Amalebula

7/29/2019

Bantu! Jabulani!

Dumisani,Ukuthanda uNkulunkulu,ukukhanya,Inkazimulo,

















Ekukhanyeni kwaMi, abantu babona ukukhanya futhi. Ezwini laMi, abantu bathola izinto zokujatshulelwa. Sengiqhamukile eMpumalanga futhi Ngisuka khona. Uma inkazimulo yaMi ikhanya, zonke izizwe ziyakhanya, konke kulethwa ekukhanyeni, akusali nokukodwa ebumnyameni. Embusweni, impilo yabantu bakaNkulunkulu noNkulunkulu inokujabula okungeqhathaniswe. Amanzi asinela izimpilo zabantu ezibusisekile, izintaba zithokoza nabantu ngenala yaMi. Bonke abantu bayazikhandla, besebenza ngamandla, betshengisa ukuzinikela embusweni waMi. Embusweni, akusekho kuvukelana, akusekho kuzabalaza; izulu nomhlaba kuncike kokunye, abantu naMi sisondelene futhi sizwana ngokujulile, emicimbini yempilo, sincikene…. Ngalesi sikhathi Ngiqala ngokugcweleyo impilo yasezulwini. Ukugxambukela kukaSathane akusekho, nabantu bangena ekuphumuleni. Kuwo wonke umhlaba, abakhethiwe baMi baphila enkazimulweni yaMi, babusiseke ngokungeqhathaniseke, hhayi njengabantu bephila phakathi kwabantu, kodwa njengabantu bephila noNkulunkulu. Wonke umuntu useke wathintwa wukonakala kukaSathane, wezwa ukubaba kwempilo nobumnandi. Manje ekuphileni ekukhanyeni kwaMi, yini engenza umuntu angathokozi? Umuntu angawuziba kanjani lo mzuzu omuhle kanje awudedele wedlule? Bantu! Manje culani amaculo ezinhliziyweni zenu niNgisinele! Manje phakamisani izinhliziyo zenu ezimsulwa nizinikele kiMi! Manje shayani izigubhu niNgidlalele! Ngikhanyisela intokozo emhlabeni wonke! Ngikhombisa abantu ubuso baMi obukhazimulayo! Ngizondindizela! Ngizowedlula umhlaba! SeNgiyabusa phakathi kwabantu! Ngiphakanyisiwe ngabantu! Ngintweza esibhakabhakeni esiluhlaza, nabantu bahamba naMi. Ngihamba phakathi kwabantu nabantu baMi baNgizungezile! Izinhliziyo zabantu ziyathokoza, amahubo abo azamazamisa umhlaba, ebhodloza isibhakabhaka! Umhlaba awusemboziwe yinkungu; akusekho ludaka, awusaqoqani udoti. Bantu abangcwele bomhlaba! Ekuhloleni kwaMi ubuso benu beqiniso buyembulwa. Anibona abantu abembozwe wukungcola, kodwa ningabangcwele abacwebe njengeJayidi nonke ningabathandwa baMi, nonke niyinjabulo yaMi. Zonke izinto zibuyela ekuphileni! Bonke abangcwele babuyele emazulwini bekhonza Mina, bengena ekusingatheni kwaMi okufudumele, bengasakhali, bengasakhathazeki, bezinikela kiMina, bebuyela ekhaya laMi, futhi ezweni labo bayoNgithanda ngokungaseyukuphela! Okungaguquki! Luphi usizi! Ziphi izinyembezi! Iphi inyama! Umhlaba awusekho; amazulu aphakade. Ngiyavela kuzo zonke izizwe, futhi zonke izizwe zidumisa Mina. Le mpilo, lobu buhle, kusuka esikhathini esingaziwa kuze kube nanini, ngeke kuguquke. Yilena impilo embusweni.

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

South African Gospel Choir Music "Abantu Baphinde Babuyela Esimweni Sobungcwele Abake baba Naso" (Zulu Subtitles)

Awekho amazwana:

Thumela amazwana

Ngosuku Lwesithathu, Amazwi KaNkulunkulu Adala Umhlaba Nezilwandle, Negunya LikaNkulunkulu Lenza Umhlaba Uchichime Ngokuphila

Okulandelayo masifunde umusho wokuqala kuGenesise 1:9-11: “Futhi uNkulunkulu wathi, Amanzi angaphansi kwezulu mawaqoqeke ndawonye, bese kub...