Isikhathi siya ngokuya sisondela. Vukani! Nonke bangcwele! Ngizokhuluma kini. Bonke labo abezwayo bazovuka. NginguNkulunkulu ebenilokhu nikholwa Kuye kule minyaka eminingi. Namuhla ngibe yinyama ngeza phambi kwamehlo enu, futhi lokhu kuveza ukuthi: ngubani ongifuna ngempela, ngubani ofisa ukukhokha naliphi inani Ngami, ubani olalela amazwi Ami ngempela, nokuthi ngubani ofisa ukwenza iqiniso. Ngenxa yokuthi nginguNkulunkulu uSomandla, ngiyakwazi ukubona zonke izimfihlo zomuntu ezifihlekile ebunyameni, ngiyazi ukuthi ubani ongifuna ngempela futhi ngiyazi ukuthi ubani omelana Nami; ngibuka zonke izinto.
Manje sengifuna ukwakha iqembu labantu abafuna inhliziyo Yami ngokushesha okungenzeka, labo abakwaziyo ukucabangela imithwalo Yami. Kodwa-ke, angeke ngiyeke ukuhlambulula nokucwenga ibandla Lami; ibandla liyinhliziyo yaMi. Ngiyabazonda bonke abenza okubi abanivimba ukuba nidle futhi niphuze izwiLami. Lokhu kungenxa yokuthi kukhona abantu abambalwa abangangifuni ngokwangempela. Laba bantu bagcwele inkohliso, abasondelani Nami ngenhliziyo zabo yangempela, babi, futhi bangabantu abathiya ukwenziwa kwentando Yami; ababona abantu abenza iqiniso. Laba bantu bagcwele ukuzazisa nokuzidla, banezifiso ezinkulu, bayathanda ukwehlisa abanye, kanti namazwi abawakhulumayo ezwakala emnandi mawuwalalele, kodwa ngasese abalenzi iqiniso. Laba bantu ababi bazonqunywa bashanelwe basuswe; bazohlala ezinhlekeleleni. Lawa mazwi awokunikhumbuza nokunikhuza ukuze izinyawo zenu zibe sendleleni engiyihlosile. Buyelani njalo emoyeni wenu, ngoba ngiyabathanda labo abangithanda ngenhliziyo yabo yonke. Ngoba uma nisondela Kimi, ngizonivikela nginiphephise kwababi, ngizonenza ukuba nime niqine ekhaya Lami futhi nginilinde kuze kube sekupheleni.
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
Amalebula
1/14/2019
Bhalisa ku:
Thumela amazwana (Atom)
Ngosuku Lwesithathu, Amazwi KaNkulunkulu Adala Umhlaba Nezilwandle, Negunya LikaNkulunkulu Lenza Umhlaba Uchichime Ngokuphila
Okulandelayo masifunde umusho wokuqala kuGenesise 1:9-11: “Futhi uNkulunkulu wathi, Amanzi angaphansi kwezulu mawaqoqeke ndawonye, bese kub...
-
ENkathini Yomusa, iNkosi uJesu yathembisa abalandeli Bayo, “ Ngiyonilungisela indawo. Futhi uma ngihamba ngiyonilungisela indawo, ngizophin...
-
I Behlanzekile futhi bethembeke njengengane, bemsulwa futhi benempilo, begcwele impilo yobusha, banjengezingelosi eziza emhlabeni. ...
-
UXiangwang Esifundazweni Sase Sichuan Ngizizwa ngingosolwe kakhulu enhliziyweni yami sonke isikhathi lapho ngibona amazwi kaNkulunkulu a...
Awekho amazwana:
Thumela amazwana