Amalebula

2/13/2018

Christian Music Video "Umthandazo Wabantu BakaNkulunkulu" - Live in the Light



UNkulunkulu Akubusise
Abantu bajwayele ukuthi, "Izingozi ziyenzeka, impilo ngeke uyazi."
Namhlanje, ezomnotho nezobuchwepheshe kuthuthuka ngesivinini esikhulu,
amazinga okuphila athuthuke kancane kancane,
kodwa sesithole ukuthi izibhicongo emhlabenijikelele zinyuka usuku nosuku.
Uma sivula amaphephandaba, sivula i-TV, noma sivula iwebusayithi,
ngokuvamisile sizobona imibiko
yezinhlobo zonke zezibhicongo zemvelo nezidalwa ngabantu,
njengokuzamazama komhlaba, itsunami, izikhukhula, izomiso,
imililo, izingozi zasemayini, ukuphahlazeka kwamabhanoyi, kanye nokunye.
Izibhicongo sezijwayele ukwenzeka,nobukhulu bezibhicongo buyakhula kakhulu.
Izindawo ezihlaselwe isibhicongo zigcweleukuhlupheka, ukopha, ukulimala nokufa.
Amabhadi alokhu enzeka endaweni esizungezile avezaubufushane nobuntekenteke bempilo.
Lokhu kwenza sibone ukuthi abantu abakwazi ukubona
uhlobo lwesibhicongo esingabehlela,
futhi ngaphezu kwalokho nendlela yokubhekana nezigemegeme ezizayo.
Ngakho-ke yini esingayenza ukushintsha isiphetho sembubhiso ephelele?
Ngemva kokubuka le filimu emfishane, sithemba ukuthi uzoyithola impendulo
futhi uthole kuphela indlela engakusiza uthole ukuvikelwa uNkulunkulu
futhi usinde ezibhicongweni.

Awekho amazwana:

Thumela amazwana

Ngosuku Lwesithathu, Amazwi KaNkulunkulu Adala Umhlaba Nezilwandle, Negunya LikaNkulunkulu Lenza Umhlaba Uchichime Ngokuphila

Okulandelayo masifunde umusho wokuqala kuGenesise 1:9-11: “Futhi uNkulunkulu wathi, Amanzi angaphansi kwezulu mawaqoqeke ndawonye, bese kub...