloko sengxoxo sangesikhathi esidlule. Ningasikhumbula isihloko esasikhulume ngaso ngesikhathi esidlule? (UNkulunkulu ungumthombo wokuphila kwazo zonke izinto.) Isihloko esithi “uNkulunkulu ungumthombo wokuphila kwazo zonke izinto,” ingabe sizwakala sikude nani? Ukhona ongangitshela iphuzu elisemqoka lalesi sihloko esikhulume ngaso ngesikhathi esidlule? (Ngokudala kukaNkulunkulu zonke izinto, ngiyabona ukuthi uNkulunkulu unakekela zonke izinto futhi anakekele nesintu.
Bhalisa ku:
Okuthunyelwe (Atom)
Ngosuku Lwesithathu, Amazwi KaNkulunkulu Adala Umhlaba Nezilwandle, Negunya LikaNkulunkulu Lenza Umhlaba Uchichime Ngokuphila
Okulandelayo masifunde umusho wokuqala kuGenesise 1:9-11: “Futhi uNkulunkulu wathi, Amanzi angaphansi kwezulu mawaqoqeke ndawonye, bese kub...
-
Okulandelayo masifunde umusho wokuqala kuGenesise 1:9-11: “Futhi uNkulunkulu wathi, Amanzi angaphansi kwezulu mawaqoqeke ndawonye, bese kub...
-
ENkathini Yomusa, iNkosi uJesu yathembisa abalandeli Bayo, “ Ngiyonilungisela indawo. Futhi uma ngihamba ngiyonilungisela indawo, ngizophin...
-
Ake sifunde isiqephu sesibili saseBhayibhelini: “Futhi uNkulunkulu wathi, Makube khona umkhathi phakathi kwamanzi, futhi awuhlukanise amanz...