Amalebula

2/01/2018

Imiyalelo Eyishumi Yokuphatha Okufanele Ithotshelwe Abantu Abakhethiweyo bakaNkulunkulu ENkathini YoMbuso

1. Umuntu akumele azenze mkhulu, noma aziphakamise. Kumele adumise aphakamise uNkulunkulu.

2. Kumele wenze noma yini ewusizo emsebenzini kaNkulunkulu, futhi ungenzi lutho oluzolimaza umsebenzi kaNkulunkulu. Kumele uvikele igama likaNkulunkulu, ubufakazi bukaNkulunkulu, nomsebenzi kaNkulunkulu.

3. Imali, izinto ezibonakalayo, nazo zonke izimpahla ezisendlini kaNkulunkulu ziwumnikelo okumele unikelwe ngabantu. Le minikelo ingathokozelwa ngumphristi noNkulunkulu hhayi omunye umuntu, ngoba iminikelo yomuntu eyokuba ithokozelwe uNkulunkulu, uNkulunkulu wabelana ngale minikelo nomphristi, akekho omunye umuntu ofanele noma onelungelo lokuthokozela ingxenye yayo. Yonke iminikelo yomuntu (kuhlanganise imali nezinto ezingathokozelwa ezibonakalayo) zinikezwa uNkulunkulu, hhayi umuntu. Ngakho-ke, lezi zinto akumele zithokozelwe umuntu; uma umuntu ezithokozela, kusho ukuthi untshontsha umnikelo. Noma ubani owenza lokhu ungu-Judas, ngoba, phezu kokuba yimbuka, u-Judas wazithathela okwakufanele akufake esikhwameni semali.

4. Abantu banesimo esikhohlakele futhi, ngaphezu kwalokho, banemizwa. Ngenxa yalokhu, akuvumelekile ukuba amalungu amabili obulili obungafani asebenze ndawonye enze umsebenzi kaNkulunkulu. Noma yibaphi abantu abatholakale benza lokhu bazoxoshwa, akukho ukukhetha iphela emasini—akekho oxolelwayo.

5. Akumele uhlulele uNkulunkulu, noma ukhulume noma yikanjani ngezindaba ezithinta uNkulunkulu. Kumele wenze lokhu umuntu okumele akwenze, ukhulume ngendlela okumele ukhulume ngayo, ungeqi imikhawulo noma weqe imingcele. Khalima ulimi lwakho unake nokuhamba kwakho. Konke lokhu kuzokuvimbela ekwenzeni noma yini enenga isimo sikaNkulunkulu.

6. Kumele wenze lokhu okumele kwenziwe umuntu, wenze imisebenzi yakho, ugcwalise okuyizibophezelo zakho, ubambelele emsebenzini wakho. Njengoba ukholelwa kuNkulunkulu, kumele ube negalelo emsebenzini kaNkulunkulu; uma ungakwenzi lokho, kusho ukuthi awukulungele ukudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu, futhi awukufanele ukuhlala endlini kaNkulunkulu.

7. Emsebenzini nasezindabeni zebandla, ngaphandle kokulalela uNkulunkulu, kukho konke kumele ulandele imiyalelo yomuntu osetshenziswa uMoya Oyingcwele. Ngisho ukuphula umthetho okuncane kangakanani akwamukeliwe. Kumele uzithobe ngokuphelele, ungahlaziyi okulungile noma okungalungile; okulungile noma okungalungile akuhlangene nawe. Kumele unake nje ukulalela ngokuphelele.

8. Abantu abakholelwa kuNkulunkulu kumele balalele uNkulunkulu futhi bamkhonze. Akumele uphakamise noma ubeke ithemba lakho komunye umuntu; akumele unike uNkulunkulu indawo yokuqala, eyesibili kube ngeyabanye abantu othembele kubo, bese indawo yesithathu kube nguwe. Akekho umuntu okumele abe senhliziyweni yakho, futhi akumele ubeke abantu—ikakhulukazi labo obahlonipha kakhulu—endaweni elingana nekaNkulunkulu, noma balingane Naye. Ngeke akubekezelele lokhu uNkulunkulu.

9. Imicabango yakho kumele ibe ngemisebenzi yebandla. Kumele ubeke eceleni lokhu okulindele kwenyama yakho, thatha izinqumo ngezindaba zomndeni, ngenhliziyo yakho yonke zinikele emsebenzini kaNkulunkulu, ubeke umsebenzi kaNkulunkulu phambili futhi impilo yakho ilandele ngemuva. Yilokhu okufanele ongcwele.

10. Izihlobo ezingakhonzi (izingane zakho, umyeni noma unkosikazi wakho, odadewenu noma abazali, nabanye) akumele ziphoqwe ukuba ziye ebandleni. Indlu kaNkulunkulu ayisilelwa ngamalungu, asikho isidingo sokuba nikhulise isibalo ngabantu abangenamsebenzi walutho. Bonke labo abangakholwa ngokukhululeka akumele balethwe ebandleni. Lo myalelo uqondiswe kubo bonke abantu. Kulolu daba kumele nibheke, niqaphe niphinde nikhumbuzane ngalo, futhi akekho okumele awephulwe. Ngisho izihlobo ezingakhonzi kwenzeka zangena ebandleni ngokuba madolonzima, akumele zinikwe izincwadi noma zinikwe igama elisha; abantu abanjalo ababona abantu bendlu kaNkulunkulu, futhi ukuza kwabo ebandleni kumele kumiswe ngayo yonke indlela. Uma kuba nezinkinga ebandleni ngenxa yokungena kwamademoni, kusho ukuthi wena ngokwakho uzoxoshwa noma uzobekelwa imingcele. Kafushane nje, wonke umuntu unesibopho kulolu daba, kodwa akumele nibe budedengu, noma nikusebenzisele ukuphindisela ngokungezwani kwenu.

Awekho amazwana:

Thumela amazwana

Ngosuku Lwesithathu, Amazwi KaNkulunkulu Adala Umhlaba Nezilwandle, Negunya LikaNkulunkulu Lenza Umhlaba Uchichime Ngokuphila

Okulandelayo masifunde umusho wokuqala kuGenesise 1:9-11: “Futhi uNkulunkulu wathi, Amanzi angaphansi kwezulu mawaqoqeke ndawonye, bese kub...