Amalebula

2/07/2018

UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VI

IBandla likaNkulunkulu uSomandla,UNkulunkulu uSomandla,Unyazi Iwasempumalanga

Ubungcwele bukaNkulunkulu (III)
  Nizizwa kanjani emuva kokusho imithandazo yenu? (Sithokozile futhi sithintekile kakhulu.) Masiqale ingxoxo yethu.< Ingabe isiphi isihloko esixoxe ngaso sigcina? (Ubungcwele bukaNkulunkulu.) Futhi ingabe iyiphi ingxenye kaNkulunkulu Uqobo Lwakhe, ubungcwele bukaNkulunkulu obuphathelene nayo? Ingabe buphathelene nobukhona bukaNkulunkulu? (Yebo.) Ngakho yini ngempela indaba ephathelene nobukhona bukaNkulunkulu? Ingabe ubungcwele bukaNkulunkulu? (Yebo.) Ubungcwele bukaNkulunkulu: lobu ubukhona bukaNkulunkulu obuyingqayizivele. Bekuyini indikimba esemqoka esixoxe ngayo okokugcina? (Ukuqonda ukukhohlakala kukaSathane.) Futhi sitheni sigcina mayelana nokukhohlakala kukaSathane? Ingabe nisakhumbula? (Ukuthi uSathane wonakalisa kanjani isintu. Usebenzisa ulwazi, isayensi, isiko lendabuko, inkolelo-ze, kanye nezinkambiso eziphathelene nabantu ukusonakalisa.) Kunjalo, lesi bekuyisihloko esisemqoka esikhulume ngaso okokugcina. USathane usebenzisa ulwazi, isayensi, inkolelo-ze, isiko lendabuko, kanye nezinkambiso eziphathelene nabantu ukonakalisa umuntu; lezi izindlela uSathane onakalisa ngazo umuntu. Ingabe zingaki lezi zindlela sezi zonke? (Zinhlanu.) Iziphi izindlela ezinhlanu? (Isayensi, ulwazi, isiko lendabuko, inkolelo-ze, kanye nezinkambiso eziphathelene nabantu.) Ingabe iyiphi ocabanga ukuthi uSathane uyisebenzisa kakhulu ukonalakisa umuntu, into ebonakalisa kanzima kunazo zonke? (Isiko lendabuko.) Abanye odadewethu nabafowethu bacabanga ukuthi isiko lendabuko. Uthini omunye? (Ulwazi.) Sengathi unezinga eliphakame lo lwazi. Ingabe ukhona omunye? (Ulwazi.) Nawe unombono ofanayo. Abafowethu nodadewethu abathe isiko lendabuko, ningasitshela ukuthi kungani nicabanga lokhu? Ingabe ninakho ukuliqonda okuthile? Ingabe anifuni ukuchaza ukuqonda kwenu? (Amafilosofi kaSathane, kanye nezimfundiso zikaConfusius noMencius zakhele zajula emiqondweni yethu, ngakho sizwa ukuthi lezi ziyasonakalisa ngokujule kakhulu.) Labo benu abathe ulwazi, ningachaza ukuthi kungani? Khulumani nisho izizathu zenu. (Ulwazi alusoze lwasivumela ukuba sikhuleke kuNkulunkulu. Luyakuphika ukubakhona kukaNkulunkulu, futhi luyakuphika ukubusa kukaNkulunkulu. Okungukuthi, ulwazi lusitshela ukuthi sifunde kusukela sisebancane ubudala, kanye nokuthi ngokufunda nokuzuza ulwazi kuphela ikusasa lethu nalokho esikudalelwe kuyoqiniseka. Ngale ndlela luyasonakalisa.) Ngakho uSathane usebenzisa ulwazi ukulawula ikusasa lenu nenikudalelwe, bese enidonsa ngekhala; lena indlela enicabanga ngayo ukuthi uSathane wonakalisa umuntu ngokujule kakhulu. Ngakho iningi lenu nicabanga ukuthi uSathane usebenzisa ulwazi ukonakalisa umuntu ngendlela ejule kakhulu. Ingabe zikhona ezinye? Nithini mayelana nesayensi noma nezinkambiso eziphathelene nabantu, ngokwesibonelo? Ingabe ukhona ovumelana nalezi? (Yebo.) Namhlanje ngizophinda ngixoxe ngezindlela ezinhlanu uSathane onakalisa umuntu ngazo futhi, uma sengiqedile, ngisazonibuza imibuzo ethile ukubona ukuthi kukuyiphi ingxenye ngempela lapho uSathane onakalisa umuntu ngokujule kakhulu. Niyasiqonda lesi sihloko, akunjalo?

  Ukonakalisa kukaSathane umuntu kuziveza ikakhulukazi ngezigaba ezinhlanu; lezi zigaba ezinhlanu ziyizindlela ezinhlanu uSathane onakalisa ngazo umuntu. Eyokuqala yalezi zindlela esikhulume ngayo ulwazi, ngakho-ke masithathe ulwazi kuqala njenge sihloko sengxoxo. USathane usebenzisa ulwazi njengesiyengo. Lalelisisa: Luwuhlobo nje lwesiyengo. Abantu bayayengwa ukuthi “bafunde ngokuzikhandla futhi bazithuthukise nsuku zonke,” bazihlomise ngolwazi, njengesikhali bese besebenzisa ulwazi ukuvula indlela eya kwisayensi; ngamanye amazwi, lapho uzuza ulwazi oluningi, yilapho uzoqonda kakhulu. USathane utshela abantu konke lokhu. USathane utshela abantu ukuthi bagcine imiqondo enokuqhosha futhi, ngesikhathi esifanayo lapho befunda ulwazi, ebatshela ukuthi babe nokulangazelela nemiqondo. Bengazi abantu, uSathane udlulisa imiyalezo eminingi enjalo, edala abantu ukuthi ngokungazi bacabange ukuthi lezi zinto zilungile, noma ziwusizo. Bengazi, abantu bahamba kulolu hlobo lo mgwaqo, beholwa phambili bengazi yimiqondo yabo kanye nokulangazelela kwabo uqobo. Isinyathelo ngesinyathelo, abantu bengazi bafunda olwazini abalunikwe nguSathane ukucabanga kwabantu abaphakeme noma abadumile, futhi bayemukele le mibono. Bafunda okunye nokunye ezenzweni zabanye abantu ababathatha “njengamaqhawe.” Kungenzeka nikwaazi okunye kwalokho uSathane agcizelela ukukufunela umuntu ezenzweni “zalamaqhawe,” noma lokhu afuna ukukufaka kugxile kumuntu. Ingabe yini uSathane afuna ukuyigxilisa kumuntu? Umuntu kufanele ashisekele izwe lakubo, abe nobuzwe obunobuqotho, futhi abe nobuqhawe. Ingabe yini umuntu ayifundayo ezindabeni zomlando ezithile noma izindaba ngabantu abathile abangamaqhawe? Ukuthi abe nokuthembeka siqu, noma enze noma yini eyenzela ushomi noma umngane. Phakathi kwalolu lwazi lukaSathane, engazi umuntu ufunda izinto eziningi, futhi ufunda izinto eziningi ezingezinhle. Phakathi kwalokungazi, imbewu abayilungiselelwa uSathane iyatshalwa emiqondweni yabo engavuthiwe. Le mbewu ibenza bazizwe befanele ukuba abantu abavelele, befanele ukuba nedumela, befanele ukuba ngamaqhawe, ukuba nentshisekelo ngezwe lakubo, babe ngabantu abayithandayo imindeni yabo, noma babe ngabantu abangenza noma yini benzela umngane futhi benokuthembeka siqu sabo. Beyengwe uSathane, bengazi bahamba emgwaqeni uSathane awulungiselele bona. Njengoba behamba kulo mgwaqo, bayaphoqeleka ukwemukela imigomo kaSathane yokuphila. Bengazi futhi nabo uqobo bengaqondi ngempela, bazakhela ngokwabo imigomo yokuphila yabo, kulapho kuyi migomo nje kuphela kaSathane egxishwe kubo ngempoqo. Ngesikhathi besafunda, uSathane ubenza bazakhele ezabo izinjongo, bazimisele izinjongo zabo zempilo, imigomo yokuphila, kanye nomzila empilweni, kanti ngaso sonke leso sikhathi ebe ebagxisha izinto zikaSathane, esebenzisa izindaba, esebenzisa izindaba ezibhalwe ngabantu abathile, esebenzisa zonke izindlela ezingabakhona ukwenza abantu ukuthi, kancane kancane, bathathe isiyengo. Ngale ndlela, abantu bazakhela siqu imisebenzana yokuchitha isizungu kanye nalokho abakushisekelayo ngesikhathi besafunda: Abanye bagcina bethanda imibhalo yezincwadi, abanye ezomnotho, abanye isayensi yezinkanyezi noma isifundo ngezendawo. Bese kuba khona labo abagcina bethanda ezombusazwe, abanye abathanda isayensi yezinto zemvelo, abanye isayensi yemithi yemvelo yomhlaba, futhi ngisho abanye abathanda isayensi ngoNkulunkulu nenkolo. Lezi zonke ziyingxenye yolwazi futhi nonke nike nahlangabezana nazo. Ezinhliziyweni zenu, nonke ngamunye niyazi ukuthi kuhamba kanjani ngalezi zinto, umuntu ngamunye uke wahlangabezana nazo ngaphambili. Mayelana nalezi zinhlobo zolwazi, noma ubani angakhuluma angaphezi ngolunye lwazo. Futhi kanjalo kuyacaca ukuthi lolu lwazi selungene lwajula kangakanani emqondweni womuntu, kukhombisa indawo ethathwe ilolu lwazi emqondweni womuntu kanye nokujula komphumela walo kumuntu. Lapho umuntu ethanda ingxenye yolwazi, lapho enhliziyweni yakhe umuntu eba nothando olujulile lweyodwa, kumane kwakheke imiqondo engazi: Abanye abantu bafuna ukuba abalobi, abanye bafuna ukuba ababhali, abanye bafisa ukuziphilisa ngokusebenza kwezombusazwe, futhi abanye bafuna ukusebenza kwezomnotho futhi babe osomabhizinisi. Bese kubakhona iqembu labantu abafuna ukuba amaqhawe, ukuvelela noma ukuduma. Akukhathaliseki ukuthi umuntu ufuna ukuba uhlobo olunjani lomuntu, injongo yabo ukuthatha le ndlela yokufunda ulwazi futhi bayisebenzisele izifiso zabo, ukufeza izifiso zabo, imiqondo yabo. Akukhathalisekile ukuthi izwakala kahle kanjani—bafuna ukufeza amaphupho abo, ukungayiphileli ize le mpilo, noma bafuna ukuba nomsebenzi okhethekile wokuziphilisa—bagcina le miqondo enokuqhosha kanye nabakulangazelelayo kodwa, empeleni, ingabe konke kungokwani? Ingabe nike nakucabanga lokhu ngaphambili? Ingabe kungani uSathane efuna ukwenza lokhu? Yini inhloso kaSathane, yokugxilisa lezi zinto kumuntu? Izinhliziyo zenu kufanele zicaciseleke ngalo mbuzo.

  Manje asikhulume ngokuthi uSathane ulusebenzisa kanjani ulwazi ukonakalisa umuntu? Kulokhu esesikhulume ngakho kuze kube manje, seniqalile ukubona izinjongo zikasathane ezimbi? (Kancane.) Kungani uSathane esebenzisa ulwazi ukonakalisa umuntu? Yini afuna ukuyenza kumuntu esebenzisa ulwazi? Ingabe uhola umuntu ukuba alandele muphi umgwaqo? (Ukumelana noNkulunkulu.) Impela okokumelana noNkulunkulu. Lona umphumela ongawubona wokufunda kwabantu ulwazi, kanye nomphumela owubonayo emuva kokufunda ulwazi—ukumelana noNkulunkulu. Ngakho ingabe iziphi izinjongo zikaSathane ezimbi? Anicaciselekile, akunjalo? Ngesikhathi sokufunda komuntu ulwazi, uSathane usebenzisa noma iyiphi indlela ukuze abantu benelise izinkanuko zabo siqu futhi bafeze okufiswa yizinhliziyo zabo siqu. Ingabe ucaciselekile ngomgwaqo uSathane afuna ukukuholela kuwo empeleni? Ngokuthambisa ulimi, abantu bacabanga ukuthi akukho lutho olungalungile ngokufunda ulwazi, ukuthi kuyindlela efanele. Bacabanga ukuthi ukuba nokufiswa yinhliziyo okuphakeme noma ukuba nokulangazelela kubizwa ngokuthi nje ukuba nentshisekelo, nokuthi lokhu kufanele kube yindlela elungile abantu ekufanele bayilandele empilweni. Uma abantu bengafeza okufiswa yizinhliziyo zabo, noma benze umsebenzi abawukhethile wokuziphilisa empilweni—ingabe akujabulisi yini kakhulu ukuphila ngaleyo ndlela? Ukungahloniphi okhokho kuphela ngaleyo ndlela kodwa ukubeka induku ebandla ngokuzenzela igama emlandweni—ingabe akuyona into enhle leyo? Lena yinto enhle futhi efanele emehlweni abantu basezweni. Ingabe uSathane, nokho, nezinjongo zakhe ezimbi, uthatha abantu kulolu hlobo lwendlela bese futhi enquma ukuthi useqedile? Cha bo. Eqinisweni, akukhathaliseki ukuthi okufiswa yinhliziyo yomuntu kuphakeme kangakanani, akukhathaliseki ukuthi zinamaqiniso kangakanani izifiso zomuntu noma zifaneleke kangakanani, konke umuntu afisa ukukufeza, konke lokho umuntu akufunayo kuxhumene ngokungena kuhlukaniswa namagama amabili. Lawa magama amabili abaluleke kakhulu empilweni yawo wonke umuntu, futhi lezi izinto uSathane ahlose ukuzifaka zigxile kubantu. Ingabe imaphi lamagama amabili? Elinye “udumo” futhi elinye “inzuzo”: Angudumo nenzuzo. USathane usebenzisa indlela enobuqili kakhulu, indlela ehambisana mathupha nokucabanga kwabantu; akuyona noma iyiphi nje indlela ehluke kakhulu kokujwayelekile. Phakathi kokungaqondi, abantu baze bayemukele indlela kaSathane yokuphila, imigomo yakhe yokuphila, bazimisele izinjongo zempilo kanye nendlela yabo empilweni, futhi ngokwenzenjalo baze babe nemiqondo abayiphokophele empilweni. Akukhathaliseki ukuthi lemiqondo ephokophelwe empilweni izwakala isezingeni eliphezulu kangakanani, iyizaba nje ezixhumene ngokungena kwehlukaniswa nodumo kanye nenzuzo. Noma imuphi umuntu ovelele noma onedumela, bonke abantu eqinisweni, noma yini abayilandelayo empilweni ihlobene nalamagama kuphela: “udumo” kanye “nenzuzo.” Akunjalo? (Yebo.) Abantu bacabanga ukuthi uma sebenodumo nenzuzo, bangayisebenzisela ukujabulela isikhundla esiphakeme kanye nengcebo enkulu, kanye nokuthokozela impilo. Uma sebenodumo nenzuzo, bangayisebenzisela ukuhamba befuna ukuzithokozisa kanye nokujabulisa inyama okungena mahloni. Abantu bayavuma, nakuba bengazi, ukuthatha imizimba yabo, imiqondo, konke abanakho, ikusasa labo kanye nalokho abakudalelwe bese bekunika sikaSathane ukuze bathole udumo nenzuzo abayifisayo. Abantu bakwenza lokhu ngaphandle ngisho kokuzindela okuncane, bengenalo ulwazi nhlobo mayelana nesidingo sokubuyiselwa konke. Ingabe abantu basengakwazi ukuba nanoma ikuphi ukuzithiba uqobo lwabo uma sebeye ecaleni lika Sathane ngale ndlela futhi baze bathembeka kuye? Abasoze. Sebelawulwa nguSathane ngokuphelele nya. Futhi abakwazi ngokuphelele nya ukuzikhulula obishini ababishe kulo. Uma umuntu esebishe odakeni lo dumo nenzuzo, ababe besafuna lokho okuwubukhazikhazi, lokho okulungileyo noma lezo zinto ezinhle futhi ezilungile. Lokhu yingoba amandla okuyenga udumo nenzuzo enawo phezu kwabantu makhulu kakhulu, futhi kuphenduka izinto abantu abazishisekelayo izimpilo zabo zonke futhi ngisho nephakade elingena kuphela. Akunjalo? Abanye abantu bazothi ukufunda kuwukufunda izincwadi noma ukufunda izinto ezimbalwa abangakazazi kuphela, bethi bakwenza lokhu ukuze bangadli ngokhezo oludala noma ukuze bangashiywa emuva yizwe. Bathi ulwazi lufundelwa kuphela ukuze bazondle, ngenxa yekusasa labo noma ngenxa yezidingo eziyisisekelo. Manje ungangitshela ukuthi kukhona umuntu ongabekezelela ishumi leminyaka lokufunda kanzima ngenxa yezidingo eziyisisekelo nje, ukuxazulula indaba yokudla nje? (Cha, akekho.) Abekho abantu abanjena! Ngakho yini lena abhekana nalezi zingqinamba noma ayihluphekela yonke leminyaka ukuyithola? Wudumo nenzuzo: Udumo nenzuzo kumlindele ngaphambili, kuyambiza, futhi ukholwa ukuthi kuphela ngokukhuthala, ubunzima nomshikashika wakhe siqu, angayilandela leyo ndlela futhi ngaleyo ndlela athole udumo nenzuzo. Kumele abhekane nalobu bunzima ngenxa yendlela yekusasa lakhe, ngenxa yokuthokoza kwakhe okuzayo kanye nempilo engcono. Ingabe ningangitshela ngempela ukuthi yini lolu lwazi mbumbulu? Akuyona yini imigomo yokuphila kanye nendlela empilweni egxiliswe uSathane kubantu, abayifundiswe uSathane ngesikhathi befunda ulwazi? Akuzona yini izimiso zempilo eziphakeme ezigxiliswe uSathane kumuntu? Thatha, isibonelo, imibono yabantu abavelele, ubuqotho balabo abanodumo noma umoya onesibindi wabantu abangamaqhawe, noma ukuhlonipha noma umusa wamaqhawe noma abangcweki ngenkemba kumanoveli ezombukiso wezokulwa; lemibono inethonya esizukulwaneni nesizukulwane, futhi abantu besizukulwane ngasinye benziwa ukuba bayemukele le mibono, ukuthi bayiphile le mibono futhi bayishisekele ngokungaphezi. Lena yindlela, umgudu, uSathane awusebenzisayo ukonakalisa umuntu. Ngakho emuva kokuthi uSathane eseholele abantu endleleni yodumo nenzuzo, ingabe kusengenzeka yini ukuthi bakholelwe kuNkulunkulu, bakhuleke Kuye? (Cha, kungenzeke.) Ingabe ulwazi nemigomo yokuphila egxiliswa uSathane kumuntu inawo noma imuphi umcabango wokukhuleka kuNkulunkulu? Ingabe iwuphethe yini noma imuphi umcabango weqiniso? (Cha, ayinayo.) Ingabe inalo noma iliphi iqiniso lokwesaba uNkulunkulu nokubalekela okubi? (Cha, ayinalo.) Ingathi nikhuluma ngokungaqiniseki, kodwa akunandaba. Funani iqiniso ezintweni zonke futhi niyozithola izimpendulo ezifanele; ingezimpendulo ezifanele kuphela lapho niyokwazi ukuhamba endleleni okuyiyona yona.

  Akesibuyekeze kancane futhi: Ingabe uSathane usebenzisani ukugcina umuntu evalelekile futhi elawulwa? (Udumo nenzuzo.) Ngakho uSathane usebenzisa udumo nenzuzo ukulawula imicabango yomuntu kuze kuthi konke angakucabanga wudumo nenzuzo. Balwela udumo nenzuzo, babhekana nobunzima ngenxa yodumo nenzuzo, babekezelela ukululazeka ngenxa yodumo nenzuzo, banikela konke abanakho ngenxa yodumo nenzuzo, futhi bangenza noma isiphi isahlulelo noma isinqumo ukugcina noma ukuthola udumo nenzuzo. Ngale ndlela uSathane ubopha umuntu ngamaketanga angabonakali. Lawa maketanga aboshwa emizimbeni yabantu, futhi abanawo amandla noma isibindi sokuwalahla. Ngakho abantu bayadavaza kanzima beya phambili, beboshwe ila maketanga bengazi. Ngenxa yalolu dumo nenzuzo, umuntu ugcina engasezwani noNkulunkulu futhi uyamkhapheza Yena. Ngasinye isizukulwane esidlulayo, isintu siya ngokukhohlakala kakhulu, siya siba nesinyama kakhulu, ngakho ngale ndlela isizukulwane emuva kwesinye siyabhubha odumweni nenzuzo kaSathane. Uma sibheka manje izenzo zikaSathane, ingabe yini izinjongo zakhe ezikhohlakele? Kucacile manje, akunjalo? Ingabe uSathane akanyanyeki? (Yebo!) Mhlawumbe namhlanje anikaboni ngale kwezinjongo ezikhohlakele zikaSathane ngoba nicabanga ukuthi ayikho impilo ngaphandle kodumo nenzuzo. Nicabanga ukuthi uma abantu beshiya udumo nenzuzo ngemuva, ngeke besayibona indlela ngaphambili, ngeke besakwazi ukubona izinjongo zabo, ikusasa labo liba mnyama, liyafiphala futhi liyadangala. Kodwa, kancane, niyobona ngelinye ilanga ukuthi udumo nenzuzo amaketanga amakhulukazi uSathane awasebenzisayo ukubopha umuntu. Kuze kube wusuku lapho uyokubona lokhu, uyomelana ngokuphelele nokulawulwa uSathane, futhi uyomelana ngokuphelele namaketanga uSathane awalethayo ukukubopha. Lapho isikhathi sesifika ukuba ufise ukulahla zonke izinto uSathane azigxilise kuwena, uyobe sewuphuma uphela kuSathane futhi uyokuzonda ngempela konke lokho uSathane ayekade ekulethe kuwe. Ilapho kuphela uyoba nothando nokulangazelela kwangempela uNkulunkulu; ilapho kuphela ungahamba endleleni yempilo eyiyona yona ushisekela iqiniso.

  Sisanda kukhuluma ngokuthi uSathane usebenzisa kanjani ulwazi ukonakalisa umuntu, ngakho okulandelayo masixoxe ngokuthi uSathane uyisebenzisa kanjani isayensi ukonakalisa umuntu. Okokuqala, ngokusebenzisa isayensi ukonakalisa umuntu, uSathane usebenzisa igama lesayensi ukwenelisa ilukuluku lomuntu, enelisa isifiso somuntu [a] ukuhlola isayensi nokuphenya izimfihlakalo. Futhi egameni lesayensi, uSathane wenelisa izidingo zomuntu eziphathekayo kanye nesidingo esikhulu sabantu ukunyusa njalo izinga lempilo yabo. Ngakho-ke uSathane, ngaleli gama, usebenzisa indlela yesayensi ukonakalisa umuntu. Ingabe ukucabanga komuntu noma imiqondo yabantu uSathane ayonakalisayo esebenzisa le ndlela yesayensi? Phakathi kwabantu kanye nezinto ezisezindaweni ezisizungezile esizibonayo nesihlangabezana nazo, yini enye uSathane asebenzisa isayensi ukuyonakalisa? (Imvelo.) Niqinisile. Kubonakala ongathi lokhu kunilimaze kakhulu, futhi kuniphathe kabi kakhulu. Ngaphandle kokusebenzisa isayensi ukukhohlisa umuntu, esebenzisa konke okutholakele neziphetho zesayensi ezinhlobonhlobo ukukhohlisa umuntu, uSathane ngaphandle kwesizathu usebenzisa isayensi futhi ukudala incithakalo nokuxhaphaza indawo yokuphila umuntu ayinikwa nguNkulunkulu. Ukwenza lokhu ngeqhinga lokuthi uma umuntu enza ucwaningo lwezesayensi, indawo yokuphila yomuntu izoya iba ngcono kakhulu futhi namazinga okuphila abantu azoqhubeka ethuthuka, nokuthi ngaphezu kwalokho, intuthuko yeze sayensi yenziwa ukuhlinzeka izidingo zansuku zonke zomuntu ezikhulayo kanye nesidingo esiqhubekayo sokunyusa izinga lempilo yabo. Uma kungeve kuyilezi zizathu, ngakho ikubuza ukuthi nenzani nje ukuthuthukisa isayensi. Lokhu kuyisisekelo somcabango kaSathane wokuthuthukiswa kwesayensi. Ingabe imiphi imiphumela, nokho, isayensi enayo kumuntu? Ingabe indawo esihlala kuyo eseduze iquketheni? Akukhona yini ukuthi umoya isintu esiwuphefumulayo ungcolisiwe? Ingabe amanzi esiwaphuzayo asahlanzekile ngempela? (Cha.) Kuthiwani-ke ngokudla esikudlayo, iningi lakho ingabe kuyimvelo? (Cha.) Ingabe kuyini-ke? Kukhuliswa ngokusebenzisa umanyolo futhi kutshalwa kusetshenziswa ukushintshwa kwezakhi zofuzo, futhi kukhona nokuguquka kwezakhi zofuzo okwenzeka ngokusebenzisa izindlela zesayensi ezihlukahlukene, kuze ngisho imifino nezithelo esizidlayo akusezona ezemvelo. Akuselula manje kubantu ukuthola imikhiqizo yokudla abangayidla engaguqulwanga. Ngisho amaqanda akasanambitheki njengoba ayenjalo ngaphambili, asedlule kwinqubo yesayensi-mbumbulu kaSathane. Uma sibuka sekukonke, umkhathi sewuwonke sewonakele futhi wangcoliswa; izintaba, amachibi, amahlathi, imifula, ulwandle, kanye nakho konke okungaphezulu noma ngaphansi komhlabathi konakaliswe yizimpumelelo zalesayensi-mbumbulu. Nakuba bebaningi abantu abakutholile abebekulindele mayelana nezinga lempilo abalifunayo, benelisa izinkanuko kanye nenyama yabo, indawo lapho umuntu ehlala khona ibhubhile futhi yonakala ngempela “izimpumelelo” ezinhlobonhlobo ezilethwe yisayensi. Ngisho ngaphandle noma emakhaya ethu manje asisenalo ilungelo lokuphefumula umphefumulo owodwa womoya ohlanzekile. Tshela Mina, ingabe usizi lwesintu lolu? Ingabe isekhona noma iyiphi injabulo umuntu angakhuluma ngayo yomuntu ukuthi aphile kulendawo yokuhlala? Umuntu uphila kulendawo yokuhlala futhi, kusukela ekuqaleni uqobo, lendawo yokuhlala yadalwa uNkulunkulu eyidalela umuntu. Amanzi abantu abawaphuzayo, umoya abantu abawuphefumulayo, ukudla abantu abakudlayo, izitshalo, izihlahla, kanye nezilwandle—lendawo yokuphila yonke uNkulunkulu wayinika umuntu; iyimvelo, isebenza ngokuhambisana nomthetho wemvelo owabekwa nguNkulunkulu. Uma bekungekho isayensi, futhi abantu babe ngajabulela lokho okwanikwa umuntu ngendlela kaNkulunkulu, bebezothokoza futhi bebengajabulela yonke into isesimweni sayo esihle kakhulu sasekuqaleni. Manje, nokho, konke lokhu sekumoshwe futhi konakaliswa nguSathane; indawo yomuntu yokuhlala yasekuqaleni ayisekho esimweni sayo esihle kakhulu sasekuqaleni. Kepha akekho okwazi ukubona ukuthi yini eyadala lolu hlobo lo mphumela noma ukuthi kwenzeka kanjani lokhu, futhi ngaphezu kwalokho ngisho abantu abaningi kakhulu baqonda futhi bemukela isayensi ngokusebenzisa imibono egxiliswe kubo nguSathane, futhi nangokubuka isayensi ngamehlo asemhlabeni. Ingabe lokhu akunayo inzondo kakhulu futhi akudabukisi? NoSathane manje esethathe indawo lapho isintu siphila khona nendawo yabo yokuhlala futhi wabonakalisa baba kulesi simo, futhi nesintu siqhubeka sithuthuka ngale ndlela, ingabe sikhona isidingo sesandla sikaNkulunkulu ukuthi siqothule lesi sintu esesonakaliswe ngokujule kakhulu emhlabeni futhi esesiphenduke saba isitha Kuye? Ingabe sikhona isidingo sesandla sikaNkulunkulu ukuba sibhubhise isintu? (Cha.) Uma isintu siqhubeka nokuthuthuka ngale ndlela, ingabe iyiphi indlela esizoyithatha? (Ukonakala.) Ingabe isintu sizokonakala kanjani? Ngaphezu kokucinga okunomhobholo komuntu udumo nenzuzo, bayaqhubeka benza ukuhlola kwezesayensi nocwaningo olujulile, bese ngokungaphezi benelisa izidingo zabo eziphathekayo nezinkanuko; ingabe-ke imiphi imiphumela kumuntu? Okokuqala akusekho ukuzimelela phakathi kobudlelwano bezinto eziphilayo kanye nokuzizungezile futhi, okuhambisana nalokhu, imizimba yesintu yonke seyingcolisiwe futhi yalinyazwa yilolu hlobo lwe ndawo, kanye nezifo ezithathelanayo ezininginingi, nobhubhane, futhi selubhebhetheke yonke indawo. Lesi isimo umuntu angasenako ukusilawula manje, akunjalo? Manje njengoba usukuqonda lokhu, uma isintu singamlandeli uNkulunkulu, kodwa sihlale silandela uSathane ngale ndlela—siqhubeka sisebenzisa ulwazi ukuzinothisa, sisebenzisa isayensi singaphezi ukuhlola ikusasa lesintu, sisebenzisa lolu hlobo lwendlela ukuqhubeka nokuphila—ingabe uyakwazi ukubona ukuthi isiphetho soqobo sesintu sizoba yini? Ingabe kuzoba yini umphumela wokugcina woqobo? (Ukonakala.) Kuzoba ukonakala: ukusondela ekonakaleni isinyathelo esisodwa ngesikhathi. Ukusondela ekonakaleni isinyathelo esisodwa ngesikhathi! Kubukeka engathi manje isayensi iwuhlobo lwelumbo eliphuzwayo noma ushevu othatha kancane ukusebenza uSathane awulungiselele umuntu, ukuze kuthi uma uzama ukuqondisisa izinto ukwenze kufasimbe olunenkungu; futhi noma ungazama kangakanani ngeke ukwazi ukuziqonda. USathane, nokho, usasebenzisa igama le sayensi ukulola iphango lakho nokukudonsa ngekhala, unyawo phambi kolunye, ekuyisa ngakwalasha nangasekufeni. Akunjalo? (Yebo.) Lena indlela yesibili.

  Udaba lokuthi uSathane usebenzisa kanjani isiko lendabuko ukonakalisa umuntu nalo futhi ludinga incazelo. Kuningi ukufana phakathi kwesiko lendabuko nenkolelo-ze, kuphela nje isiko lendabuko linezindaba, ukugudla kanye nemithombo ethile. USathane usaqamba futhi wasungula izinganekwane noma izindaba ezincwadini zomlando, eshiya abantu nemicabango ejulile ngabantu abavelele bamasiko endabuko noma benkolelo-ze. Thatha ezaseShayina Abangafiyo Abayisishagalombili Bewela Ulwandle, Uhambo oluya eNtshonalanga, Inkosi yamakhosi uJade, uNezha unqoba iNkosi uDrako, Ukumiswa koNkulunkulu, njengesibonelo. Ingabe lezi azikakheli zajula emiqondweni yabantu? Ngisho noma abanye abantu bengayazi yonke imininingwane, bayazazi izindaba ezivamile, futhi ilokhu okuqukethwe okuvamile okunamathela enhliziyweni yakho kuphinde kunamathele emqondweni wakho, futhi awukwazi ukukukhohlwa. Lezi izinto uSathane azihlelela umuntu kudala kakhulu, esesabalalise ezikhathini ezihlukene imibono namafilosofi akhe empilo anhlobonhlobo. Lezi zinto zilimaza futhi zithunaza ngqo imiphefumulo yabantu futhi zithakathe abantu ngamakhubalo ziphindelela. Okungukuthi uma usuzemukele lezi zinto ezivela esikweni lendabuko, ezindabeni noma kwinkolelo-ze, uma lezi zinto sezakhele emqondweni wakho, uma sezinamathele enhliziyweni yakho, kufana nokuloywa—uyahileka futhi uthonywe yilawa masiko, yile mibono kanye nezindaba zendabuko. Zithonya impilo yakho, ukubuka kwakho impilo futhi zithonya kanye nokuhlulela kwakho izinto. Ngisho nakakhulu zithonya ukushisekela kwakho indlela yangempela yokuphila: Lokhu ukuloywa ngempela! Uyazama kodwa awukwazi ukuzivuthulula; uyazigawula kodwa azigawuleki; uyazishaya kodwa awukwazi ukuzishaya. Akunjalo? (Yebo.) Ukwedlula lokho, emuva kokuthi umuntu esefakwe ngaphansi kwalolu hlobo lokuloywa, bengazi baqala ukukhuleka kuSathane, begcina umfanekiso kaSathane ezinhliziyweni zabo. Ngamanye amazwi, babeka uSathane njengesithixo sabo, into yabo abangakhuleka kuyo futhi bayihloniphe, kuze kufike lapho beyiphatha ngendlela efanayo noNkulunkulu. Bengazi, lezi zinto zisezinhliziyweni zabantu zilawula amazwi nezenzo zabo. Ungazi uyakwemukela ukubakhona kwalezi zindaba, uzenza imifanekiso yangempela, uziphendula izinto ezikhona ngempela. Ngokungazi, unganakile wemukela le mibono nokubakhona kwalezi zinto. Unganakile wemukela futhi amadimoni, uSathane nezithixo ekhaya lakho uqobo nasenhliziyweni yakho qobo—lokhu ukuloywa impela! Ingabe nizwa ngokufana? (Yebo.) Ingabe bakhona phakathi kwenu abake bashisa impepho futhi bakhuleka kuBuddha? (Yebo.) Ngakho kwabe kuyini isizathu sokushisa impepho nokukhuleka kuBuddha? (Sasithandazela ukuthula.) Ingabe kunayo ingqondo ukuthandazela ukuthula kuSathane? Ingabe uSathane uletha ukuthula? (Cha.) Uma ukucabanga lokho manje, ingabe wawungenalo ulwazi ngaleso sikhathi? (Yebo) Lolo hlobo lwe ndlela alunayo ingqondo, alunalo ulwazi futhi lunobungane, akunjalo? USathane ngeke akunike ukuthula. Kungani? USathane uzindla kuphela ukuthi angakonakalisa kanjani futhi ngeke akunike ukuthula; angakunika kuphela ikhefu lesikhashana. Kodwa kufanele wenze isifungo futhi uma usiphula isithembiso sakho noma usiphula isifungo osenzile kuye, uyobe sewubona ukuthi uzokuhlupha kanjani. Ngokukwenza ukuthi wenze isifungo, ufuna ukukulawula, akunjalo? Ngesikhathi nithandazela ukuthula, ingabe nakuthola ukuthula? (Cha.) Anizange nithole ukuthula, kodwa kunalokho waletha amashwa, izidumo ezingapheli kanye nezinhlekelele ngobuningi bazo—ulwandlekazi olungenawo umkhawu ngempela lomunyu. Ukuthula akukho endaweni lapho uSathane ekhona, kanti lokhu kuyiqiniso. Lokhu umphumela wenkolelo-ze yasemandulo kanye nesiko lendabuko esintwini.

  Udaba lukaSathane esebenzisa izinkambiso eziphathelene nabantu ukonakalisa umuntu nakho kudinga incazelo eyikho. Lezi zinkambiso zibandakanya izinto eziningi. Abanye abantu bathi: “Ingabe zimayelana nezingubo esizigqokayo? Ingabe zimayelana nezimfashini zakamuva, izimonyo, ukulungisa izinwele kanye nokudla kwezichizi okusezingeni eliphezulu?” Ingabe zimayelana nalezi zinto? Lezi ziyingxenye yezinkambiso, kodwa asifisi ukukhuluma ngalezi lapha. Sifisa kuphela ukukhuluma ngemibono elethwa izinkambiso eziphathelene nabantu kubantu, indlela ezenza abantu ukuthi baziphathe ngayo emhlabeni, izinjongo zempilo kanye nesimo sengqondo ezisakhayo kubantu. Lezi zibaluleke kakhulu; zingalawula futhi zithonye isimo somqondo womuntu. Enye emuva kwenye, zonke lezi zinkambiso ziphethe ithonya elibi eliqhubekayo ukuphuphisa umuntu, elehlisa ukuziphatha kwabo kanye nezinga lesimilo sabo ngokweqile, kuze kufike ezingeni lapho singathi iningi labantu manje abanabo nhlobo ubuqotho, abanabo ubuntu, benjalo nje abanawo no nembeza, kungasaphathwa noma ikuphi ukuqonda. Ngakho ingabe iziphi lezi zinkambiso? Awukwazi ukuzibona lezi zinkambiso ngamehlo enyama. Lapho isivunguvungu senkambiso sivunguza, mhlawumbe isibalo esincane kuphela sabantu abazoba ngabahlahli ndlela benkambiso. Kuqala bona benza lolo hlobo lwento, bemukela lolo hlobo lwecebo noma lolo hlobo lo mbono. Iningi labantu, nokho, phakathi kokungazi kwabo, bazolokhu beqhubeka bengenwa, bengenisa futhi behehwa yilolu hlobo lwenkambiso, baze bonke bengazi futhi bengenzi ngokuthanda bayemukele, baphinde bacwile kuyo futhi balawulwe yiyo. Kumuntu ongenawo umzimba nomqondo ohluzekile, ohlale engazi ukuthi liyini iqiniso, ongakwazi ukubona umahluko phakathi kwezinto ezinhle nezingezinhle, lezi zinhlobo zezinkambiso enye nenye zilandelana zenza bonke bazemukele ngokuzithandela lezi zinkambiso, ukubuka impilo, amafilosofi empilo kanye nezimiso ezivela kuSathane. Bayemukela lokho uSathane abatshela khona ngokuthi bayithathe kanjani impilo kanye nendlela yokuphila uSathane “abanika” yona. Abanawo amandla, bengenalo noma ikhono, kungasaphathwa ukuqonda ukuze balwe. Ngakho yini ngempela lezi zinkambiso? Ngikhethe isibonelo esilula ongaze usiqonde. Isibonelo, abantu kudala babephatha amabhizinisi abo nge ndlela eyayingaphambi kahle abadala noma abancane, futhi eyayidayisa izinto ngenani elifanayo kungakhathaliseki ukuthi ubani othengayo. Ingabe uphawu oluncance lukanembeza nobuntu alukhonjiswa lapha? Lapho abantu babesebenzisa lolu hlobo lwesimiso uma bephethe amabhizinisi abo, singasho yini ukuthi babeseno nembeza othile kanye nobuntu obuthile ngaleso sikhathi? (Yebo.) Kepha ngenxa yokufuna komuntu ngempoqo amanani emali aya ngokukhula, abantu bengazi baze bayithanda imali, bathanda inzuzo futhi bathanda ukunama ngokweqile. Ngakho abantu bagcina beyibona imali ngokuthi ibaluleke kakhulu? Uma abantu beyibuka imali ngokuthi ibaluleke kakhulu, bengazi badembesela idumela labo, udumo, isithunzi kanye nobuqotho babo; badembesela zonke lezi zinto, akunjalo? Uma wenza ibhizinisi, ubona omunye umuntu ethatha izindlela ezihlukile futhi esebenzisa izindlela ezinhlobonhlobo ukukhohlisa abantu bese eceba. Nakuba imali abayitholile iyinzuzo etholwe ngendlela embi, baya ngokuceba kakhulu. Umndeni wabo wonke wenza ibhizinisi elifanayo nelakho, kodwa bajabulela impilo kakhulu kunawe, futhi uzizwa uphatheke kabi, uthi: “Kungani ngingakwazi ukwenza lokho? Kungani ngingenzi imali enganga lena abayenzayo? Kufanele ngicabange indlela yokuthola imali eningi, ukwenza ibhizinisi lami lithuthuke.” Ube-ke usuzindla kabanzi ngalokhu. Ngokwendlela ejwayelekile yokwenza imali, ungaphambi abadala noma abancane nokudayisa izinto ngenani elifanayo kubo bonke, imali oyenzayo uyenza ngonembeza omuhle, kodwa ayikucebisi ngokushesha. Nokho, ngokuqhutshwa ukufuna ukuthola inzuzo, ukucabanga kwakho kuba nenguquko kancane kancane. Ngesikhathi sale nguquko, izimiso zokuziphatha kwakho ziyaqala ukushintsha. Ngesikhathi uqala ukuphamba umuntu, ngesikhathi uqala ukuqola umuntu, uba nokungqikaza kuwena, uthi “Lokhu okokugcina ngiphamba umuntu futhi ngeke ngiphinde ngikwenze. Angikwazi ukuphamba abantu. Ukuphamba abantu kuzongitholisa isijeziso futhi kulethe inhlekelele phezu kwami! Okokugcina lokhu ngiphamba umuntu futhi ngeke ngephinde ngikwenze.” Ngesikhathi uqala ukukhohlisa umuntu, inhliziyo yakho iba namathizethize athile; lokhu umsebenzi wanembeza womuntu—ukuba namathizethize nokukusola, ukuze kungezwakali kahle uma uphamba umuntu. Kodwa emuva kokukhohlisa umuntu ngempumelelo uyabona manje ukuthi usunemali eningi kunakuqala, futhi ucabange ukuthi le ndlela ingawusizo kakhulu kuwena. Naphezu kobuhlungu obufiphele enhliziyweni yakho, uyezwa engathi ungazincoma ngenxa “yempumelelo” yakho, futhi uzizwa unokuthokoza okuncane ngokwenzile. Okokuqala ngqa, uvumelana nokuziphatha kwakho siqu futhi uyavumelana nenkohliso yakho siqu. Emuva kwalokho, uma umuntu esonakalisiwe yilokhu kuphamba, kuyafana nomuntu ongena ekugembuleni bese eba ngumgembuli. Enokungazi, uyavumelana nokuziphatha kwakhe okuphambayo futhi uyakwemukela. Enokungazi, uthatha ukuphamba njengokuziphatha okuvunyelwe umthetho kwezokuthengiselana, futhi uthatha ukuphamba njenge ndlela ewusizo kakhulu yokuziphilisa neyempilo yakhe; ucabanga ukuthi ngokwenza lokho angaceba ngokushesha. Ekuqaleni kwale nqubo abantu abakwazi ukwemukela lo kuziphatha nale ndlela yokwenza izinto, baze bayizame futhi bayilinge ngendlela yabo, ngokwabo futhi mathupha, bese izinhliziyo zabo ziqala ukuguquka kancane kancane. Ngakho yini le nguquko? Ukuvumelana nokungena kwale nkambiso, ukungena nokuvumelana ngalolu hlobo lwecebo olugxiliswe kuwe inkambiso ephathelene nabantu. Ngokunganaki, uzwa ukuthi uma ungaphambi ebhizinisini uzobe sewulahlekelwa, ukuthi uma ungaphambi uzobe sewulahlekelwe okuthile. Ungazi, lokuphamba kuba umphefumulo wakho uqobo, umgogodla wakho, futhi kuphinde kube uhlobo lokuziphatha okuwumgomo osemqoka wempilo yakho. Emuva kokuthi umuntu esekwemukele lokuziphatha nalokucabanga, ingabe inhliziyo yomuntu iba noshintsho? Inhliziyo yakho seyishintshile, ngakho ingabe ubuqotho bakho sebushintshile? Ingabe ubuntu bakho sebushintshile? (Yebo.) Ingabe ke unembeza wakho usushintshile? (Yebo.) Ubuyena bomuntu bubonke buba noshintsho ngokwezinga, kusukela enhliziyweni yabo kuya emicabangweni yabo, nge ndlela yokuthi bayashintsha kusuka ngaphakathi. Lolu shintsho lukubeka kude nakakhulu noNkulunkulu, futhi uya uhambisana kakhulu noSathane, uya ngokuya ufana naye.

  Manje lezi zinkambiso eziphathelene nabantu zilula kuwena ukuthi uziqonde. Ngikhethe isibonelo esilula nje, isibonelo esivamile ukubonakala futhi abantu abazobe besijwayelwe. Ingabe ke lezi zinkambiso eziphathelene nabantu zinethonya elikhulu kubantu? (Yebo!) Ingabe ke lezi zinkambiso zinomphumela olimaza ngokujulile kubantu? (Yebo!) Umphumela olimaza ngokujulile kakhulu kubantu. USathane usebenzisa enye emuva kwenye yalezi zinkambiso eziphathelene nabantu ukonakalisa ini yabantu? (Unembeza, ukuqonda, ubuntu, nokuziphatha.) Yini okunye? (Indlela umuntu abuka ngayo impilo.) Ingabe zidala ukuphupha kancane kancane kwabantu? (Yebo.) USathane usebenzisa lezi zinkambiso eziphathelene nabantu ukuyengela abantu isinyathelo esisodwa ngesikhathi esidlekeni samadimoni, ukuze abantu ababhajwe kulezi zinkambiso eziphathelene nabantu ngokungazi baseke imali kanye nezifiso zokuphathekayo, futhi baseke ukukhohlakala nendluzula. Uma lezi zinto sezingene enhliziyweni yomuntu, ingabe umuntu ube esephenduka eba yini? Umuntu uba uSathane! Lokhu kungenxa yokuncika kuphi komqondo enhliziyweni yomuntu? Ingabe yini umuntu ayisekayo? Umuntu uqala ukuthanda ukukhohlakala nendluzula. Abakuthandi ubuhle nokulunga, kungasaphathwa ukuthula. Abantu abazimisele ukuphila impilo elula yobuntu obujwayelekile, kodwa esikhundleni salokho bafisa ukujabulela isikhundla esiphakeme kanye nengcebo enkulu, ukuzitika ngezinjabulo zenyama, benza konke okusemandleni ukwenelisa inyama yabo siqu, ngaphandle kwezithiyo, kungekho zibopho zokubavimba, ngamanye amazwi benza noma yini abayifisayo. Ngakho uma umuntu esecwile kulezi zinhlobo zezinkambiso, ingabe ulwazi abalufundile lungabasiza ukuba bakhululeke? Ingabe isiko lendabuko kanye nezinkolelo-ze abazaziyo zingabasiza ukuthukulula lolu taku olu nzima? Ingabe izindlela zesiko zokuziphatha kanye nemikhosi yosiko leyo umuntu ayiqondayo ingamsiza ukuthi azithibe? Thatha Izimilo Ezintathu Ezaziwayo, njengesibonelo. Ingabe ingabasiza abantu ukukhipha izinyawo zabo obishini lwalezi zinkambiso?[b] (Cha, ngeke ikwazi.) Ngale ndlela, umuntu uya eba njani kakhulu? Uya ekhohlakala, eqhosha, ezidla, eyinqonqela, futhi enenzondo kakhulu. Alusekho noma iluphi uthando phakathi kwabantu, alusekho uthando phakathi kwamalunga omndeni, akusekho ukuzwana phakathi kwezihlobo nabangane; ubudlelwano kwabantu sebugcwele ukuphamba, bugcwele indluzula. Wonke umuntu ngamunye ufuna ukusebenzisa izindlela zokuphamba kanye nezindlela zendluzula ukuphila phakathi komakhelwane babo; baqambe amanga, baphambe futhi baba nendluzula ukuze bathathe eyabo indlela yokuziphilisa; bazuza izikhundla zabo futhi bathole izinzuzo zabo ngokusebenzisa indluzula futhi benza noma yini abayithandayo besebenzisa izindlela ezinendluzula futhi ezikhohlakele. Ingabe lobu buntu abusabisi? (Yebo.) Emuva kokungizwa Mina ngikhuluma ngalezi zinto njengamanje, ingabe awucabangi yini ukuthi kuyesabeka ukuphila phakathi kwalolu hlobo lwesixuku, kulo mhlaba futhi kule ndawo uSathane ayonakalisile? (Yebo.) Ngakho nake nazizwa nina qobo nidabukisa? Kufanele ukuthi niyakuzwa lokho kancane manje? (Yebo.) Ngokuzwa isimo sephimbo lenu, kungathi niyacabanga ukuthi “uSathane usebenzisa izindlela eziningi kakhulu ukonakalisa umuntu. Uthatha wonke amathuba futhi ukhona yonke endawo lapho sishona khona. Ingabe umuntu usengasindiswa? Ingabe lisekhona noma iliphi ithemba ngesintu? Ingabe abantu bangazisindisa ngokwabo? (Cha.) Ingabe inkosi yamakhosi uJade angasindisa umuntu? Ingabe uConfucius angasindisa umuntu? Ingabe uGuanyin Bodhisattva angasindisa umuntu? (Cha.) Ngakho ngubani ongasindisa umuntu? (UNkulunkulu.) Abanye abantu, nokho, bazozibuza le mibuzo ezinhliziyweni zabo: “uSathane usilimaza ngolaka kakhulu, ngokungalawuleki kangangokuthi asinalo ithemba lokuphila, noma ikuphi ukuzithemba empilweni. Sonke siphila phakathi kwenkohlakalo futhi wonke umuntu umelana noNkulunkulu futhi, ngangokuthi izinhliziyo zethu seziphenduke zonke manje zabanda cwe. Manje ngesikhathi uSathane esonakalisa, ingabe ukuphi uNkulunkulu? Ingabe uNkulunkulu wenzani? Nanoma yini uNkulunkulu asenzela yona, asiyizwa!”Abanye abantu ngokungenakugwemeka balahlekelwa okuthile, futhi ngokungenakugwemeka bazizwa benokudangala. Kunina, lo muzwa, lo muzwa ujule kakhulu ngoba konke lokhu ebengikusho bekungoko kwenza abantu ukuthi babe nokuqonda kancane, ukuthi baye bezwa kakhulu ukuthi abanalo ithemba, ukuthi baye bezwa kakhulu ukuthi bafulathelwe uNkulunkulu. Kodwa ningakhathazeki. Isihloko sengxoxo yethu namhlanje, “ukukhohlakala kukaSathane,” akuyona indikimba yethu yangempela. Ukukhuluma ngomongo wobungcwele bukaNkulunkulu, nokho, kufanele siqale sikhulume ngokuthi uSathane umonakalisa kanjani umuntu kanye nokukhohlakala kukaSathane ukwenza kucace kakhulu kubantu ukuthi uhlobo olunjani lwesimo umuntu akusona manje futhi nokuthi umuntu wonakaliswe kwaze kwafika ezingeni elingakanani. Enye inhloso yokukhuluma ngalokhu ukuvumela abantu ukuthi bazi ukukhohlakala kukaSathane, kanti enye ukuvumela abantu ukuthi baqonde ngokujule kakhulu ukuthi ubungcwele bangempela buyini. Niyaqonda manje, akunjalo?

  Ingabe lezi zinto engiqeda ukuzikhuluma zinemininingwane kakhulu kunalokho okwedlule? (Yebo.) Ngakho ingabe ukuqonda kwenu sekuthe ukujula manje? (Yebo.) Ngiyazi ukuthi abantu abaningi manje balindele ukuthi Mina ngisho ukuthi ubungcwele bukaNkulunkulu buyini empeleni kodwa uma Mina ngikhuluma ngobungcwele bukaNkulunkulu ngizoqale ngikhulume ngezenzo uNkulunkulu azenzayo. Kufanele nilalelisise nonke, Mina ngizobe senginibuza ukuthi buyini ubungcwele bukaNkulunkulu ngempela. Mina ngeke nginitshele ngqo, kodwa esikhundleni salokho ngizoniyeka nizame ukukuqonda, ngizoninika ithuba ukuthi nikuqonde. Ingabe nicabangani ngale ndlela? (Yinhle.) Ngakho lalelani ngokucophelela.

  Noma inini lapho uSathane onakalisa umuntu noma elimaza ngendlela engalawuliwe, uNkulunkulu akami nje engenzi lutho, noma Abachilizele eceleni noma Ashaye sengathi Akaboni kulabo Yena abakhethile. Konke lokho uSathane akwenzayo kucacile futhi kuqondwa ngokusobala uNkulunkulu. Noma ngabe uSathane wenzani, noma ngabe iyiphi inkambiso ayivusayo, uNkulunkulu wazi konke lokho uSathane azama ukukwenza, futhi uNkulunkulu akabadeli labo abakhethile Yena. Esikhundleni salokho, ngaphandle kokuzidonsela amehlo, ngokufihla, buthule, uNkulunkulu wenza konke okudingekayo. Uma Yena eqala umsebenzi kumuntu, uma esemkhethile umuntu, akamemezeli kumuntu, noma amemezele kuSathane, kungasaphathwa ukuthi azikhukhumeze. Wenza lokho okudingekayo, ngokuthula okukhulu nje, kalula kakhulu nje. Okokuqala, Ukukhethela umndeni; uhlobo luni lwesisekelo umndeni onaso, ingabe obani abazali bakho, ingabe obani okhokho bakho—konke lokhu kwanqunywa nguNkulunkulu kakade. Ngamanye amazwi, lezi akuzona izinqumo ezenziwa Nguye ngokuxhamazela, kodwa kunalokho lokhu kwabe kuwumsebenzi owaqalwa kudala. Uma uNkulunkulu esekukhethele umndeni, Yena ubese ekhetha usuku ozozalwa ngalo. Emuva kwesikhashana, uNkulunkulu uyabuka njengoba uzalwa ukhala emhlabeni, Yena uyabuka ukuzalwa kwakho, uyabuka lapho ukhuluma amagama akho okuqala, uyabuka lapho ukhubeka futhi ucathula uthatha amagxathu akho okuqala, ufunda ukuhamba. Okokuqala wena uthatha igxathu elilodwa bese uthatha elinye … manje usuyagijima, manje usuyagxuma, manje usuyakhuluma, manje usuveza imizwa yakho. Ngalesi sikhathi, njengoba ukhula, amehlo kaSathane agqolozele ngamunye wenu, njengengwe ibuka inyamazane yayo. Kepha ekwenzeni umsebenzi Wakhe, uNkulunkulu akakaze ahlushwe ukukhawuliswa kwabantu, kwezehlo, noma kwezinto, kwendawo noma kwesikhathi; Yena wenza lokho okufanele Akwenze futhi Wenza lokho okumele Akwenze. Ngesikhathi ukhula, ungahlangabezana nezinto eziningi ongazithandi, ungahlangabezana nokugula kanye nokukhungatheka. Kodwa njengoba uyihamba le ndlela, impilo yakho kanye nekusasa lakho kungaphansi kokunakekela kukaNkulunkulu ngempela. UNkulunkulu ukunika isiqiniseko sangempela esithatha impilo yakho yonke, ngoba useduze kakhulu nawe, ekulondoloza futhi ekunakekela. Ungakwazi lokhu, uyakhula. Uqala ukuhlangabezana nezinto ezintsha futhi uyaqala ukwazi lo mhlaba kanye nalesi sintu. Yonke into incwaba futhi yintsha kuwe. Uyathanda ukwenza into yakho siqu futhi uyathanda ukwenza lokho okuthandayo. Uphila phakathi kwobuntu bakho qobo, uphila endaweni yakho siqu futhi awunakho nokuncane ukuqonda ngobukhona bukaNkulunkulu. Kepha uNkulunkulu uyakubuka kuzo zonke izigaba njengoba ukhula, futhi uyakubuka lapho uthatha zonke izinyathelo zokuqhubekela phambili. Ngisho lapho ufunda ulwazi, noma ufunda isayensi, akaze nakanye uNkulunkulu wakushiya. Uyafana nabanye abantu kulokho, ngesikhathi usawufunda futhi uhlangabezana nomhlaba, usuzimisele imiqondo efiswa yinhliziyo yakho, unemisebenzana yakho yokuchitha isizungu, izinto ozithandayo siqu, futhi ugcine izifiso ozilangazelelayo eziphakeme. Uvame ukuzindla ngekusasa lakho siqu, uvame ukudweba umfanekiso wokuthi ikusasa lakho kufanele libukeke kanjani. Kodwa akukhathaliseki ukuthi kwenzekani endleleni, uNkulunkulu ubona konke ngokusobala. Mhlawumbe wena uqobo usukhohliwe osekudlulile empilweni yakho, kodwa kuNkulunkulu, akekho ongakuqonda kangcono ukudlula Yena. Uphila phansi kweso likaNkulunkulu, ukhula, uvuthwa. Ngalesi sikhathi, umsebenzi kaNkulunkulu obaluleke kakhulu yinto okungekho muntu oke ayiqonde, into okungekho muntu oyaziyo. UNkulunkulu ngokuqinisekile akakutsheli ngayo. Ngakho yini lento ebaluleke kakhulu? Ingabe uyazi? (Ukuletha abantu phambi Kwakhe.) Ngakho ingabe yini uNkulunkulu ayenzayo ukuletha abantu phambi Kwakhe? Ingabe uletha abantu phambi Kwakhe ngasiphi isikhathi? Ingabe uyazi? Ingabe lokhu umsebenzi kaNkulunkulu osemqoka? Ingabe lena yinto ebaluleke kakhulu uNkulunkulu ayenzayo? Singasho ngokuqiniseka ukuthi uNkulunkulu uzomsindisa umuntu. Lokhu kusho ukuthi uNkulunkulu ufuna ukumsindisa lo muntu, ngakho kumele Enze lokhu, futhi lo msebenzi ubaluleke kakhulu kumuntu nakuNkulunkulu. Ingabe uyakwazi lokhu? Kusengathi awunamuzwa ngalokhu, noma imuphi umqondo ngako, ngakho Ngizokutshela. Kusukela esikhathini uzelwe kuze kube yimanje, uNkulunkulu usenze umsebenzi omningi kuwe, kodwa Yena akazange akutshele njalo uma enza okuthile. Ubungadingi ukwazi, ngakho awutshelwanga, akunjalo? (Yebo.) Kumuntu, yonke into Ayenzayo, ibalulekile. KuNkulunkulu, kuyinto ekumele Ayenze. Kodwa enhliziyweni Yakhe kukhona into ekudinga ukuthi Ayenze ebalulekile eyedlulela noma iyiphi yalezi zinto. Ingabe yini leyo? Okungukuthi, kusukela esikhathini uzelwe kuze kube imanje, uNkulunkulu kufanele aqinisekise ngokuphepha kwenu ngamunye. Ningezwa sengathi aniqondi ngokuphelele, nithi “Ingabe lokhu kuphepha kubaluleke kangako? Ngakho ingabe yini incazelo eqonde ngqo “yokuphepha”? Mhlawumbe niqonda ukuthi kuchaza ukuthula noma mhlawumbe niqonda ukuthi kuchaza ukungadluli neze kunoma iyiphi ingozi enkulu noma inhlekelele, ukuphila kahle, ukuphila impilo ejwayelekile. Kodwa ezinhlizyweni zenu kumele niqonde ukuthi akulula nje kanjalo. Ngakho-ke yini ngempela lento ebengikhuluma ngayo, lena uNkulunkulu ekufanele ayenze? Ingabe ichaza ukuthini kuNkulunkulu? Ingabe isiqinisekiso sokuphepha kwakho? Nanjenga manje? Cha. Ngakho yini leyo uNkulunkulu ayenzayo? Lokuphepha kuchaza ukuthi wena ungashabadelwa uSathane. Ingabe lokhu kubalulekile? Awushwabadelwa uSathane, ngakho ingabe lokhu kumayelana nokuphepha kwakho, noma cha? Lokhu kumayelana nokuphepha kwakho siqu, futhi ayikho into engabaluleka kakhulu kunaleyo. Uma usushwabadelwe uSathane umphefumulo wakho noma inyama yakho akuseyona ekaNkulunkulu. UNkulunkulu ngeke asakusindisa. UNkulunkulu uyayifulathela imiphefumulo enjalo futhi uyabafulathela abantu abanjalo. Ngakho Ngithi into ebaluleke kakhulu uNkulunkulu ekufanele ayenze ukuqinisekisa ukuphepha kwakho, ukuqinisekisa ukuthi ngeke ushwabadelwe uSathane. Lokhu kubaluke kakhulu, akunjalo? Ngakho kungani ningakwazi ukuphendula? Kubukeka sengathi aniwuzwa umusa kaNkulunkulu omkhulu!

  UNkulunkulu wenza okuningi kakhulu ngaphandle ukuqinisekisa ukuphepha kwabantu, ukuqinisekisa ukuthi ngeke bashwabadelwe nguSathane; Wenza umsebenzi omningi futhi ukulungiselela ukukhetha umuntu nokubasindisa. Okokuqala, uhlobo luni lwesimilo onaso, uzozalelwa emndenini onjani, ngobani abazali bakho, bangaki abafowenu nodadewenu, yini isimo nokuma kwezomnotho komndeni wakho, ziyini izimo zomndeni wakho—konke lokhu kuhlelelwa wena ngokucophelela uNkulunkulu. Ingabe uyazi ukuthi uhlobo luni lo mndeni iningi labantu baNkulunkulu abakhethiweyo abazalelwa kuyo, ngokuphathelene nabantu abaningi? Ingabe imindeni evelele? Ingaba khona ethile. Ngeke sisho ngokuqiniseka ukuthi miningi, kodwa imbalwa. Ingabe imindeni enengcebo engavamile, njengosozigidigidi noma osozigidi ngokuphindiwe? Cishe ayibi neze ilolu hlobo lo mndeni. Ngakho ingabe uhlobo luni lo mndeni uNkulunkulu avame ukuluhlelela abantu? (Imindeni ejwayelekile.) Ngakho ingabe imiphi imindeni ejwayelekile? Imvama imindeni esebenzayo noma elimayo. Abasebenzi bathembela emaholweni abo ukuphila futhi bayakwazi ukuba nezidingo ezisemqoka. Ngeke bakuvumele ukuthi ulambe noma kunjani, kodwa awukwazi ukulindela ukuthi zonke izidingo zakho eziphathekayo zizofezeka. Abalimi bathembela ekulimeni izitshalo ukuba nokudla, banokusanhlamvu abakudlayo futhi, noma yini engenzeka, ngeke ulambe, kodwa awukwazi ukuba nezingubo ezinhle kakhulu kakhulu. Bese kubakhona imindeni eminye eyenza ibhizinisi noma enamabhizinisi amancane, kanye neminye lapho abazali bengabantu bengqondo futhi nalaba bangabalwa njengemindeni ejwayelekile. Kukhona futhi abanye abazali abangabasebenzi emahhovisi noma izikhulu zikahulumeni ezisezingeni eliphansi kuphela, abangeke babalwe njengemindeni eqavile ngokunjalo. Abantu abaningi bazalelwa emindenini ejwayelekile, futhi konke lokhu kuhlelwa nguNkulunkulu. Okungukuthi, okokuqala lesi simo ophila kusona akuwona umndeni onengcebo enkulu lowo owucabangayo, kodwa kunalokho lona umndeni uNkulunkulu akunqumele wona, futhi iningi labantu liphila ngaphansi kwemigomo yalolu hlobo lo mndeni; ngeke sikhulume ngabahlukile lapha. Kuthiwani mayelana nesikhundla senhlalo? Isimo somnotho seningi labazali silingene futhi abanaso isikhundla senhlalo esiphakeme—kubo kulungile nje ukuba nomsebenzi. Ingabe kukhona noma ibaphi abangababusi? Ingabe kukhona noma ibaphi abangomongameli? (Cha.) Okudlula lokho bangabantu abafana nabaphathi bamabhizinisi amancane noma obasi abasezingeni eliphansi, bonke banesikhundla senhlalo esilingene, bonke baphila ezimweni ezilingene zomnotho. Enye imbangela isimo senhlalo yomndeni. Okokuqala, abekho abazali ngokucacile abangafaka izingane zabo umqondo wokuhamba indlela yokubhula nokubhulelwa ngokusazokwenzeka; laba nabo bambalwa kakhulu. Iningi labazali bajwayelekile nempela futhi bafana nani. UNkulunkulu uhlelela abantu lolu hlobo lwesimo ngesikhathi esifanayo lapho ebakhetha, futhi kuwusizo kakhulu emsebenzini Wakhe wokusindisa abantu. Emehlweni, kubukeka engathi uNkulunkulu akamenzelanga lutho oluyindumezulu umuntu; Wenza yonke into ngasese, ngokuthobeka futhi buthule nje. Kodwa eqinisweni, konke lokho uNkulunkulu akwenzayo ukwenza ukubeka isisekelo sensindiso yakho, ukulungiselela indlela engaphambili futhi nokulungiselela zonke izimo ezidingekayo ekusindisweni kwakho. Masinyane ngesikhathi esibekiwe somuntu ngamunye, uNkulunkulu uyababuyisa phambi Kwakhe—uma isikhathi sesifikile ukuthi uzwe izwi likaNkulunkulu, ingaleso sikhathi lapho uza phambi Kwakhe. Ngesikhathi lokhu kwenzeka, abanye abantu sebe ngabazali uqobo lwabo, kanti abanye bayingane yomuntu othile nje. Ngamanye amazwi, abanye abantu sebeshadile futhi baba nezingane kanti abanye abakagani, abakayiqali imindeni yabo siqu. Kodwa akukhathaliseki izimo zabantu, uNkulunkulu usezibekile kakade izikhathi lapho uyokhethwa khona futhi lapho ivangeli namazwi Akhe ayokufica. UNkulunkulu usebeke izimo, usenqumile umuntu othile noma isimo esithile okuyodluliselwa ngaso ivangeli kuwe, ukuze uzwe amazwi kaNkulunkulu. UNkulunkulu uselukungiselele kakade zonke izimo ezidingekayo ukuze, ungazi, uze phambi Kwakhe futhi ubuyiselwe emndenini kaNkulunkulu. Nawe futhi ungazi uyamlandela uNkulunkulu futhi uyangene emsebenzini Wakhe wesinyathelo ngesinyathelo, ungena endleleni yomsebenzi kaNkulunkulu akulungiselele wona isinyathelo ngesinyathelo. Okuncane kunakho konke lokho uNkulunkulu akwenzayo nakunika umuntu ngalesi sikhathi, okokuqala nokukhulu kunakho konke ukunakekelwa nokuvikelwa lokho umuntu akujabulelayo, futhi lokhu kukhona ngempela. Ngakho iziphi izinhlobo zezi ndlela uNkulunkulu azisebenzisayo? UNkulunkulu uhlela abantu nezinto ezininginingi ukuze umuntu abone ubukhona Bakhe nezenzo Zakhe ngaphakathi kubo. Isibonelo, kukhona abanye abantu abakholelwa kuNkulunkulu ngoba othile emndenini wabo uyagula, futhi bathi “Omunye womndeni wami uyagula, kodwa ngizokwenzenjani? Abanye abantu babe sebethi “Kholelwa kuJesu!” Babe sebeqala ukukholelwa kuNkulunkulu, futhi lolu kholo kuNkulunkulu luvele ngenxa yesimo. Ngakho ubani ohlele lesi simo? (UNkulunkulu.) Ngenxa yalesi simo baphendukela kuNkulunkulu. Kukhona eminye imindeni enjena lapho bonke bengabazalwane, abancane nabadala, kanti kukhona eminye lapho ukholo luyinto yomuntu ngamunye. Ngakho, tshela Mina, ingabe umzalwane utholani kuNkulunkulu? Ngokusobalala ukugula kuyamehlela, kepha eqinisweni kuyisimo uNkulunkulu amnika sona ukuze eze phambi kukaNkulunkulu—lona umusa ka Nkulunkulu. Ngoba impilo emindenini yabanye abantu inzima futhi abatholi ukuthula ithuba elingalindelekile liyavela lapho umuntu othile ezodlulisa ivangeli futhi athi “Umndeni wakho usebunzimeni. Kholelwa kuJesu. Kholelwa kuJesu futhi uzoba nokuthula.” Ngokungazi, lo muntu uqala ukukholelwa kuNkulunkulu esesimweni esijwayeleke kakhulu, ngakho akuyona yini imbangela ethile lena? (Yebo.) Futhi ukungabi nokuthula komndeni wakhe, akuwona yini umusa awunikwa nguNkulunkulu? (Yebo.) Kukhona ke abanye abaqala ukukholelwa kuNkulunkulu ngenxa yezinye izizathu, kodwa akukhathaliseki ukuthi isiphi isizathu esikwenza ukholelwe kuYena, konke kuhleliwe futhi kwaqondiswa nguNkulunkulu, ngaphandle kokungabaza.

  Ekuqaleni, uNkulunkulu usebenzise izindlela ezahlukene ukukukhetha nokukungenisa emndenini Wakhe. Lokhu into yokuqala Ayenzayo futhi umusa Awunika wonke umuntu ngamunye. Manje nomsebenzi kaNkulunkulu ususezinsukwini zokugcina, Akasaniki nje umusa nezibusiso kumuntu njengoba ayenza ekuqaleni, noma ancenge abantu ukuthi baqhubeke—lokhu ingenxa yesisekelo somsebenzi ngeNkathi yoMusa. Ngesikhathi somsebenzi walezi zinsuku zokugcina, ingabe yini umuntu ayibonile kuzo zonke izingxenye zomsebenzi kaNkulunkulu asebedlule kuzona? Ababonanga kuphela uthando lukaNkulunkulu, kodwa futhi ukwahlulela nokujezisa kukaNkulunkulu. Ngalesi sikhathi, uNkulunkulu ngaphezu kwalokho uyahlinzeka, eseke, akhanyisele, futhi aqondise umuntu ukuze kancane kancane baqale ukwazi izinjongo Zakhe, bazi amazwi Awakhulumayo kanye neqiniso Alinika umuntu. Lapho umuntu ebuthakathaka, lapho edangele, lapho bengazi ukuthi bashone kuphi, uNkulunkulu usebenzisa amazwi Akhe ukubaduduza, ukubeluleka, nokubakhuthaza, ukuze umuntu onesiqu esincane athole amandla kancane kancane, aphakame abe nomoya omuhle owakhayo futhi azimisele ukubambisana noNkulunkulu. Kodwa uma umuntu engalaleli uNkulunkulu noma emelana Naye, noma uma beveza ukukhohlakala kwabo futhi baphikise uNkulunkulu, uNkulunkulu akabakhombisi umusa ekubajeziseni nokubaqondisa. Ebuwuleni, ukungabi nolwazi, ubuthakathaka nokungavuthwa komuntu, nokho, uNkulunkulu ukhombisa ukubekezelelana nesineke. Ngale ndlela, ngawo wonke umsebenzi uNkulunkulu awenzela umuntu, kancane kancane umuntu uyavuthwa, uyakhula, aqale ukwazi izinjongo zikaNkulunkulu, ukwazi iqiniso elithile, ukwazi ukuthi iziphi izinto ezinhle, futhi iziphi izinto ezingezinhle, ukwazi ukuthi yini inkohlakalo nokuthi yini ubumnyama. UNkulunkulu akamjezisi futhi amqondise umuntu njalo, noma akhombise ukubekezelelana nesineke njalo. Kunalokho, Uhlinzekela umuntu ngamunye ngezindlela ezihlukene, ezigabeni zabo ezihlukene kanye nangeziqu nezinga labo elihlukene. Wenzela umuntu izinto eziningi futhi ngenani elikhulu; umuntu akaqondi luthi ngalezi zindleko noma lezi zinto uNkulunkulu azenzayo, kepha konke Akwenzayo kwenziwa kumuntu ngamunye. Uthando lukaNkulunkulu olwangempela: Ngomusa kaNkulunkulu umuntu ugwema inhlekelele emuva kwenye, kulapho ebuthakathakeni bomuntu uNkulunkulu ukhombisa ukubekezelelana ngokuphindelela. Ukwahlulela nokujezisa kukaNkulunkulu kuvumela abantu ukuthi kancane kancane baqale ukubona ukukhohlakala lwesintu kanye nengqikithi yabo ekhohlakele enobusathane. Lokho uNkulunkulu akuhlinzekayo, ukukhanyisela Kwakhe umuntu nokuqondisa Kwakhe konke kuvumela isintu ukuthi sazi kabanzi ingqikithi yeqiniso, futhi sikhule ekwazini ukuthi yini abantu abayidingayo, iyiphi indlela ekufanele bayithathe, ukuthi yini abayiphilelayo, ukubaluleka nenjongo yezimpilo zabo, nokuthi bayihambe kanjani indlela engaphambili. Zonke lezi zinto uNkulunkulu azenzayo azinakuhlukaniswa nenhloso Yakhe eyodwa yasekuqaleni. Ingabe yini, ke, le nhloso? Ingabe uyazi? Kungani uNkulunkulu esebenzisa lezi zindlela ukwenza umsebenzi Wakhe kumuntu? Ingabe imuphi umphumela Afuna ukuwuthola? Ngamanye amazwi, ingabe yini Afuna ukuyibona kumuntu nokuyithola kubo? Lokho uNkulunkulu afuna ukukubona ukuthi inhliziyo yomuntu ingavuseleleka. Ngamanye amazwi, lezi zindlela azisebenzisayo ukusebenza kumuntu ezokuphaphamisa inhliziyo yomuntu njalo-njalo, ukuphaphamisa umoya womuntu, ukwenza umuntu azi ukuthi bavelaphi, ubani obaholayo, obasekayo, obahlinzekayo, futhi ovumele umuntu ukuthi aphile kuze kube manje; ezokwenza umuntu ukuthi azi ukuthi ubani Umdali, ekufanele bakhuleke kuye, indlela enjani ekufanele bayihambe, nokuthi ingayiphi indlela umuntu ekufanele eze phambi kukaNkulunkulu ngayo; zisetshenziswa ukuvuselela inhliziyo yomuntu kancane kancane, ukuze umuntu azi inhliziyo kaNkulunkulu, aqonde inhliziyo kaNkulunkulu, futhi aqonde ukunakekela nokucabanga okukhulu okusemuva komsebenzi wokusindisa umuntu. Uma inhliziyo yomuntu seyivuselelwe, abasafuni ukuphila impilo yesimo esiphuphile, esikhohlakele, kodwa esikhundleni salokho bafisa ukufuna iqiniso ukwenelisa uNkulunkulu. Uma inhliziyo yomuntu seyiphapheme, ilapho bekwazi ukuphuma baphele kuSathane, bengeke besalinyazwa uSathane, bengeke besalawulwa noma bakhohliswe nguye. Esikhundleni salokho, umuntu angabambisana emsebenzini kaNkulunkulu kanye nasemazwini Akhe ngendlela enhle ukwenelisa inhliziyo kaNkulunkulu, ngalokho afinyelele ekwesabeni uNkulunkulu nokubalekela okubi. Lena inhloso yasekuqaleni yomsebenzi kaNkulunkulu.

  Ukukhuluma ngokukhohlakala kukaSathane khona manje kwenze wonke umuntu ezwe engathi abantu baphila ngokudabukisa kakhulu nokuthi impilo yomuntu ikhungethwe amashwa. Kodwa nizizwa kanjani manje njengoba sengikhulume ngobungcwele bukaNkulunkulu nomsebenzi Awenza kumuntu? (Sijabule kakhulu.) Siyabona manje ukuthi konke uNkulunkulu akwenzayo, konke uNkulunkulu akwenzisisela umuntu akunasisihla. Yonke into eyenziwa uNkulunkulu ayinakho ukuphambeka, okuchaza ukuthi ayinaphutha, ayidingi muntu ukuthi ayilungise, anike iseluleko noma enze noma iluphi ushintsho. Konke lokho uNkulunkulu akwenzela umuntu ngamunye akungabazeki; Uhola wonke umuntu ngesandla, ukunakekela ngazo zonke izikhathi futhi akakaze asuke eceleni kwakho. Lapho abantu bekhula kulolu hlobo lwesimo futhi bekhula nalolu hlobo lwesizinda, singasho ukuthi abantu eqinisweni bakhulela entendeni yesandla sikaNkulunkulu? (Yebo.) Manje-ke nisawuzwa umuzwa wokulahlekelwa? (Cha.) Ingabe kukhona osazizwa edangele? (Cha.) Ngakho ingabe ukhona ozwa ukuthi uNkulunkulu ufulathele isintu? (Cha.) Ngakho yini-ke ngempela uNkulunkulu Ayenzile? (Ugcina isintu.) Ukucabanga nokunakekela okukhulu okungemuva kwakho konke uNkulunkulu akwenzayo akungabazeki. Okungaphezu kwalokho, ngesikhathi uNkulunkulu enza lo msebenzi, Akakaze abeke nanoma imuphi umbandela noma imfuneko kunoma ubani ukuthi bazi inani Alikhokhela bona, ukuze ngaleyo ndlela bezwe benokumbonga Yena okukhulu. Ingabe uNkulunkulu wake wayenza into enjalo ngaphambili? (Cha.) Kukho konke ukuphila kwenu okude, empeleni umuntu ngamunye uke wahlangabezana nezimo eziningi eziyingozi futhi wabhekana nezilingo eziningi. Lokhu yingoba uSathane ulapho eceleni kwakho, amehlo akhe ekugqolozele njalo. Uyathanda lapho isidumo sikuvelela, lapho izinhlekelele zikwehlela, lapho kungekho into ekuhambela kahle, futhi uyathanda uma ubhajwe enethini likaSathane. Mayelana noNkulunkulu, Uyakuvikela njalo, ekugcina kwelinye ishwa emuva kwelinye nakwenye inhlekelele emuva kwenye. Ingakho Ngithi konke umuntu anakho—ukuthula nentokozo, izibusiso kanye nokuphepha kwakhe siqu—eqinisweni konke kulawulwe nguNkulunkulu, futhi Uyahola futhi Anqume impilo nesiphetho somuntu ngamunye. Kepha ingabe uNkulunkulu unomqondo ozikhukhumezayo ngesikhundla Sakhe, njengoba abanye abantu besho? Enitshela ukuthi “Ngimkhulu kunakho konke, Yimi oniphethe, nimele ukungincenga Mina nicele umusa futhi ukungalaleli kuzojeziswa ngokufa.” Ingabe uNkulunkulu wake wasongela isintu ngale ndlela? (Cha.) Yena wake washo yini ukuthi “Isintu sikhohlakele ngakho akusho lutho ukuthi Mina ngibaphatha kanjani, noma iyiphi impatho engahlelekile izobe ilungile; Mina angidingi ukuthi ngibalungiselele izinto kahle kakhulu.” Ingabe uNkulunkulu ucabanga ngale ndlela? (Cha.) Ngakho, ingabe uNkulunkulu wenze ngale ndlela? (Cha.) Kunalokho, impatho kaNkulunkulu yomuntu ngamunye iqotho futhi iyaqikelela; iqikelela kakhulu ngisho kunalokho oyikho kuwe uqobo. Akunjalo? UNkulunkulu akakhulumi okuyize, futhi akami phezulu aziphakamise noma enze ukwenza ngokukhohlisa abantu. Esikhundleni salokho, ngokuthembeka futhi buthule Wenza izinto lezo Yena okudingeka ukuthi Azenze. Lezi zinto ziletha izibusiso, ukuthula kanye nenjabulo kwabaningi, ziletha umuntu ngokuthula nangentokozo phambi kwamehlo kaNkulunkulu nasemndenini Wakhe futhi ziletha kumuntu isizathu esilungile, ukucabanga okulungile, ukwahlulela okulungile kanye nesimo somqondo esilungile akudingayo ukuza phambi kukaNkulunkulu nokuthola insindiso kaNkulunkulu. Ngakho ingabe uNkulunkulu wake waba busobubili nomuntu emsebenzini Wakhe? (Cha.) Ingabe Yena wake waba nokubonisa umusa okungamanga, eduduza umuntu ngokuntela okungatheni, bese emfulathela umuntu? (Cha.) Ingabe uNkulunkulu wake washo into eyodwa wabe esenza enye? (Cha.) Ingabe uNkulunkulu wake wenza izithembiso eziyize futhi waziqhayisa, ekutshela ukuthi Yena angakwenzela lokhu noma asize ukukwenzela lokho, wabese enyamalala? (Cha.) Abukho ubuqili kuNkulunkulu, awekho amacebo. UNkulunkulu uthembekile futhi konke Akwenzayo kuyiqiniso kuphinde kuyikho futhi. Uye into kuphela abantu abangathembela kuyo futhi into kuphela abantu abangaphathisa izimpilo zabo nakho konke okwabo kuyo. Njengoba kungekho ubuqili kuNkulunkulu, besingasho ukuthi uNkulunkulu nguye oqotho kakhulu? (Yebo.) Impela singasho, akunjalo? Nakuba, mayelana naleli lizwi manje, uma silisebenzisa mayelana noNkulunkulu lintengentenge kakhulu, liwubuntu kakhulu, akukho esingakwenza ngoba lena imingcele yolimi lwesintu. Kunokungazwakali kahle lapha ukubiza uNkulunkulu ngokuthi uqotho, kodwa sizosebenzisa leli gama okwamanje. UNkulunkulu uthembekile futhi uqotho, Akunjalo? (Yebo.) Ngakho sichaza ukuthini ngokukhuluma ngalezi zingxenye? Ingabe sichaza umehluko phakathi kukaNkulunkulu nomuntu kanye nomehluko phakathi kukaNkulunkulu noSathane? Singakusho lokhu ngoba umuntu ngeke akwazi ukubona izwibela elilodwa lwesimo esikhohlakele sikaSathane kuNkulunkulu. Ngisho entshweni, akunjalo? Ngingawuthola u-Amen ngalokhu? (Amen!) Asiboni lutho kokukhohlakala kukaSathane okwembulwa kuNkulunkulu. Konke lokho uNkulunkulu akwenzayo nakwembulayo kunosizo futhi kuwusizo ngokupheleleyo kumuntu, futhi kwenziwa ngokuphelele ukuhlinzeka umuntu, kugcwele ukuphila futhi kunika umuntu indlela azoyilandela kanye nomgudu okumele awuthathe. UNkulunkulu akakhohlakele, futhi, ngaphezu kwalokho, uma sibheka konke uNkulunkulu akwenzayo, singasho ukuthi uNkulunkulu ungcwele? (Yebo.) Njengoba uNkulunkulu engenakukhohlakala kwesintu futhi enganalutho ngisho olucishe lufane nesimo esonakele sesintu noma ubuyena bukaSathane, kusukela kulo mbono singathi uNkulunkulu ungcwele. UNkulunkulu akavezi kukhohlakala, futhi ukuvezwa kobuyena Bakhe siqu emsebenzini Wakhe yiso sonke isiqiniseko esisidingayo ukuthi uNkulunkulu Uqobo Lwakhe ungcwele. Ingabe niyakubona lokhu manje? Okungukuthi, ukubona ubuyena bukaNkulunkulu obungcwele, okwamanje masibheke kulezi zingxenye ezimbili: 1) Asikho isimo esonakele kuNkulunkulu; 2) ingqikithi yomsebenzi kaNkulunkulu kumuntu ivumela umuntu kuthi abone ubuyena bukaNkulunkulu siqu futhi lobuyena buhle bubonke futhi buyiqiniso lilonke. Ngoba ingabe yiziphi izinto izinhlobo zonke zomsebenzi kaNkulunkulu eziziletha kumuntu? Zonke izinto ezinhle, zonke ziwuthando, ziyiqiniso zonke, futhi ziyizinto ezikhona ngempela zonke. Okokuqala, uNkulunkulu ufuna umuntu ukuthi athembeke—akukuhle yini lokhu? UNkulunkulu unika umuntu ukuhlakanipha—akukuhle yini lokhu? UNkulunkulu wenza umuntu akwazi ukuhlukanisa phakathi kokuhle nokubi—akukuhle yini lokhu? Uvumela umuntu ukuthi aqonde incazelo nokubaluleka kwempilo yomuntu—akukuhle yini lokhu? Uvumela umuntu ukuthi abone engqikithini yabantu nezinto ngokuhambisana neqiniso—akukuhle yini lokhu? (Yebo.) Omunye umphumela wakho konke lokhu ukuthi umuntu akasakhohliswa uSathane, ngeke esaqhubeka ukulinyazwa uSathane noma ukulawulwa nguye. Ngamanye amazwi, zivumela abantu ukuthi bazikhulule ngokuphelele enkohlakalweni kaSathane futhi ngalokho kancane kancane bahambe indlela yokwesaba uNkulunkulu nokubalekela ububi. Kakade, ingabe senihambe kangakanani kule ndlela manje? Kunzima ukusho, akunjalo? Kepha okungenani ingabe ninakho ukuqonda kokuqala ukuthi uSathane umonakalisa kanjani umuntu, ukuthi iziphi izinto ezimbi, nokuthi iziphi izinto ezingezinhle? (Yebo.) Ngalokuqonda kokuqala, okungenani senihamba endleleni efanele, seniqalile ukwazi iqiniso, ukubona ukukhanya kwempilo, ngakho ukukholwa kuNkulunkulu sekukukhulu.

  Sizoqeda manje ukukhuluma ngobungcwele bukaNkulunkulu, ngakho ubani phakathi kwenu, kukho konke lokho enikuzwile nakuthola, ongasho ukuthi buyini ubungcwele bukaNkulunkulu? Ingabe ubungcwele bukaNkulunkulu Mina engikhuluma ngabo buchaza ukuthini? Ake ucabanga umzuzwana. Ingabe yini ubungcwele bukaNkulunkulu? Ingabe ubungcwele bukaNkulunkulu ukukholeka Kwakhe? (Yebo.) Ingabe ubungcwele bukaNkulunkulu ukuthembeka Kwakhe? (Yebo.) Ingabe ubungcwele bukaNkulunkulu ukuzidela Kwakhe? (Yebo.) Ingabe ubungcwele bukaNkulunkulu ukuthobeka Kwakhe? (Yebo.) Ingabe ubungcwele bukaNkulunkulu ukuthanda Kwakhe umuntu? (Yebo.) Ingabe ubungcwele bukaNkulunkulu busekunikeleni Kwakhe iqiniso nokuphila ngokukhululekile kumuntu? (Yebo.) Konke lokhu uNkulunkulu akuvezayo kuyingqayizivele; akukho phakathi kwesintu esonakalisiwe, futhi akunakubonwa lapho. Akubonakali ngisho nezwibela lakho ngesikhathi sokonakaliswa komuntu uSathane, hhayi futhi esimweni esikhohlakele sikaSathane hhayi futhi engqikithini noma emvelweni kaSathane. Ngakho konke lokho uNkulunkulu anakho nayikho kuyingqayizivele futhi uNkulunkulu Uqobo Lwakhe kuphela onalolu hlobo lwe ngqikithi, uNkulunkulu Uqobo Lwakhe kuphela onalolu hlobo lwengqikithi. Sesikhulume ngalokhu kwaze kwaba lapha, kukhona noma ubani kinina oke wabona noma ubani ongcwele kangaka esintwini? (Cha.) Ngakho ingabe ukhona ongcwele kangaka phakathi kwabantu abadumile, abantu abavelele kanye nezithixo enizikhonzayo esintwini? (Cha.) Akekho nhlobo omunye okungathiwa ungcwele! “abangcwele” mbumbulu babantu abangakholwa bangabakhohlisi abazenzisayo futhi banguSathane onobuqili nomshoshaphansi kakhulu. Lokhu yiqiniso elimsulwa kuphela. Manje singathi kuphela uNkulunkulu yedwa ongcwele ngempela, ukuthi ubungcwele bukaNkulunkulu buyingqayizivele futhi Nguye kuphela ongathwala lokhu egameni naseqinisweni. Ngaphezu kwalokho kukhona futhi icala lakho lo qobo. Ingabe kukhona umahluko phakathi kobungcwele Mina engikhuluma ngakho manje kanye nobungcwele ebenibucabanga futhi nibubona ngeso lengqondo ngaphambilini? (Yebo.) Ngakho-ke ingabe mukhulu kangakanani lo mahluko? (Kakhulu kakhulu!) Nisebenzisa amagama enu siqu, ingabe abantu basuke besho ukuthini uma bekhuluma ngobungcwele? (Ukuziphatha okuthile okubonakala ngaphandle.) Ukuziphatha noma uma bechaza okuthile, bathi ingcwele. Ngakho ingabe le ncazelo “yobungcwele” ingumbono? Buyinto ebukeka ihlanzekile futhi iyinhle nje, into ebukeka noma ezwakala ilungile kubantu, akukho lutho okunesigqi sangempela sobungcwele. Akukho okuyikho ngalokho abantu abacabanga ukuthi ubungcwele buyikho. Ngaphandle kwalokhu, ingabe buchaza ukuthini empeleni “ubungcwele” abantu ababucabangayo noma abakhuluma ngakho? Ingabe ilokho abakucabangayo noma abanquma ukuthi kuyikho? Isibonelo, abanye abalandeli benkolo kaBhuda bashona ngesikhathi besakwenza, badlule emhlabeni besahleli lapho belele. Abanye abantu bathi bangcwele futhi bandizele ezulwini. Lokhu futhi kuwuhlobo lokucabanga ngeso lengqondo. Bese kubakhona abanye abacabanga ukuthi okusangelosi encane okuntweza emoyeni kusuka ezulwini kungcwele. Kukhona futhi abacabanga ukuthi ukungashadi nhlobo, ukudla nokugqoka kabi kanye nokuhlupheka impilo yakho yonke kungcwele. Empeleni, umqondo wabantu ngegama “ngcwele” bewulokhu uwuhlobo lo mcabango nombono oyize futhi ngokusemqoka ongengasigqi sangempela kuwo, futhi ngaphezu kwalokho awuhlanganise luthi nengqikithi yobungcwele. Ingqikithi yobungcwele uthando lweqiniso, kodwa ngaphezu kwalokhu buyingqikithi yeqiniso, ukulunga kanye nokukhanya. Igama “ngcwele” lifanelekela kuphela uma lisetshenziswa kuNkulunkulu; ayikho into endalweni efanelekela ukubizwa ngokuthi ingcwele. Umuntu kufanele akuqonde lokho. Ukungaboni ukuthi ubungcwele beqiniso buyini ukungaboni uNkulunkulu. UNkulunkulu kuphela ongcwele, futhi lokhu iqiniso elingenakuphikwa-muntu.

  Masibuyele emuva ukukhuluma ngokuthi uSathane usebenzisa ziphi izindlela ukonakalisa umuntu. Siqeda nje ukukhuluma ngezindlela ezininginingi uNkulunkulu asebenza ngazo kumuntu yilowo nalowo wenu eningazizwela ngokwenu, ngakho ngeke ngingene kakhulu emininingwaneni. Kodwa ezinhliziyweni zenu mhlawumbe nibona lufifi ngezindlela uSathane azisebenzisayo ukonakalisa umuntu, noma okungenani kushoda ngemininingwane, ngakho nizosizakala ukukhuluma ngakho. Ingabe niyafuna ukukuqonda? (Yebo.) Mhlawumbe abanye benu bazobuza: Kungani sikhuluma ngoSathane futhi? Sesibonile ukuthi uSathane ukhohlakele futhi siyamzonda uSathane kakade, ngakho uSathane usengasonakalisa? Eqinisweni, nakuba ningamzonda uSathane, aniboni konke ngaye. Kusekhona izinto ekusadingeka ukuthi nibhekane nazo, ngaphandle kwalokho ngeke nikwazi ukugqashula ethonyeni likaSathane.

  Ngaphambilini sesikhulume ngezindlela ezinhlanu uSathane onakalisa umuntu ngazo, akunjalo? Kulezi zindlela ezinhlanu kunezinto azisebenzisayo, okumele umuntu azibone ngokusobala. Izindlela uSathane onakalisa ngazo umuntu ziwuhlobo nje lwesembozo; ezinganakekile kakhulu amasu acashe ngemuva kwalesi sisitho futhi ufuna ukusebenzisa lawa masu ukufeza izinjongo zakhe. Ingabe imaphi lamasu? Ngifinqeleni wona. (Uyaphamba, uyayenga futhi uyasonga.) Lapho nibala amaningi, ilapho nisondela khona. Kubukeka ongathi nilinyazwe kakhulu nguye futhi ninemizwa enzima ngalesi sihloko. (Futhi usebenzisa amazwi amtoti kanye namanga, uyathonya, uyakhohlisa, futhi angene ahlale ngenkani.) Ungena ahlale ngenkani—lokhu kuletha ukucabanga okujulile, akunjalo? Abantu bayesaba ukungenwa uSathane ngenkani. Ingabe akhona amanye? (Ulimaza abantu ngendluzula, usebenzisa ukusongela neziyengo futhi, futhi uqamba amanga.) Amanga isigqi sezenzo zakhe futhi uqamba amanga ukuze akukhohlise. Ingabe yini imvelo yokuqamba amanga? Ukuqamba amanga akufani yini nokukhohlisa? Injongo yokuqamba amanga ukukukhohlisa. Akhona amanye? Khulumani. Ngitsheleni wonke lawo eniwaziyo. (Uyayenga, alimaze, aphuphuthekise futhi akhohlise.) Iningi lenu lizwa ngokufana ngale nkohliso, akunjalo? (Usebenzisa ukuzincengela ngokuthopha, ulawula umuntu, ambambe umuntu, uyamsabisa njalo umuntu futhi uvimba umuntu ukuthi akholelwe kuNkulunkulu.) Sengiyazi kahle ukuthi niqonde ukuthini futhi wonke mahle ngokufana. Nonke niyazi okuthile ngalokhu, ngakho masiwabeke ngamafushane.

Kunezindlela eziyisithupha ezisemqoka uSathane azisebenzisayo ukonakalisa umuntu.

  Eyokuqala ukulawula nengcindezelo. Okungukuthi, uSathane angenza konke okusemandleni ukulawula inhliziyo yakho. Kuchaza ukuthini ukuthi “ingcindezelo”? (Kuchaza impoqo.) Uyakusongela futhi akuphoqe ukuthi umlalele, akwenze ucabange imikhokha uma ungalaleli. Uyesaba futhi awulokothi ukuphika inkani, ngakho awunakho okunye ongakwenza ngaphandle kokuthi ube ngaphansi kwethonya lakhe.

  Eyesibili ukukhohlisa nokuphamba. Ingabe kuhlanganiseni “ukukhohlisa nokuphamba”? USathane uqamba izindaba namanga athile, akuyenge ukuthi uzikholwe. Akakutsheli neze ukuthi umuntu wadalwa uNkulunkulu, kodwa futhi engasho ngokuqondile ukuthi awuzange wenziwe uNkulunkulu. Akalisebenzisi igama “Nkulunkulu” nakanye, kodwa kunalokho usebenzisa okunye esikhundleni salo, esebenzisa lento ukukukhohlisa ukuze empeleni ungazi sampela ngokubakhona kukaNkulunkulu, futhi akakuvumeli neze ukuthi wazi ukuthi ungubani ngempela uNkulunkulu. Lokhu kukukhohlisa kubandakanya izingxenye eziningi, hhayi lena nje kuphela.

  Eyesithathu ukufunza ngemfundiso ethile ngokuphoqa. Ingabe kukhona ukufunza ngemfundiso ethile ngokuphoqa? (Yebo.) Ukufunza ngemfundiso ethile ngokuphoqa kwani? Ingabe ukufunza ngemfundiso ethile ngokuphoqa kwenziwa ngokuzikhethela komuntu ngokwakhe? Ingabe kwenziwa ngemvume yomuntu? (Cha.) Akukhathaliseki noma awukuvumanga. Ekungazini kwakho kungena kuwe kugxilisa kuwe ukucabanga kukaSathane, imigomo yakhe yokuphila kanye nengqikithi yakhe ekhohlakele. Eqinisweni, konke lokho uSathane akugxilisa kuwe amanga, ukukholwa okudukile okungenasisekelo futhi empeleni kuwukuhlubuka eqinisweni nokukholwa okudukile uSathane akusebenzisayo ukonakalisa umuntu. Lobu buthi obunobusathane butshalwa ezingqondweni zabantu kanye nasemiqondweni yabo, futhi lokhu kufaka umqondo wamaqiniso akhipha iqiniso eliyilo ngempela kubantu. Uma umuntu othile esebemukelile lobu buthi obunobusathane, uphenduka angabi umuntu noma isipoki, engenabo ngisho obuncane ubuntu.

  Okwesine ukusongela nokuyenga. Okungukuthi, uSathane usebenzisa izindlela ezininginingi ukuze umemukele, umlandele, umsebenzele; uzama ukufeza izinjongo zakhe ngayo yonke indlela engenziwa. Kwesinye isikhathi ukwenzela umusa omncane kodwa elokhu ekuyenga ukuthi wenze isono. Uma ungamlandeli, uzokuhlupha futhi akujezise futhi uzosebenzisa izindlela ezinhlobonhlobo ukukuhlasela nokukucupha.

  Eyesihlanu inkohliso kanye nokukhubazeka. “Inkohliso nokukhubazeka”ukuthi uSathane wenza izisho nemibono ethile ezwakala kamnandi ehambisana nemibono yabantu ukwenza kube sengathi ucabangela inyama yabantu noma ucabanga ngezimpilo nekusasa labo, lapho empeleni okokukhohlisa wena nje. Ubese ekuthwebula ukuze ungazi ukuthi yini elungile futhi yini engalungile, khona ngokungazi uzolandela indlela yakhe futhi ngaleyo ndlela uqale ukulawulwa nguye.

  Eyesithupha ukubhujiswa komzimba nomqondo. Yini uSathane ayibhubhisayo yomuntu? (Umqondo wabo, nobubona sebubonke.) USathane ubulala umqondo wakho, akwenze ungabi namandla okulwa, okusho ukuthi kancane kancane inhliziyo yakho iphendukela kuSathane noma ungafuni. Ugxilisa lezi zinto kuwe zonke izinsuku, zonke ezinsuku usebenzisa le mibono namasiko ukukuthonya nokukufundisa, eqothula intando yakho kancane kancane, ekwenza ukuthi ungabe usafuni ukuba umuntu olungile, ekwenza ungabe usafisa ukubekezela ukumela lokho okubiza ngokuthi ukulunga. Ngokungazi, awusenawo amandla okubhukuda uphambane nebuya, kodwa kunalokho uhambisana nalo. “Ukubhubhisa” kusho ukuthi uSathane uhlupha abantu kangangokuba bangabe besafana nomuntu noma isipoki, bese ethatha ithuba lokubashwabadela.

  Ngayinye yalezi zindlela uSathane azisebenzisayo ukonakalisa umuntu ingamenza umuntu angabinamandla okulwa; noma iyiphi yazo ingababulala abantu futhi ibashiye bengenayo indlela yokulwa nakancane. Ngamanye amazwi, noma yini uSathane ayenzayo nanoma iyiphi indlela ayisebenzisayo ingakwenza ukuthi uphuphe, ingakuletha ngaphansi kolawulo lukaSathane futhi ingakubishisa obishini lwenkohlakalo ngendlela yokuthi ungakwazi ukuphunyuka. Lezi izindlela uSathane azisebenzisayo ukonakalisa umuntu futhi zinonya, zinenzondo, ziwumshosha phansi futhi ziyanyanyisa ngokweqile. Wonke umuntu uke wakunambitha ukubaba kwalezi zindlela mathupha, ukuze inhliziyo yomuntu izobe seyimzonde kakhulu uSathane futhi izimisele ukuhlubuka kuleli dimoni elikhohlakele.

  Singasho ukuthi uSathane ukhohlakele, kodwa ukuze sikuqinisekise kumele sibheke ukuthi ingabe yimiphi imiphumela yokonakalisa umuntu kukaSathane nokuthi iziphi izimo nezingqikithi okuziletha kumuntu. Nonke niyakwazi okunye kwalokhu, ngakho khulumani ngakho. Uma uSathane esonakalise umuntu, ingabe iziphi izimo ezinobusathane abazikhombisayo nabazivezayo? (Bayaqhosha futhi bayazidla, banobugovu futhi bayanyanyisa, banobugwegwe nobuqili, banomshoshaphansi futhi banenzondo, futhi abanabo ubuntu.) Sekukonke, singathi abanabo ubuntu, akunjalo? Dedela abanye abafowethu nodadewethu bakhulume. (Bayaqhosha, banobuqili, banenzondo, banobugovu, banomhawu, abanaso isigqi, banamanga.) Ungasho okuvezwa isimo sengxenye ethile; kumele usho ukuthi iyini ingqikithi yaleso simo. Niyezwa? (Uma umuntu esonakalisiwe uSathane, ngokuvamile kakhulu bayaqhosha futhi bayazikhukhumeza, bayaziqhenya futhi bayazidla, banomhawu futhi banobugovu. Lezi yilezo ezinzima kakhulu.) (Emuva kokuthi umuntu esonakaliswe uSathane, baba nokukhohlakala ngokokuphathekayo nokwakamoya futhi. Babe sebeba nobutha noNkulunkulu, balwe noNkulunkulu, bangamlaleli uNkulunkulu futhi balahlekelwa unembeza nomqondo umuntu okufanele abenawo.) Lokho enikushilo konke kuyafana impela nomehluko ongatheni kuphela, futhi abanye benu bazihlupha kakhulu ngemininingwane engatheni. Ukubeka kafushane, “bayaqhosha” kube igama elivame ukushiwo kakhulu—bayaqhosha, banobuqili, banenzondo futhi banobugovu. Kodwa nonke aninakanga into efanayo. Abantu abangenawo unembeza, asebelahlekelwe umqondo futhi abangenabo ubuntu—kusekhona okuthile nakho okubalulekile okungekho noyedwa phakathi kwenu okushilo. Ngakho ingabe yini leyo? (Ukukhaphela.) Kunjalo! Akekho oke wathi “Ukukhaphela.” Umphumela wokugcina walezi zimo ezibakhona kumuntu uma esonakaliswe uSathane ukukhaphela kwabo uNkulunkulu nokuthi bangabe besamazisa Yena. Akukhathaliseki ukuthi uNkulunkulu uthini kumuntu noma imuphi umsebenzi Awenzayo kubo, abakuvumi lokho abakwaziyo ukuthi kuyiqiniso, futhi kuyabonakala ukuthi abasamazisi uNkulunkulu futhi bayamkhaphela Yena: Lokhu umphumela wokonakalisa umuntu kukaSathane futhi uyefana nowazo zonke izimo ezonakalisiwe zomuntu. Phakathi kwezindlela uSathane onakalisa ngazo umuntu—ulwazi umuntu alufundayo, isayensi abayaziyo, izinkolelo-ze, amasiko endabuko kanye nezinkambiso eziphathelene nabantu abaziqondayo—ingabe ikhona noma eyiphi umuntu angayisebenzisa ukubona ukuthi yini elungile nokuthi yini engalunganga? Ingabe ikhona imigomo okungasetshenzwa ngayo lapha? (Cha.) Ingabe kukhona noma yini engasiza umuntu ukuthi azi ukuthi yini engcwele nokuthi yini embi? (Cha.) Ayikho imigomo noma isisekelo esingasiza umuntu. Ngisho noma abantu belazi igama “ngcwele,” akekho owaziyo ngempela ukuthi yini engcwele. Ngakho ingabe lezi zinto uSathane aziletha kumuntu zingakwazi ukubavumela ukuba bazi iqiniso? Azisoze zavumela umuntu ukuthi azi iqiniso. Ingabe zingakwazi ukuvumela umuntu ukuthi aphile ngobuntu obukhulayo? Ingabe zingamvumela umuntu ukuthi aphile ngokuqonda okukhulayo mayelana nokuthi akhuleke kanjani ngempela kuNkulunkulu? (Cha.) Kusobala ukuthi ngeke zimvumele umuntu ukuthi akhuleke kuNkulunkulu, futhi zingeke zimvumele umuntu ukuthi azi ukuthi buyini ubungcwele nobubi. Kunalokho, umuntu uya ephupha kakhulu, uya eqhelelana noNkulunkulu, uya ekhohlakala kakhulu, uya eba yisigwegwe kakhulu. Lesi isizathu esiwumnyombo esingemuva kokuthi sithi uSathane ukhohlakele. Sesizicwiyile izici eziningi impela zikaSathane ezikhohlakele, nike nabona uSathane eba nanoma iyiphi ingxenye yobungcwele noma ezicini zakhe noma ekuqondeni kwenu kwengqikithi yakhe? (Cha.) Lokho okuqinisekile, akunjalo? Ngakho ke ingabe nike nabona noma iyiphi ingqikithi kaSathane enanoma ikuphi ukufana noNkulunkulu? (Cha.) Ingabe kukhona noma ikuphi ukubonakaliswa kukaSathane okunanoma ikuphi ukufana noNkulunkulu? (Cha.) Ngakho manje ngifuna ukunibuza, nisebenzisa amagama enu siqu, ingabe yini empeleni ubungcwele bukaNkulunkulu? Okokuqala nje, ingabe ubungcwele bukaNkulunkulu bushiwo mayelana nani? Ingabe bushiwo mayelana nobuyena bukaNkulunkulu? Noma ingabe bushiwo mayelana nengxenye ethile yesimo Sakhe? (Bushiwo mayelana nobuyena bukaNkulunkulu.) Kumele sithole isikhundla esicacile esihlokweni sethu esisikhethile. Bushiwo mayelana nobuyena bukaNkulunkulu. Okokuqala nje sisebenzise ukukhohlakala kukaSathane njengesithiyo sobuyena bukaNkulunkulu, ngakho uke wabona noma ibuphi ubuyena bukaSathane kuNkulunkulu? (Cha.) Uthini nganoma iyiphi ingqikithi yesintu? (Cha.) Othile Akangitshele. (Ubungcwele bukaNkulunkulu buyingqayizivele, buthembekile, buqotho, futhi asikho isimo esonakele kuNkulunkulu. UNkulunkulu muhle ngokuphelele, njengakho konke Yena akuletha kumuntu.) (Bonke ubuyena bukaNkulunkulu buhle, konke lokho akuvezayo okokusindisa umuntu nokuthi umuntu aphile umfanekiso womuntu ojwayelekile. Okokuthi Akwazi ukuvikela umuntu ngempela nokuthi umuntu aphile ubuntu obujwayelekile.) Ingabe okokuthi aphile ubuntu obujwayelekile kuphela? (Obokuthi umuntu akwazi ukwazi iqiniso ngempela; Ubungcwele Bakhe buwuthando Lwakhe lweqiniso nokusindiswa kwesintu.) (Konke okuvezwa ubuyena bukaNkulunkulu kuhle. Ukuba-neqiniso kukaNkulunkulu, ukuthembeka Kwakhe, ukuzidela Kwakhe, ukuthobeka Kwakhe kanye nothando Lwakhe lwesintu konke kubonakalisa ingqikithi yobungcwele bukaNkulunkulu.) (UNkulunkulu akaqhoshi, akanabo ubugovu, futhi akakhapheli, futhi kule ngxenye ubuyena obungcwele bukaNkulunkulu buyabonakala futhi ukuthi buyembulwa.) Ohho. Bakhona abanye abanganezezela? (UNkulunkulu akanalo izwibela lwesimo esikhohlakele sikaSathane. Lokho uSathane anakho okungekuhle konke, kanti lokho uNkulunkulu anakho kuhle kuphela. Siyabona ukuthi uNkulunkulu uhlale eseceleni kwethu njalo. Kusukela lapho sasibancane kakhulu kuze kube manje, ikakhulukazi lapho sasilahlekelwe indlela yethu, Yena wayehlale ekhona, esivikela futhi esigcina siphephile. Akukho ubuqili kuNkulunkulu, ayikho inkohliso. Ukhuluma ngokucacile nangokusobala, futhi lokhu nakho ubuyena bangempela bukaNkulunkulu.) Kuhle kakhulu! (Asiboni lutho lwesimo esikhohlakele sikaSathane emsebenzini kaNkulunkulu, ayikho inkohliso, akukho ukuzigabisa, azikho izithembiso eziyize futhi abukho ubuqili. UNkulunkulu uyena kuphela into umuntu angakholelwa kuyo futhi umsebenzi kaNkulunkulu uthembekile futhi uqotho. Emsebenzini kaNkulunkulu siyambona uNkulunkulu etshela abantu ukuthi bathembeke, ukuthi babe nokuhlakanipha, ukuthi bakwazi ukuhlukanisa phakathi kokuhle nokubi futhi babe nobuhlakani. Kulokhu singabona ubungcwele bukaNkulunkulu.) Kukhona abanye abazokwengeza? Ingabe seniqedile? (Yebo.) Ingabe nenelisekile ngalokho enikushilo? Khona-kambe ingabe kungakanani ukuqonda okusezinhliyweni zenu ngempela? Futhi ingabe nibuqonda kangakanani ubungcwele bukaNkulunkulu? Ngiyazi ukuthi yilowo nalowo kini unalo izinga elithile lokuqonda okuzwakalayo, ngoba wonke umuntu ngamunye uyezwa umsebenzi kaNkulunkulu phezu kwabo futhi, ngamazinga ahlukahlukene, bathola izinto eziningi kuNkulunkulu; bathola umusa nezibusiso, bayakhanyiselwa futhi bayakhanyiswa, futhi bathola ukwahlulela nesijeziso sikaNkulunkulu ukuze umuntu abenokuqonda okulula ngobuyena bukaNkulunkulu.

  Nakuba “ubungcwele bukaNkulunkulu” esikhuluma ngabo namhlanje kungabonakala kungajwayelekile kubantu abaningi, akukhathaliseki ukuthi kubukeka kanjani sesisiqalile lesi sihloko, futhi nizoba nokuqonda okujulile lapho nihamba indlela ngaphambili. Kubiza ukuthi niqale ukuzwa futhi niqonde nisusela kulokho enidlule kukhonanina siqu. Manje ukuqonda kwenu ubuyena bukaNkulunkulu kusadinga isikhathi eside ukuthi nikufunde, nikuqinisekise, nikuzwe futhi nizizwele khona, kuze kuthi ngelinye ilanga nibone ubungcwele bukaNkulunkulu kusukela ekujuleni kwenhliziyo yenu ukuthi kuwubuyena obungenasici bukaNkulunkulu, uthando oluzidelayo lukaNkulunkulu, okunguthando oluzidelayo lwakho konke uNkulunkulu akunika umuntu, futhi niyoqala ukubona ukuthi ubungcwele bukaNkulunkulu abunasici futhi abunakusolwa. Lobu buyena bukaNkulunkulu abuwona nje amagama awasebenzisayo ukuveza ubunjalo Bakhe, kodwa esikhundleni salokho uNkulunkulu usebenzisa ubuyena ukubhekana nomuntu ngamunye buthule nangobuqotho. Ngamanye amazwi, ubuyena bukaNkulunkulu abulona ize, bungekhona futhi okuwumbono noma okuyimfundiso futhi ngokuqinisekile abulona uhlobo lo lwazi. Abuyona inhlobo yemfundo yomuntu, kodwa esikhundleni salokho buyisambulo sangempela sezenzo zikaNkulunkulu siqu futhi bungubuyena obuveziwe kwalokho uNkulunkulu anakho nayikho. Umuntu kufanele abazise futhi abuqonde lobu buyena, ngoba konke uNkulunkulu akwenzayo nezwi ngalinye Alishoyo libaluleke kakhulu futhi linencazelo enzima kuwo wonke umuntu. Uma usuqala ukuqonda ubungcwele bukaNkulunkulu, ilapho ungakwazi ngempela ukukholelwa kuNkulunkulu; uma usuqala ukuqonda ubungcwele bukaNkulunkulu, ilapho ungaqonda ngempela incazelo yeqiniso yamagama “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele.” Ngeke usacabanga ukuthi ungakhetha ukuhamba eminye imigwaqo, futhi ngeke usafuna ukukhapheza konke lokho uNkulunkulu akuhlelele khona. Ngoba ubuyena bukaNkulunkulu bungcwele, lokhu kusho ukuthi ngoNkulunkulu kuphela ungakwazi ukuhamba indlela ekhanyayo, elungile empilweni, ngoNkulunkulu kuphela ungakwazi ukwazi incazelo yempilo, ngoNkulunkulu kuphela ungaphila impilo yangempela, ube neqiniso, wazi iqiniso, futhi ngoNkulunkulu kuphela ungakwazi ukuthola ukuphila eqinisweni. UNkulunkulu Uqobo Lwakhe kuphela ongakusiza ukubalekela ububi futhi akuhlenge ekulinyazweni nokulawulwa uSathane. Ngaphandle kukaNkulunkulu, akekho umuntu futhi ayikho into engakusindisa olwandle lokuhlupheka ukuze ungabe usahlupheka: Lokhu kunqunywa ubuyena bukaNkulunkulu. UNkulunkulu kuphela okusindisa ngokuzidela okukhulu, uNkulunkulu kuphela ekugcineni ophethe ikusasa lakho, okudalelwe kanye nempilo yakho, futhi Ukuhlelela zonke izinto. Lokhu yinto okungekho okudaliwe noma okungadalwanga okungayenza. Ngoba akukho okudaliwe noma okungadalwanga okunobuyena bukaNkulunkulu obunjenga lobu, akukho umuntu noma into enamandla okukusindisa noma okukuhola. Lokhu ukubaluleka kobuyena bukaNkulunkulu kumuntu. Mhlawumbe niyezwa ukuthi lawa mazwi impela angasiza kancane ngokomthetho. Kodwa uma nifuna iqiniso, uma nithanda iqiniso, kulokho enizodlula kukhona emuva kwalokhu lawa mazwi ngeke kuphela ashintshe enikudalelwe, kodwa ikakhulukazi azoniletha endleleni elungile empilweni. Niyakuqonda lokhu, akunjalo? (Yebo.) Ngakho ingabe ninakho manje ukushisekela okuthile ukubona ubuyena bukaNkulunkulu? (Yebo.) Kuhle ukuba nentshisekelo. Sizophetha lapha ukukhuluma ngesihloko sethu namhlanje ngokubona ubungcwele bukaNkulunkulu.

  Ngithanda ukukhuluma nani ngokuthile enikwenzile okungimangazile Mina ekuqaleni komhlangano wethu namhlanje. Abanye benu mhlawumbe beninomuzwa wokubonga ngaleso sikhathi, noma benizwa ninokubonga, ngakho benifuna ukukhombisa emzimbeni lokho ebeninakho emiqondweni. Lokhu akusoleki, futhi akukhona okulungile noma okungalunganga. Kodwa ingabe yini engithanda ukunitshela yona? Lokho enikwenzile akuyona into engalunganga futhi Angifisi ukunisola nganoma iyiphi indlela. Ngithanda ukuthi niqonde okuthile. Ingabe yini lokhu? Okokuqala ngingathanda ukunibuza ngalokhu enikwenzile manje nje. Bekuwukuwa ngobuso noma ukuguqa nikhuleka? Kukhona Ongangitshela? (Sikholwa ukuthi bekuwukuwa ngobuso. Siwa ngobuso ngale ndlela.) Nikholwa ukuthi bekuwukuwa ngobuso, ngakho-ke kuchaza ukuthini ukuwa ngobuso? (Ukukhuleka.) Ngakho kuyini ukuguqa ngamadolo ukukhuleka ke? Isizathu ngingashongo lokhu kinina masinyane, ukuthi isihloko sethu sengxoxo namhlanje besibaluleke kakhulu futhi bengingafuni ukuthikameza imizwa yenu. Ingabe niwa ngobuso emihlanganweni yenu ejwayelekile? (Cha.) Ingabe niwa ngobuso uma nisho imithandazo yenu? (Yebo.) Ingabe niwa ngobuso njalo uma nithandaza, uma isimo sivuma? (Yebo.) Lokho kuhle kakhulu. Kodwa ingabe yini engithanda ukuthi niyiqonde namhlanje? Zimbili izinhlobo zabantu ukukhothama kwabo uNkulunkulu akwamukelayo. Asidingi ukuthathisa eBhayibhelini noma ezenzweni zanoma ibaphi abantu abaqavile bakamoya, futhi ngizonitshela okuthile okuyiqiniso khona manje. Okokuqala ukuwa ngobuso nokuguqa ukhuleka akuyona into efanayo. Kungani uNkulunkulu amukela ukukhothama kwalabo abawa ngobuso? Ingoba uNkulunkulu ubiza umuntu Kuye futhi Amyale lo muntu ukuthi emukele ubizo lukaNkulunkulu, ngakho-ke uwa ngobuso kuNkulunkulu. Lolu uhlobo lokuqala lomuntu. Olwesibili ukuguqa ukhuleka komuntu owesaba uNkulunkulu futhi ebalekela ububi. Kukhona lezi zinhlobo kuphela zabantu. Ingabe wena ukuluphi uhlobo? Ingabe uyakwazi ukusho? Lokhu iqiniso lempela, nakuba linganilimaza emoyeni kancane. Ayikho into engashiwo ngokukhothama kwabantu ngesikhathi somthandazo—lokhu kufanele futhi kunjengoba kufanele kube yikho, ngoba lapho abantu bethandaza ikaningi kuwukukhulekela okuthile, bevula izinhliziyo zabo kuNkulunkulu futhi babhekana Naye ubuso nobuso. Ukuxhumana nokushintshisana, inhliziyo nenhliziyo noNkulunkulu. Kodwa uma ngihlangana nani ukuhlanganyela, Mina angizange nginicele ukuba niwe ngobuso. Angiqondile ukunisola ngalokho enikwenzile namhlanje. Niyazi nje ukuthi ngifisa ukwenza kucace kinina ukuze niqonde lesi simiso, akunjalo? (Siyazi.) Ukuze ningaqhubeki ukukwenza lokhu. Ingabe abantu banalo ke ithuba lokuwa ngobuso futhi baguqe phambi kobuso bukaNkulunkulu? Liyohlale likhona ithuba. Noma nini usuku luyofika, kodwa akukabi isikhathi. Niyabona? (Yebo.) Ingabe lokhu kunenza nizizwe ninokudabuka? (Cha.) Kuhle lokho. Mhlawumbe lawa mazwi azonikhuthaza noma anigqugquzele ukuze nazi ezinhliziyweni zenu isimo esibucayi esikhona njengamanje phakathi kukaNkulunkulu nomuntu nokuthi uhlobo luni lobudlelwane obukhona manje phakathi kwabo. Nakuba sikhulumile sabelana kakhulu kamuva nje, ukuqonda komuntu ngoNkulunkulu kusekude kakhulu kokwanele. Iseyinde indlela umuntu azoyihamba kulo mgwaqo wokufuna ukuqonda uNkulunkulu. Akuyona inhloso Yami ukukwenza ukuthi wenze lokhu ngokuphuthuma, noma uxhamazela ukukhombisa lezi zinhlobo zezifiso noma imizwa. Lokhu enikwenzile namhlanje kungase kuveze futhi kukhombise imizwa yenu yangempela, futhi ngikuzwile lokho. Ngakho ngesikhathi nikwenza, Mina bengifisa nje ukuthi ngisukume futhi ngininike izilokotho Zami ezinhle ngoba nginifisela nonke ukuthi kube kuhle kini. Ngakho ngezwi Lami ngalinye nesinyathelo ngasinye ngenza konke okusemandleni Ami ukunisiza, ukunihola, ukuze nibe nokuqonda okufanele nombono ofanele ngezinto zonke. Niyakuzwa lokhu, akunjalo? (Yebo.) Kuhle kakhulu lokho. Nakuba abantu benokuqonda okuthile izimo ezinhlobonhlobo zikaNkulunkulu, izingxenye zalokho uNkulunkulu anakho nayikho nomsebenzi uNkulunkulu awenzayo, iningi lalokhu kuqonda akudluli ekufundweni kwamagama ekhasini, noma ukuwaqonda ngokomthetho, noma ukuwacabanga nje. Lokho abantu abakuswele kakhulu ukuqonda nombono wangempela ovela kulokho abadlule kukho ngokoqobo. Nakuba uNkulunkulu esebenzisa izindlela ezinhlobonhlobo ukuphaphamisa izinhliziyo zabantu, iseyinde indlela ezohanjwa ngaphambi kokuthi izinhliziyo zabantu ziphaphame ekugcineni. Angifuni ukubona noma ubani ezizwa sengathi uNkulunkulu ubashiye ophathe, ukuthi uNkulunkulu ubalahlile noma ubafulathele. Ngithanda kuphela ukubona bonke abantu besendleleni yokufuna iqiniso nokufuna ukuqonda uNkulunkulu, bemasha ngesibindi beqhubeka ngenhliziyo enganqikazi, engenakho ukungabaza, engathwele imithwalo. Akukhathalisekile ukuthi imaphi amaphutha owenzile, akukhathalisekile ukuthi usuduke kangakanani noma ukuthi wone kangakanani, ungazivumeli lezi ukuba zibe imithwalo noma impahla eyeqile ozoyithwala ekuphokopheleni ukuqonda uNkulunkulu: Qhubeka umashe uye phambili. Noma nini lapho kwenzeka, inhliziyo kaNkulunkulu ewukusindiswa komuntu ayiguquki neze: Lokhu ingxenye eyigugu kakhulu yobuyena bukaNkulunkulu. Ingabe nizizwa ningconywana manje? (Yebo.) Ngithemba ukuthi nizothatha indlela efanele ezintweni zonke nasemazwini engiwakhulumile. Masiyiphethe lapha-ke lengxoxo. Nisale kahle nonke! (Uhambe kahle!)

UMasingana 11, 2014

    Imibhalo yaphansi:

   a. Umbhalo wasekuqaleni ufunda “ukwenelisa ukuhlola komuntu isayensi kanye nokuhlolisisa izimfihlakalo.”

    b. Umbhalo wasekuqaleni ushiya “ubishi lwe.”

Awekho amazwana:

Thumela amazwana

Ngosuku Lwesithathu, Amazwi KaNkulunkulu Adala Umhlaba Nezilwandle, Negunya LikaNkulunkulu Lenza Umhlaba Uchichime Ngokuphila

Okulandelayo masifunde umusho wokuqala kuGenesise 1:9-11: “Futhi uNkulunkulu wathi, Amanzi angaphansi kwezulu mawaqoqeke ndawonye, bese kub...