Amalebula

2/14/2018

UMLANDO WOKUHLUSHWA NGENXA YENKOLO ECHINA: IHORA LOBUMNYAMA PHAMBI KOKUS...


Selokhu lathatha izintambo Ezweni laseShayina ngo-1949, iqembu iChinese Communist Party alikaze liyeke ukuhlupha abantu abakholwayo. Libophe futhi labulala amaKristu ngokuzimisela okukhulu, laxosha futhi lahlukumeza amamishinari asebenza eShayina, lashaqa futhi lashisa inqwaba yamakhophi eBhayibheli, lavala futhi lacekela phansi amasonto, futhi ngaphandle kwempumelelo lazama ukuqeda onke amandla akhonzela ezindlini. Le filimu ichaza izehlo zangempela kumaKristu aseShayina, uYang Huizhi owaboshwa nguhulumeni we-CCP, wahlukunyezwa, futhi wafa ngenxa yokungaphathwa kahle ngenxa yokukholelwa kwakhe kuNkulunkulu. Emva kokufa kukaYang Huizhi, uhulumeni we-CCP wakhohlisa ngokuthi ukufa kwakhe kwakungenxa yokuhlaselwa yisifo senhliziyo. Umndeni wakhe wawufuna ubulungiswa ngokufa kwakhe, kodwa basatshiswa ngokuba bathule ngenxa yezinsongo ze-CCP.


Unyazi LwaseMpumalanga, IBandla likaNkulunkulu uSomandla lasungulwa ngenxa yokuvela nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla, ukubuya kwesibili kweNkosi uJesu, uKristu wezinsuku zokugcina. Lasungulwa ngokuphelele nguNkulunkulu uSomandla ngokwakhe, nakanjani alisungulwanga umuntu. Namuhla, amazwi kaNkulunkulu uSomandla, amavidiyo evangeli,amahubo endumiso nokunye sekusabalele umhlaba wonke kwinethiwekhi. Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma uhlala ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuba uNkulunkulu usevelile!

Isitatimende esikhethekile: Ukukhiqizwa kwalevidiyo kwenziwe njengesiqephu esingangesi nzuzo seBandla likaNkulunkulu uSomandla.
Abalingisi abavela kulomukhiqizo basebenza ngaphansi kohlelo lokungenisa inzuzo, kanti futhi abakhokhelwanga noma ingayiphi indlela. Le vidiyo akumele isakazelwe inzuzo kunoma iyiphi inhlangano yyesithathu, futhi siyathemba ukuthi wonke umuntu uzokwabela abanye ayisakaze ngokuvulelekile. Uma uyisakaza, sicela udalule umthombo wayo. Ngaphandle kwemvume yeBandla likaNkulunkulu uSomandla, akukho nhlangano, namaqembu omphakathi noma umuntu ongalimaza noma ashitshe okuqukethwe kule vidiyo.

Awekho amazwana:

Thumela amazwana

Ngosuku Lwesithathu, Amazwi KaNkulunkulu Adala Umhlaba Nezilwandle, Negunya LikaNkulunkulu Lenza Umhlaba Uchichime Ngokuphila

Okulandelayo masifunde umusho wokuqala kuGenesise 1:9-11: “Futhi uNkulunkulu wathi, Amanzi angaphansi kwezulu mawaqoqeke ndawonye, bese kub...