Amalebula

Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula uNkulunkulu esimweni somuntu. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula uNkulunkulu esimweni somuntu. Bonisa konke okuthunyelwe

6/01/2019

Isahluko 21

Emehlweni kaNkulunkulu, abantu banjengezilwane emhlabeni wezilwane. Bayalwa, babulalane futhi baxhumane nabanye ngokumangalisayo.

5/18/2019

Isenezelo 1: Isahluko 1

Engicela ukuba nikwenze akuyona nje into engephatheke nengacacile engenalutho engikhuluma ngayo, akuyona futhi into engecatshangwe wubuchopho bomuntu noma into engenakufezwa yinyama yomuntu.

5/17/2019

Isahluko 10


















Ngesikhathi sokwakhiwa kwebandla, uNkulunkulu wayethuka nje ekhuluma ngokwakhiwa kombuso. Nalapho ekhuluma ngakho, wayekwenza ngolimi lwesikhathi sokwakhiwa kwebandla.

5/10/2019

Isahluko 5






















Abantu bayadideka ngamazwi kaNkulunkulu lapho bebona ukuthi uNkulunkulu usenze isenzo esikhulukazi emkhakheni womoya, into umuntu angenakuyenza, engenziwa kuphela nguNkulunkulu uqobo.

2/28/2019

South African Gospel Music "Isizwe Nesizwe Sikhonza Unkulunkulu Usomandla" | Welcome the Return of the Savior




South African Gospel Music "Isizwe Nesizwe Sikhonza Unkulunkulu Usomandla" | Welcome the Return of the Savior

Ngobusuku obabugcwele izinkanyezi esibhakabhakeni, obungenamsindo nobunokuthula, iqembu lamaKristu lilinde ngobuqotho ukubuya koMsindisi licula futhi lidansela umculo omnandi.

12/06/2018

South African Gospel Music 2018 "UNkulunkulu Osesimweni Somuntu Wezinsuku Zokugcina Wenza Umsebenzi Wamazwi"




South African Gospel Music 2018 "UNkulunkulu Osesimweni Somuntu Wezinsuku Zokugcina Wenza Umsebenzi Wamazwi"

I
UNkulunkulu osesimweni somuntu wezinsuku zokugcina
uphetha iNkathi Yomusa futhi ukhuluma amazwi aphelelisa nakhanyisayo,
amazwi asusa imiqondo engacacile ngoNkulunkulu enhliziyweni yomuntu.
UJesu wenza umsebenzi owawehlukile.
Wenza izimangaliso futhi welapha abagulayo,
washumayela ivangeli lombuso wezulu,
futhi wabethelwa ukuze ahlenge bonke abantu.

11/12/2018

South African Gospel Song "UNkulunkulu Usesimweni Somuntu Ukuze Nje Anqobe USathane Futhi Asindise Sonke Isintu"





South African Gospel Song "UNkulunkulu Usesimweni Somuntu Ukuze Nje Anqobe USathane Futhi Asindise Sonke Isintu"

I
Ngesikhathi salokhu ukuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu emhlabeni,
wenza umsebenzi Wakhe phakathi kwabantu.
Wonke lo msebenzi unenhloso eyodwa – ukunqoba uSathane ongudeveli.

10/24/2018

Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (4)

Kusho ukuthini ukupheleliswa? Kusho ukuthini ukunqotshwa? Yini umuntu okufanele ayenze ukuze anqotshwe? Futhi yini okufanele ayenze ukuze apheleliswe?

10/21/2018

Imfihlakalo Yokuba Senyameni (3)

Lapho uNkulunkulu enza umsebenzi Wakhe, akezeli ukuzokwenza izakhiwo noma izinhlangano; uzela ukuzogcwalisa inkonzo Yakhe.

Imfihlakalo Yokuba Senyameni (2)

Ngesikhathi uJesu esebenzela eJudiya, wayesebenza obala, kodwa manje, ngisebenza futhi ngikhulume nani ekusithekeni.

Imfihlakalo Yokuba Senyameni (1)

ENkathini Yomusa, uJohane walungiselela uJesu indlela. Wayengeke akwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu uqobo futhi wamane wafeza umsebenzi womuntu.

10/19/2018

Umsebenzi Nokungena (10)

Ukuthi isintu sithuthuke kuze kube yilapha kuyisimo esingakaze sibonwe. Umsebenzi kaNkulunkulu kanye nokungena komuntu kuqhubeka ngokubambisana, ngakho umsebenzi kaNkulunkulu, nawo, uyisehlakalo esikhulu ngokungenakulinganiswa.

10/03/2018

South African Gospel Song “UNkulunkulu Osesimweni Somuntu Usebenza Ngokuthula Ukusindisa Umuntu”



South African Gospel Song “UNkulunkulu Osesimweni Somuntu Usebenza Ngokuthula Ukusindisa Umuntu”

I
UNkulunkulu waba yinyama, wahlala efihlekile phakathi kwabantu
ukuze enze umsebenzi omusha, asisindise enkohlakalweni.
Ugodla incasiselo.

10/01/2018

South African Gospel Song “Umsebenzi Wenyama NoMoya Kungokwengqikithi Efanayo”




South African Gospel Song “Umsebenzi Wenyama NoMoya Kungokwengqikithi Efanayo” Ihubo Lamazwi kaNkulunkulu

I
UMoya kaNkulunkulu uphethe igunya phezu kwayo yonke into.
Inyama Yakhe nengqikithi Yakhe, amandla kusafana.
UNkulunkulu osenyameni usengenza imisebenzi Yakhe eminingi okufanele ayenze.<

3/17/2018

Umehluko Phakathi Kwenkonzo KaNkulunkulu Onesimo Somuntu kanye Nomsebenzi Womuntu

Kumele ufinyelele ekwazini umbono womsebenzi kaNkulunkulu futhi ubambe indlela ejwayelekile umsebenzi Wakhe ohamba ngayo. Lokhu wukungena ngendlela elungile. Uma sewazi amaqiniso ngokuphelele ngombono, ukungena kwakho kuzovikeleka ngempela; noma umsebenzi Wakhe ungashintsha kangakanani, awuzukushintsha enhliziyweni yakho, ucaceleke ngombono, futhi uzoba nomgomo ngokungena kwakho kanye nalokho okulandelayo.

Umehluko Obalulekile Phakathi KukaNkulunkulu Ongumuntu Kanye Nabantu Abasetshenziswa UNkulunkulu






















Iminyaka eminingi uMoya kaNkulunkulu ubefuna ngokungaphezi njengoba esebenza emhlabeni. Ezinkathini eziningi uNkulunkulu usesebenzise abantu abaningi kakhulu ukwenza umsebenzi Wakhe.

1/29/2018

Ingabe Uyazi? UNkulunkulu Wenze Into Enkulu Phakathi Kwabantu

umsebenzi kaNkulunkulu,uNkulunkulu esimweni somuntu,
















Inkathi endala seyidlulile, futhi inkathi entsha seyifikile. Unyaka nonyaka, usuku nosuku, uNkulunkulu usenze umsebenzi omkhulu. Wafika emhlabeni wabuye wawushiya ngesikhathi esifanele. Umjikelezo onjalo sewuqhubekile ezizukulwaneni eziningi.more--> Kulolu suku, uNkulunkulu uyaqhubeka ukwenza njengakuqala umsebenzi okufanele awenze, umsebenzi okusafuneka awuqedele, ngoba kuze kube namhlanje, akakangeni ekuphumuleni. Kusukela esikhathini sokudala kuze kube namuhla, uNkulunkulu usenze umsebenzi omningi, kodwa bewazi ukuthi umsebenzi uNkulunkulu awenzayo namuhla mningi kunakuqala futhi isilinganiso sawo sikhulu kakhulu? Yingakho ngithi uNkulunkulu wenze into enkulu phakathi kwabantu. Wonke umsebenzi kaNkulunkulu ubaluleke kakhulu, noma kumuntu noma kuNkulunkulu, ngoba yonke into ngomsebenzi Wakhe iphathelene nomuntu.

Njengoba umsebenzi kaNkulunkulu ungenakubonwa noma uzwakale, kungasaphathwa ukuthi ubonwe ngumhlaba, ungaba kanjani into enkulu-ke? Into enjani ongayibheka uthi inkulu? Ngokuqinisekile akekho ongaphikisa ukuthi wonke umsebenzi kaNkulunkulu kungathiwa mkhulu, kodwa ngisho ngani ukuthi umsebenzi uNkulunkulu awenzayo manje unjalo? Uma ngithi uNkulunkulu wenze into enkulu, lokhu ngokungangabazeki kuphathelene nezimfihlo eziningi umuntu angakaziqondi. Asikhulume ngazo manje.

UJesu wazalelwa emkhombeni ngesikhathi esasingakwazi ukumela ubukhona Bakhe, kodwa umhlaba awukwazanga ukuma endleleni Yakhe, futhi waphila phakathi kwabantu iminyaka engamashumi amathathu nantathu ngaphansi kokunakekelwa nguNkulunkulu. Kuleyo minyaka eminingi yempilo, wazizwela umunyu wasezweni futhi wayizwa impilo yosizi emhlabeni. Wathatha isibopho esinzima sokubethelwa ukuze ahlenge sonke isintu. Wahlenga zonke izoni ezazikade ziphila ngaphansi kwkokubusa kaSathane, futhi ekugcineni, umzimba Wakhe owawuvukile wabuyela endaweni Yakhe yokuphumula. Manje umsebenzi omusha kaNkulunkulu sewuqalile, futhi uyisiqalo senkathi entsha. UNkulunkulu uletha endlini Yakhe labo abahlengiwe ukuqala umsebenzi Wakhe omusha wensindiso. Ngalesi sikhathi, umsebenzi wensindiso wenzisiswa kakhulu kunangaphambilini. Ngeke wenziwe uMoya oNgcwele esebenza kumuntu ukumvumela ukuthi aziguqukele, futhi ngeke wenziwe ngomzimba kaJesu uvela phakathi kwabantu, futhi ngeke wenziwe nakancane ngenye indlela. Kunalokho, umsebenzi uzokwenziwa futhi uqondiswe uNkulunkulu osenyameni uqobo. Lokhu kwenziwa ukuholela umuntu emsebenzini omusha. Akuyona into enhle kakhulu leyo? UNkulunkulu akawenzi lo msebenzi ngengxenye yabantu noma ngeziprofetho, kodwa ngoNkulunkulu uqobo Lwakhe. Abanye bangathi akuyona into enkulu lena futhi ngeke ilethele umuntu injabulo enkulu. Noma kunjalo, ngizothi kuwe umsebenzi kaNkulunkulu akumane uyilokhu nje, kodwa uyinto enkulu kakhulu nokunye okuningi.

Manje, uNkulunkulu ufika ezokwenza umsebenzi hhayi esemzimbeni kamoya kodwa esemzimbeni ojwayelekile. Akuyiwo kuphela umzimba kaNkulunkulu wokuba senyameni kwesibili, kodwa futhi umzimba uNkulunkulu abuya ekuwo. Uyinyama ejwayelekile kakhulu. Kuye, awukwazi ukubona into ehlukile kweyabanye, kodwa ungathola Kuye amaqiniso ongakaze uwezwe ngaphambilini. Le nyama engabalulekile iwukuhlanganiswa kwawo wonke amazwi eqiniso avela kuNkulunkulu, lokho okwenza umsebenzi kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina kanye nokuvezwa kwaso sonke isimo sikaNkulunkulu ukuze umuntu agcine esazi. Awuzange ube nesifiso esikhulu sokubona uNkulunkulu osezulwini? Awuzange ube nesifiso esikhulu ukuqonda uNkulunkulu ezulwini? Awuzange ufise kakhulu ukubona isiphetho sesintu? Uzokutshela zonke lezi zimfihlo okungekho muntu oke wakwazi ukukutshela zona, futhi uzokutshela namaqiniso ongawaqondi. Uyisango lakho lokungena embusweni, nomqondisi wakho ekungeneni enkathini entsha. Inyama ejwayeleke kanjalo iqukethe izimfihlakalo ezingenakwaziwa. Izenzo Zakhe zingaqondakali kuwe, kodwa umgomo wawo wonke umsebenzi awenzayo wenele ukuthi ubone ukuthi akayona nje inyama njengoba umuntu ekholwa. Ngoba umele intando kaNkulunkulu kanye nokunakekela okukhonjiswa uNkulunkulu esintwini ezinsukwini zokugcina. Nakuba ungawezwa amazwi awakhulumayo okungathi ashukumisa amazulu nomhlaba noma ubone amehlo Akhe njengamalangabi alangukayo, futhi nakuba ungakuzwa ukuqondisa kwenduku yensimbi Yakhe, ungezwa emazwini Akheulaka lukaNkulunkulu futhi wazi ukuthi uNkulunkulu ukhombisa ububele esintwini; ungasibona isimo esilungile sikaNkulunkulu nokuhlakanipha Kwakhe, futhi ngaphezu kwalokho, ubone ukukhathazeka nokunakekela uNkulunkulu anakho ngesintu. Umsebenzi kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina ukuvumela umuntu ukubona uNkulunkulu osezulwini ephila phakathi kwabantu emhlabeni, futhi nokwenza umuntu ukuthi azi, alalele, ahloniphe, futhi athande uNkulunkulu. Yingakho ebuyele enyameni okwesibili. Nakuba lokho umuntu akubonayo namuhla kunguNkulunkulu ofana nomuntu, uNkulunkulu onekhala kanye namehlo amabili, futhi uNkulunkulu ongamangalisi, ekugcineni uNkulunkulu uzokukhombisa ukuthi ngaphandle kokuba khona kwalo muntu, izulu nomhlaba kungabhekana noguquko olumangalisayo; ngaphandle kokuba khona kwalo muntu, izulu lingafiphala, umhlaba ungaphenduka isiphithiphithi, futhi sonke isintu singaphila endlaleni nezifo ezibhubhisayo. Uzokukhombisa ukuthi ngaphandle kwensindiso kaNkulunkulu osenyameni ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu ngabe kade abhubhisa sonke isintu esihogweni; ngaphandle kokuba khona kwale nyama, ubuyohlala njalo uyinkosi yezoni nezidumbu ingunaphakade. Kufanele wazi ukuthi ngaphandle kokuba khona kwale nyama, sonke isintu besizobhekana nenhlekelele engenakugwemeka futhi sithole kunzima ukuphunyuka esijezisweni sikaNkulunkulu esinzima kakhulu ezinsukwini zokugcina. Ngaphandle kokuzalwa kwale nyama ejwayelekile, nonke benizoba sesimweni lapho ukuphila nokufa kungasafiki akukhathaleki ukuthi nikufuna kanjani; ngaphandle kokuba khona kwale nyama, ngalolu suku ubungeke ukwazi ukwemukela iqiniso futhi uze ngaphambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu. Kunalokho, ubuyojeziswa nguNkulunkulu ngenxa yezono zakho ezimbi kakhulu. Uyazi? Ukuba ubengabuyelanga uNkulunkulu enyameni, akekho obezoba nethuba lokusindiswa; futhi ukuba beyingezanga le nyama, uNkulunkulu ngabe kade ayiqeda inkathi endala. Kanjalo, usengakuchitha ukuba senyameni kukaNkulunkulu okwesibili? Njengoba ungazuza kakhulu kangaka kulo muntu ojwayelekile, kungani ungamamukeli Yena kalula?

Umsebenzi kaNkulunkulu yilokhu ongeke wakuqonda. Uma ungaqondi noma isinqumo sakho silungile futhi ungazi noma umsebenzi kaNkulunkulu ungaphumelela, kungani ungazami inhlanhla yakho futhi ubone noma lomuntu ojwayelekile uwusizo olukhulu kuwena, nokuthi uNkulunkulu wenze umsebenzi omkhulu. Kepha, kufanele ngikutshele ukuthi ngesikhathi sikaNowa, abantu babekade bedla futhi bephuza, beshada futhi beshadisa kwaze kwafika ezingeni lokuthi kungabe kusabekezeleka kuNkulunkulu ukuba akubone, ngakho wathumela uzamcolo omkhulu ukubhubhisa isintu futhi washiya kuphela umndeni kaNowa wabayisishagalombili nazo zonke izinhlobo zezinyoni nezilwane. Ezinsukwini zokugcina, kepha, labo abayogcinwa nguNkulunkulu yilabo abebethembekile Kuye kuze kube sekugcineni. Nakuba zombili kwakuyizikhathi zenkohlakalo enkulu engabekezeleki ukuba ayibone uNkulunkulu, futhi isintu ezinkathini zombili sasikhohlakele ngendlela yokuthi saphika uNkulunkulu njengeNkosi, bonke abantu esikhathini sikaNowa babhujiswa nguNkulunkulu. Isintu ezinkathini zombili samdabukisa kakhulu uNkulunkulu, kepha uNkulunkulu uselokhu enesineke nabantu ezinsukwini zokugcina kuze kube manje. Kungani kunjalo? Awukaze ukucabange lokhu? Uma ungazi ngempela, ake ngikutshele. Isizathu uNkulunkulu ekwazi ukubaphatha ngomusa abantu ezinsukwini zokugcina akukona ukuthi bakhohlakele kancane kunabantu bangesikhathi sikaNowa noma ukuthi bakhombise ukuphenduka kuNkulunkulu, kungasaphathwa ukuthi uNkulunkulu ngeke akubekezelele ukubhubhisa abantu ezinsukwini zokugcina lapho ubuchwepheshe sebuthuthuke kakhulu. Kunalokho, ukuthi uNkulunkulu unomsebenzi adinga ukuwenza eqoqweni labantu ezinsukwini zokugcina futhi lokhu kuzokwenziwa nguNkulunkulu osenyameni uqobo. Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu uzokhetha ingxenye yaleli qembu njengalabo abakhethelwa insindiso, isithelo sohlelo Lwakhe lokuphatha, futhi alethe labo bantu enkathini elandelayo. Ngakho, akukhathaleki ukuthi yini, le ntengo enkulu kangaka ekhokhwe uNkulunkulu yonke ibingamalungiselelo omsebenzi wokuthatha Kwakhe wokuba senyameni Kwakhe ezinsukwini zokugcina. Konke onakho namhlanje kungenxa yale nyama. Yingoba uNkulunkulu uyaphila enyameni yingakho unethuba lokuphila. Yonke le nhlanhla itholakale ngenxa yalo muntu ojwayelekile. Hhayi lokhu kuphela, kodwa ekugcineni zonke izizwe zizomkhonza lo muntu ojwayelekile, ziphinde zibonge futhi zilalele lo muntukazana. Ngoba Nguye olethe iqiniso, ukuphila kanye nendlela yokusindisa isintu sonke, nokudambisa ukungqubuzana phakathi kukaNkulunkulu nomuntu, osondelanisa uNkulunkulu nomuntu kakhudlwana, futhi oxhumanisa imicabango phakathi kukaNkulunkulu nomuntu. Nguye futhi oselethe udumo olukhulu nakakhulu kuNkulunkulu. Akafanele umuntu ojwayelekile njengaloukuthenjwa nokuthandwa nguwe? Ayifanele inyama ejwayelekile njengale ukubizwa ngoKristu? Ngeke kwenzeke ukuthi umuntu ojwayelekile onjalo abe ukuvezwa kukaNkulunkulu phakathi kwabantu? Akakufanele umuntu onjalo osiza isintu ukuthi siphephe enhlekeleleni ukuthandwa nokugonwa nguwe? Uma ulahla amaqiniso aphuma emlonyeni Wakhe futhi unyanya ukuba khona Kwakhe phakathi kwenu, siyoba yini isiphetho sakho?

Wonke umsebenzi kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina wenziwa ngalo muntu ojwayelekile. Uzobeka konke phezu kwakho, futhi, ngaphezu kwalokho, anganquma yonke into ngawe. Umuntu onjalo angaba njengoba ukholwa: umuntu ojwayeleke ngendlela yokuthi akafanele ukushiwo? Iqiniso Lakhe alanele ukukukholisa ngokuphelele? Ukubona izenzo Zakhe akwanele ukukukholisa ngokuphelele? Noma ukuthi indlela akuholela kuyo, ayifanelekile ukuthi uyilandele? Yini le ekwenza uzizwe umzonda, uphinde umlahle futhi umbalekele? Nguye oveza iqiniso, Nguye onika iqiniso futhi Nguye owenza ukuthi ube nendlela ozoyihamba. Kungenzeka ukuthi namanje awuziboni izimpawu zomsebenzi kaNkulunkulu kula maqiniso? Ngaphandle komsebenzi kaJesu, isintu ngabe asizange sehle esiphambanweni, kodwa ngaphandle kokuba senyameni namuhla, labo abehle esiphambanweni bebengeke bamukeleke kuNkulunkulu noma bangene enkathini entsha. Ngaphandle kokufika kwalo muntu ojwayelekile, ubungeke ube nethuba noma ufaneleke ukubona ubuso bangempela bukaNkulunkulu, ngoba nonke niyilabo ebekufanele ukuthi babhujiswa kudala. Ngenxa yokufika kokuba senyameni kwesibili kukaNkulunkulu, uNkulunkulu usekuxolele futhi wakukhombisa umusa. Noma kunjalo, amazwi okufanele ngikushiye nawo ekugcineni kuseyilawa: Lo muntu ojwayelekile, onguNkulunkulu osenyameni, ubaluleke ngokusemqoka kuwe. Yinto enkulu uNkulunkulu aseyenzile phakathi kwabantu.

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Ngosuku Lwesithathu, Amazwi KaNkulunkulu Adala Umhlaba Nezilwandle, Negunya LikaNkulunkulu Lenza Umhlaba Uchichime Ngokuphila

Okulandelayo masifunde umusho wokuqala kuGenesise 1:9-11: “Futhi uNkulunkulu wathi, Amanzi angaphansi kwezulu mawaqoqeke ndawonye, bese kub...