Amalebula

2/28/2019

South African Gospel Music "Isizwe Nesizwe Sikhonza Unkulunkulu Usomandla" | Welcome the Return of the Savior




South African Gospel Music "Isizwe Nesizwe Sikhonza Unkulunkulu Usomandla" | Welcome the Return of the Savior

Ngobusuku obabugcwele izinkanyezi esibhakabhakeni, obungenamsindo nobunokuthula, iqembu lamaKristu lilinde ngobuqotho ukubuya koMsindisi licula futhi lidansela umculo omnandi. Lapho bezwa izindaba ezijabulisayo “UNkulunkulu usebuyile” nezithi “UNkulunkulu usekhulume amazwi amasha” bayamangala futhi bayajabula. Bayacabanga: “UNkulunkulu usebuyile? Usevelile?” Ngokulangazelela nangokungaqiniseki, omunye emva komunye, baqala uhambo lokufuna amazwi amasha kaNkulunkulu. Ekufuneni kwabo okukhandlayo, abanye abantu baba nemibuzo ekubeni abanye bamukela kalula. Abanye abantu bayabuka bangasho lutho, ekubeni abanye babeka imibono bese befuna izimpendulo eBhayibhelini———bayabuka kodwa ekugcineni akutheli zithelo…. Lapho sebeqala bephelelwa khona amandla, ufakazi ubalethela ikhophi yeBhayibheli yeNkathi Yombuso, bese bedonsekela emazwini encwadi. Uhlobo luni lwencwadi kanti lolu? Sebewatholile amazwi amasha akhulunywe uNkulunkulu kuleyo ncwadi? Sebekwamukele ukuvela kukaNkulunkulu?

Isizwe Nesizwe Sikhonza Unkulunkulu Usomandla

I
Ngale sikhathi, uNkulunkulu ufika ukuzokwenza umsebenzi hhayi esemzimbeni kamoya kodwa esemzimbeni ojwayelekile. Akuve nje kuphela kuwumzimba kaNkulunkulu wesiwombe sesibili sokuthatha Kwakhe umzimba womuntu, kodwa umzimba uNkulunkulu abuya ekuwo. Kuyinyama ejwayelekile kakhulu. Kuye, awuboni into ehlukile kunabanye, kodwa ungathola Kuye amaqiniso ongakaze uwezwe ngaphambilini. Le nyama engabalulekile iwukuhlanganiswa kwawo wonke amazwi eqiniso avela kuNkulunkulu, lokho okwenza umsebenzi kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina, kanye nokuvezwa kwaso sonke isimo sikaNkulunkulu ukuze umuntu agcine esazi. Awuzange ube nesifiso esikhulu sokubona uNkulunkulu ezuluwini? Awuzange ube nesifiso esikhulu ukuqonda uNkulunkulu ezuluwini? Awuzange ufise kakhulu ukubona isiphetho sesintu? Uzokutshela zonke lezi zimfihlo ezingakaze zidalulwe, futhi uzokutshela namaqiniso ongawaqondi. Uyisango lokungena embusweni, nomqondisi wakho ukungena enkathini entsha.
II
Umzimba ojwayelekile kanjalo uqukethe izimanga ezingenakwaziwa. Imisebenzi Yakhe ingabonakala ingaqondakali kuwe, kodwa umgomo wawo wonke umsebenzi Awenzayo, wenele ukuthi ubone ukuthi akayona nje inyama njengoba umuntu ekholelwa. Ngoba umele intando kaNkulunkulu kanye nokunakekela okwakhonjiswa uNkulunkulu mayelana nesintu ezinsukwini zokugcina. Ngoba umele intando kaNkulunkulu kanye nokunakekela okwakhonjiswa uNkulunkulu mayelana nesintu ezinsukwini zokugcina. Nakuba ungawezwa amazwi Awakhulumayo okungathi ashukumisa amazulu nomhlaba noma ubone amehlo Akhe njengamalangabi alangukayo, futhi nakuba ungakuzwa ukuqondisa kwentonga yensimbi Yakhe, ungezwa emazwini Akhe isankahlu sikaNkulunkulu. futhi wazi ukuthi uNkulunkulu Ukhombisa ububele esintwini; ungasibona isimo esilungile sikaNkulunkulu futhi ngaphezu kwalokho, ubone ukukhathazeka nokunakekela 

Unyazi LwaseMpumalanga, IBandla likaNkulunkulu uSomandla lasungulwa ngenxa yokuvela nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla, ukubuya kwesibili kweNkosi uJesu, uKristu wezinsuku zokugcina. Lakhiwe yibo bonke labo abawamukelayo umsebenzi kaNkulunkulu uSomandla ezinsukwini zokugcina futhi banqotshwa basindiswa ngamazwi Akhe. Lasungulwa ngokuphelele nguNkulunkulu uSomandla ngokwakhe futhi liholwa Nguye njengoMalusi. Nakanjani, alisungulwanga umuntu. UKristu uyiqiniso, indlela, nokuphila. Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje uhlala ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuba uNkulunkulu usevelile.

Awekho amazwana:

Thumela amazwana

Ngosuku Lwesithathu, Amazwi KaNkulunkulu Adala Umhlaba Nezilwandle, Negunya LikaNkulunkulu Lenza Umhlaba Uchichime Ngokuphila

Okulandelayo masifunde umusho wokuqala kuGenesise 1:9-11: “Futhi uNkulunkulu wathi, Amanzi angaphansi kwezulu mawaqoqeke ndawonye, bese kub...