Amalebula

6/08/2018

ISahluko 53. Ukuqonda Ukufana Nomehluko Emvelweni Yomuntu

    Ingabe niyibona ngokucacile indlela yokholo lwenu kuNkulunkulu kanye nendlela yokulandela iqiniso? Kuyini ngempela ukukholwa kuNkulunkulu? Ingabe usuke usuqedile ngemva kokuthwala ubunzima obuncane? Abanye abantu bacabanga ukuthi ngemva kokubhekana nokwahlulelwa nokusolwa, ukuthenwa nokusetshenzwa noma ngemva kokwembula isimo sangempela, sebeqedile futhi umphumela wabo usuyabonakala. Abantu abaningi abayiboni le ndaba ngokucacile, futhi bonke bame lapho, bengazi ukuthi bayihambe kanjani indlela ebamele. Ngokujwayelekile, uma bengasetshenzwa futhi bengathenwa noma bengahlangabezani nezinkinga, bazozwa befuna ukufuna iqiniso bebe bekholwa kuNkulunkulu, futhi bazozwa sengathi bangenelisa intando kaNkulunkulu. Kodwa uma nje behlelwa yinkinga encane futhi kuqhamuka ubunzima obuthile, imvelo yabo yokukhaphela iyabonakala, ibenze babukeke benyanyeka, futhi ngemva kwesikhathi, bazozwa ukuthi imvelo yabo inyanyeka kakhulu. Ekugcineni, bazibonela ngokwabo umphumela: “Ngiphelile. Ingabe angiphelile ngokwenza le nto? UNkulunkulu ngeke ngempela angisindise.” Baningi abantu abakulolu hlobo lwesimo; ungaze uthi wonke umuntu unjalo. Kungani abantu bekwazi ukuzehlukisa ngale ndlela? Kufakaza ukuthi abantu abayiqondi inhloso kaNkulunkulu yokubasindisa. Ukusetshenzwa kanye nje kukwenza uhambe isikhathi eside ungalilandeli iqiniso; ukwenza iphutha elincane nje kukwenza ungayifezi imisebenzi yakho; indawo engabalulekile ikwenza ume ndawonye. Kungathi abantu babona ukuthi kumele babe msulwa ukuze bakwazi ukuba nomdlandla wokufuna. Uma bethola ukuthi bakhohlakele kakhulu, ngeke babe nawo umuzwa wokufuna. Abantu abaningi sebesho izinto ezibuhlungu nezingezinhle ezifana nokuthi: “Ngiphelile, ngiphelile ngempela. Ayikho nje indlela yokuthi ngingasindiswa. Ngisho ngabe uNkulunkulu ungixolele, angeke ngikwazi ukuzixolela. Angeke ngiguquke.” Ukungaqondi kwabantu intando kaNkulunkulu kwembula ukuthi abantu abawuqondi umsebenzi kaNkulunkulu. Empeleni, abantu bazode bembula okuthile kwezimo zabo esikhohlakele lapho bengena ngokwejwayelekile. Abekho msulwa ezintweni abazenzayo, abawuthathi umthwalo wabo, abazinikele, futhi basebenza ngokushampuza. Lena yinto eyimvelo futhi ayigwemeki. Uma lezi zinto bezingembulwanga, bekungashiwo kanjani ukuthi isintu sikhohlakele? Uma isintu besingakhohlakele, kusho ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu wokusindisa ubungabalulekile. Isimo samanje sithi abantu abanalo iqiniso, futhi abaziqondi kahle futhi abaziboni izimo zabo ngokucacile. Ngakho-ke, izimo zabo kumele zembulwe futhi zicaciswe. Ukukhanya bayokubona kuphela uma lezi zinto zembulwa kubo. Abantu abasenamizwa futhi banemiqondo esebenza kancane. Uma uNkulunkulu engasebenzi ngale ndlela, kusho ukuthi angeke niguquke. Nivelelwa izinkinga kuzo zonke izigaba. Lokhu ngikuxoxa nani ukuze nginilungise ngibambe isondo ukuze nginiyise endleleni efanele. Ngale kwalokho nizohlala nenza izinto eziyihaba, nihlale njalo nifika kwangqingetshe, niqhubeke ningenandlela, nizihlukise. Lapho abantu beqala bebona, abaziqondi, kodwa ekugcineni, wonke umuntu ugcina eziqonda, ethi: “Ngingusathane owudeveli! Abantu bangodeveli, oSathane Kulokhu ngiphelile, angeke ngisindiswe; alisekho elinye ithuba futhi ayikho indlela yokuthi ngihlengwe.” Abantu ngempela babuthaka kakhulu futhi kunzima ukumelana nabo, futhi kukubo ukuba nehaba. Uma ngelinye ilanga abantu beyiqonda ngempela intando kaNkulunkulu, bazothi: “Inkohlakalo yami ibijulile kangaka sonke lesi sikhathi kanti sengiyabona manje. Ngenhlanhla, uNkulunkulu uyangisindisa, manje sengiyayibona impilo enhle kanti sengingahamba endleleni elungile yokuphila. Angazi ukuthi ngingambonga kanjani uNkulunkulu.” Kufana nokuphaphama ephusheni bese ubona ukukhanya. Ingabe lokhu akukhona ukuthola insindiso enkulu? Akumele badumise uNkulunkulu? Abanye abantu abaziqondi ngisho noma sekusondela ukufa; basaziqhenya futhi abakwazi ukwamukela amaqiniso ambuliwe. Bazizwa sengathi balungile: “Ngingumuntu olungile; bengingakwenza kanjani lokho?” Kubukeka sengathi bebebekwa icala ngokuyiphutha. Abanye abantu bedlula eminyakeni yomsebenzi kaNkulunkulu kodwa ekugcineni, basale bengayiqondi imvelo yabo. Bahlala becabanga ukuthi bangabantu abalungile nokuthi benze iphutha nje emzuzwini wobudedengu, futhi kuze kube manje, bangamane basuswe kunokuthi bazithobe. Lolu hlobo lomuntu luyaqhosha futhi luyaziqhenya futhi alulamukeli iqiniso. Abasoze baguquka babe ngabantu. Kulokhu niyabona ukuthi ngisho imvelo yabantu isekuphikiseni nasekhapheleni uNkulunkulu, behlukene emvelweni yabo. Lokhu kudinga ukuqonda okujulile kwemvelo yabantu.

    Kukhona izimpawu ezivamile emvelweni yabantu okumele ziqondwe. Kuwuphawu oluvamile ukuthi bonke abantu bangamkhaphela uNkulunkulu, kodwa wonke umuntu kukhona lapho ebuthaka khona. Abanye abantu bathanda lokhu, abanye bathanda lokhuya, abanye bakhonze lokhu, abanye bakhonze lokhuya. Lona ngumehluko ezimvelweni zabantu. Abanye abantu bayakwazi ukumelana nokuhlupheka okuncane, abanye abantu bakuthola kunzima ukumelana nokuhlupheka okuncane. Lokhu kungenxa yokunxanela okuhlukene ngokwemvelo yabo. Kungani bebhekana nezinto ezifanayo, kodwa abanye bayakwazi ukumelana nakho kodwa abanye abakwazi? Kungenxa yokuthi izinto ezimvelweni zabo zehlukene. Abanye abantu izimo zabo zenkohlakalo zivezwa kabi ngempela, kanti ezabanye zivezwe ngokuthambile nje kakhulu; kodwa-ke, izingqikithi zemvelo yabo ziyafana. Lezi yizmpawu ezivamile. Lokho imvelo yabantu eyikho yambula ukuthi baluhlobo luni. Yize benezmpawu ezifanayo nezabanye abantu, kodwa ngeke babe wuhlobo olufanayo. Kungani bengebona abantu abafanayo? Kungoba izinto zemvelo yabo azikho obala futhi aziqinile kangako. Ngokwesibonelo, inkanuko iwuphawu oluvamile abantu abanalo. Wonke umuntu unayo, akunjalo? Ngaphezu kwalokho, kunzima ukukunqoba lokhu. Kodwa-ke, kunzima nakakhulu kwabanye abantu. Uma bebhekene nalolu daba, abakwazi ukulunqoba kanti bangabaleka nabanye abantu noma benze abanye babaleke. Kungashiwo ukuthi imvelo yalaba bantu inobubi. Abanye abantu babuthaka kancane ekubhekaneni nalolu daba, noma banokulangazelela okuthile futhi banenkanuko, kodwa abazenzi izinto ezingamahloni, bayakwazi ukuzibamba bazigweme lezi zinto. Ngalokho ngeke uthi laba bantu banemvelo enobumnyama. Inyama iyalangazela futhi uyakhanuka. Abanye abantu benza ngobudlabha bese belandela inkanuko yabo benze noma yini abayifunayo. Kodwa abanye abantu abanjalo nhlobo. Bayakwazi ukulandela iqiniso benze ngeqiniso, futhi bayakwazi ukudela inyama. Yize inyama ikhanuka, baziveza ngenye indlela. Kulapho abantu behlukana khona. Abanye abantu bafisa imali; uma bebona imali nezinto ezinhle, bafisa ukuba nazo, kanti nentshisekelo yokuba nazo inkulu kakhulu. Imvelo yalaba bantu inobugovu futhi banomona wemali. Uma bebona okuthile, baba nobugovu; baze basebenzise futhi bantshontshe nemali yesonto, ngisho u-20 000 noma u-30 000 yuan; uma imali iningi, bafuna ukwenza lokho; abamesabi uNkulunkulu. Lena imvelo enobugovu. Abanye abantu basebenzisa u-10 noma u-20 yuan webandla futhi unembeza wabo ungakhululeki. Ngokushesha bayazilahla ebukhoneni bukaNkulunkulu bathandaze, benezinyembezi zokuzisola, bacele ukuthi uNkulunkulu abaxolele. Bonke abantu banabo ubuthaka; awukwazi ukuthi lo muntu uhahela imali, kumane kuyisimo nje senkohlakalo achayeke kuso. Abanye abantu bayathanda ukwahlulela abanye. Bathi: “Lo muntu usebenzise u-3 noma u-5 yuan webandla, futhi akazange athandaze ebukhoneni bukaNkulunkulu. Ngokulandelayo uzosebenzisa u-20 noma u-30 yuan; lo muntu uyigovu.” Ukukhuluma ngale ndlela akulungile. Abantu banezimo ezikhohlakele, kodwa kunomehluko phakathi kwesimo esikhohlakele nohlobo olunjalo lwemvelo. Angeke ukwazi ukukuhlanganisa noma wahlulele abantu kalula nje. Ukwahlulela abantu yinto elimaza kakhulu kubantu. Uma ungakwazi ukwahlukanisa noma ukubona izinto ngokucacile, ungalokothi wenze izinsolo ukuze ugweme ukulimaza abantu. Ukukhuluma nokwenza izinto ngaphandle kokuqonda iqiniso akukuhle futhi akubasizi abanye noma wena uqobo.

     Anicacelwa ukuthi iyiphi injongo eniphokophele kuyo ekukholweni kuNkulunkulu. Akekho okholwa noma ofuna ngokuhambisana ngokuphelele nokufunwa nguNkulunkulu. Ziningi kakhulu izinto ezikhona ngaphakathi kini; hleze anikacacelwa yizo futhi anikajuli emicabangweni yenu nezimpawu zemvelo yenu noma hleze anizange nizihlaziye kusenesikhathi. Ngelinye ilanga, uzowaqonda lawa mazwi, kanti ngaleso sikhathi, niyobe senikwazi ukuwaqonda nina uqobo lwenu.

     Ziningi izinto ezingenamsebenzi emvelweni yabantu. Uma abantu begqoka izingubo ezinhle noma bethola omakhalekhukhwini, indlela abakhuluma ngayo iyaguquka; uma abesifazane abathile begqoke izicathulo eziphakeme, bahamba ngendlela ehlukile. Yiziphi izinto ezisezinhliziyweni zabantu futhi iyiphi le mvelo ebenza baveze izinto zobumnyama nezimbi? Ziyizinto zemvelo yomuntu okufanele abantu baziqonde. Abantu kulezi zinsuku basancike emandleni abo ukulawula lezi zinto emvelweni yomuntu, okubenza bangavezi lutho obala. Kodwa-ke, ngezinto asebezibonile nabahlangabezane nazo, kanye nokujula kokuqonda iqiniso, nokuqonda izimvelo zabo, kancane kancane bazongena ngokwezidingo zikaNkulunkulu, kanti lezi zinto nazo zizoqala ukuguquka kancane kancane. Uma abantu beqala ukungena, kumele badele inyama. Ngemva kwalokho, uma sebebona futhi sebeqonda iqiniso angeke badinge amandla akhethekile ukuze badele inyama. Ngaleso sikhathi, abantu bayokwazi ukuphila ,bengasanaki, ngokulandela iqiniso. Bayoba nemigomo nemikhawulo kwabakwenzayo, futhi bazohlala phakathi kwemingcele yalokhu okufanele bakwenze. Kunobunzima uma abantu beqala ukuhlangabezana namazwi kaNkulunkulu. Ngenxa yokuthi abaliqondi iqiniso, bahlala njalo bebuza ukuthi kwenziwa kanjani lokhu nalokhuya. Ngaphezu kwalokhu, izimo ezingezinhle zabantu zihlala zibaphazamisa; bazizwe sengathi ayikho indlela abangayithatha. Mayelana nezimo ezimbi, yiba nokuhlanganyela ngalezo ongazixazulula ngokuhlanganyela, futhi ungakhathazeki ngalezi ongakwazi ukukhuluma ngazo, zama nje ungene ngendlela ejwayelekile bese ukhuluma iqiniso kakhulu. Ekugcineni, ngelinye ilanga uma usucacelwa iqiniso, futhi usubona izinto eziningi zicacile , izimo ezimbi zizozihambela. Manje anisekho kulezi zimo ezimbi ebenikuzo kuqala, noma nikuzo? Okungenani sezincane kunakuqala. Uma ugxila ekulandeleleni iqiniso, kusho ukuthi noma iyiphi inkinga ingasombululeka. Ukukwazi ukusombulula izinkinga zakho kuyinqubekela phambili nokukhula. Ngemva kokubona kuze kufike eqophelweni elithile, imibono yempilo yomuntu, ukubalukela kobukhona bakhe, kanye nesisekelo sokuphila kuzoguquka ngokuphelele. Lokhu kusho ukuthi uzozalwa kabusha, ube umuntu owehlukile. Akukholakali lokhu! Le yinguquko enkulu; inguquko ephendula yonke into ibheke phansi. Uzozwa ukuthi udumo, inzuzo, isikhundla, ingcebo, okukuthokozisayo, nobukhazikhazi bomhlaba akusho lutho nokuthi uyakwazi ukuhlukana nakho ngaphandle kwenkinga. Lona ngumuntu wangempela. Bonke laba abapheleliswa ngokugcwele bazoba yiqembu elinjena. Bazophilela iqiniso, baphilele uNkulunkulu, nokulunga. Umuntu unjena. Abanye abantu bazobuza: “Yini umuntu?” Abantu kulezi zinsuku akubona abantu. Uma bengebona abantu, pho bayini? Ungasho ukuthi bayizilwane, izinkomo, oSathane, nodeveli. Kafushane nje, banesimo sabantu, kodwa abakufanele ukubizwa ngabantu, ngoba abanabo ubuntu obuvamile. Uthi abantu bayizilwane, kodwa banezilimi, imiqondo, nemicabango, futhi bayakwazi nokwakha ubuchwepheshe, ngakho-ke bangahlelwa njengezilwane ezithuthukile. Abangakholwa bathi okhokho babo kwakuyizimfene; babeyizilwane, hhayi abantu. Kulungile ukuthi abantu banobubi futhi bawoSathane, ngoba injalo imvelo yabantu, lokhu yilokhu abakwembulayo nabakukhombisayo; ngakho-ke, kufanele ukuthi sithi abantu bangodeveli futhi bawoSathane, abazona izinhlazi futhi abazona izinyoni, abafani nesintu. Amanye amakholwa esikhathi eside asebone iminyaka eminingi, futhi aseyakwazi ukuqonda kancane; ayakwazi kancane ukuqonda uNkulunkulu, kancane ayakhathazeka ngezinto ezikhathaza uNkulunkulu, acabange ngalokhu uNkulunkulu acabanga ngakho. Analezi zinhloso. Lokhu kucishe kufane nomuntu, kucishe kube njalo. Amakholwa asemasha awakabhekani nokusolwa noma ukwahlulelwa futhi awakathenwa kakhulu noma awakasetshenzwa. Awalilaleli iqiniso eliningi, afunda izwi likaNkulunkulu nje kuphela, kodwa awaliboni. Akude kakhulu. Ukujula kwalokho okubonwe abantu yikho okuzosho ukuthi bazoguquka kangakanani. Uma kukuncane obhekane nakho, futhi uliqonda kancane iqiniso, sincane isimo somuntu ozoba naso ngaphakathi. Uma ungakaze ubhekane nalutho, kusho ukuthi unguSathane ophilayo ongaguqukile, futhi ungudeveli nje. Ingabe uyakukholwa lokhu? Ngelinye ilanga uyowaqonda la mazwi. Baphi abantu abalungile kulezi zinsuku? Ngaphandle kokufana nomuntu, ungabizwa kanjani ngomuntu? Abantu abalungile ayikhulunywa eyabo. Abantu bangabantu ngaphandle kodwa abanayo ingqikithi yomuntu ngaphakathi. Ukuthi abantu yizilwane ezimbethe ingubo yomuntu akulona ihaba.

    Ekuboneni umsebenzi kaNkulunkulu, uma abantu befuna ukufana nomuntu, kumele bedlule embulelweni, ekusolweni, nasekwahlulelweni yila mazwi, bese ekugcineni bazokwazi ukuguquka. Yilena indlela futhi uma abantu bengenzi ngale ndlela, angeke baguquke. Kumele bakwenze kancane kancane futhi kumele babhekane nokwahlulelwa nokusolwa nokuthenwa nokusetshenzwa okuqhubekayo. Izinto ezivela emvelweni yabantu kumele zambulwe. Ngemva kokwambulwa futhi abantu sebeziqonda ngokucacile, bazokwazi ukuhamba endleleni eyiyo. Kuphela ngemva kokubona isikhathi esithile nokuqonda amanye amaqiniso kulapho bezokwazi ukuba nesiqinisekiso sokuma. Izimo zenu zamanje sezincane. Ngaphezu kweqiniso lokuthi kade nigxumagxuma ngenjabulo, lesi isona sikhathi esiyingozi kakhulu kini. Wonke umuntu ulengela engozini. Sengikusho izikhathi eziningi lokhu, kodwa abantu abaningi abaqondi ukuthi asho ukuthini la magama. Abanye abantu bazocabanga ukuthi: “Iyiphi leyo ngozi? Isimo sami samanje sihle, ngingaba kanjani sengozini? Mancane amathuba okuthi ngingawa noma ngeduke. UNkulunkulu unomusa kimi.” Ubani lona othi akawutholanga umusa? Wonke umuntu uwutholile umusa, kodwa wonke umuntu usengozini; kuwumusa okhethekile kubona ukuthi babe sengozini bese bethola umusa. Okwamanje abantu bezwa sengathi sebezofika lapho okufanele babe khona, kodwa khona ukuthi bayakusho lokhu kufakazela ukuthi basekude kakhulu.

    umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana

Ngosuku Lwesithathu, Amazwi KaNkulunkulu Adala Umhlaba Nezilwandle, Negunya LikaNkulunkulu Lenza Umhlaba Uchichime Ngokuphila

Okulandelayo masifunde umusho wokuqala kuGenesise 1:9-11: “Futhi uNkulunkulu wathi, Amanzi angaphansi kwezulu mawaqoqeke ndawonye, bese kub...