Ngithanda bonke labo abangifuna ngobuqotho. Uma nigxila ekuthandeni Mina, nakanjani ngizonibusisa kakhulu. Ingabe niyaziqonda izinhloso Zami? Endlini Yami, akukho mehluko phakathi kwesikhundla esiphakeme nesikhundla esiphansi. Wonke umuntu uyindodana Yami, Mina nginguYihlo, uNkulunkulu wenu. Ngiphakeme kakhulu futhi akukho okunjengami. Ngilawula yonke into endaweni yonke!
Kufanele “ungisebenzele ngokuthobeka nangokufihlekile” endlini Yami. Lo mshwana kufanele usebenze njengesiqubulo sakho. Ungabi yiqabunga esihlahleni, kodwa yiba yimpande yesihlahla futhi ugxile ngokujulile ekuphileni. Ngena ekuzweni ukuphila ngokwangempela, phila ngamazwi Ami, ngifune ngokwengeziwe kulo lonke udaba, bese usondela Kimi futhi ukhulume Nami. Unganaki noma yiziphi izinto ezingaphandle, futhi ungalawulwa yinoma yimuphi umuntu, isehlakalo, noma into, kodwa xoxa kuphela nabantu abangokomoya ngalokho engiyikho. Qonda izinhloso Zami, vumela ukuphila Kwami kugeleze phakathi kwenu, bese uphila ngamazwi Ami futhi wenze ngokuvumelana nezimfuneko Zami.
Sebenzisa amandla akho onke ezindabeni engikuthume zona; sebenzisa ikhono lakho lonke ukuze wanelise inhliziyo Yami. Ngingamandla akho futhi ngiyinjabulo yakho … ngiyikho konke kuwe. Mane ufune Mina. Ngazi izifiso zangempela zenhliziyo yakho kanye nokuzikhandla ngobuqotho kwakho Ngami, kodwa kufanele wazi indlela yokuzinikela Kimi endlini Yami nendlela yokungilandela kuze kube sekugcineni.
Ibandla liyinhliziyo Yami futhi ngikukhathalela ngokujulile ukwakhiwa kwebandla Lami. Kufanele uzikhandle Ngami ngokuthi uzinikele ngokungazigodli ngisho nakancane, futhi ubonise ukucabangela izinhloso Zami ukuze inhliziyo yami yaneliseke.
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
Amalebula
1/20/2019
Bhalisa ku:
Thumela amazwana (Atom)
Ngosuku Lwesithathu, Amazwi KaNkulunkulu Adala Umhlaba Nezilwandle, Negunya LikaNkulunkulu Lenza Umhlaba Uchichime Ngokuphila
Okulandelayo masifunde umusho wokuqala kuGenesise 1:9-11: “Futhi uNkulunkulu wathi, Amanzi angaphansi kwezulu mawaqoqeke ndawonye, bese kub...
-
ENkathini Yomusa, iNkosi uJesu yathembisa abalandeli Bayo, “ Ngiyonilungisela indawo. Futhi uma ngihamba ngiyonilungisela indawo, ngizophin...
-
UXiangwang Esifundazweni Sase Sichuan Ngizizwa ngingosolwe kakhulu enhliziyweni yami sonke isikhathi lapho ngibona amazwi kaNkulunkulu a...
-
I Behlanzekile futhi bethembeke njengengane, bemsulwa futhi benempilo, begcwele impilo yobusha, banjengezingelosi eziza emhlabeni. ...
Awekho amazwana:
Thumela amazwana