Amalebula

1/01/2018

60. Noma Yini uNkulunkulu Ayishoyo Yisahlulelo Somuntu

UXunqiu edolobheni laseNanyang, esiFundazweni saseHenan 

    Ngangicabanga ukuthi uNkulunkulu wayehlulela futhi esola umuntu kuphela lapho esambule inkohlakalo yomuntu engaphakathi noma eveze amazwi anzima ahlulele isiphetho somuntu. Kwaba kamuva lapho isehlakalo esithile sangiholela ekuboneni ukuthi ngisho amazwi amnene kaNkulunkulu ayeyisahlulelo nokusola Kwakhe. Ngabona ukuthi izwi nezwi elishiwo nguNkulunkulu laliyisahlulelo kumuntu.

    Kamuva nje, udade osekhulile womndeni osisingethe wazithola ebambeke emizweni yasenyameni, futhi ngenxa yalokho wezwa ubuhlungu kakhulu. Ngakhuluma naye izikhathi eziningana, kodwa kubonakala sengathi akusizanga. Akazange ashintshe. Kancane kancane ngaphelelwa yisineke, ngazicabangela ngingedwa, “Ngikhulumile nawe izikhathi eziningana, kodwa awukashintshi. Mhlawumbe awunantshisekelo yeqiniso. Ngeke ngiphinde ngikhulume nawe futhi.” Emva kwalokho, angibange ngisazizwa nginentshisekelo yokuzihlanganisa naye futhi ngangasazikhathaza ngaye. Ngolunye usuku, omunye udade engangisebenza naye waveza ukuthi kufanele simkhulekele lo dade owayesekhulile. Ngithe uma ngikuzwa lokhu, ngezwa nginengeka, “Ngobani? Kungaba ukuchitha isikhathi ukuhlala naye, futhi imikhuleko yethu ngeke ithele zithelo.” Empeleni ngangazi ukuthi lokhu kuveza ukuzazi kwami, nokwakuyisimo sikaSathane. Ngangiziba abanye futhi ngingakhombisi thando kwabanye. Noma kunjalo, ngangingeke ngisakwazi ukuyinqanda lena. Ngenkathi sikhuleka ndawonye, nalapho ngakuthola kunzima khona ukudedela imicabango yami enganginayo nemizwa kangangokuthi ngazithola ngicwila ebumnyameni ngokwasemoyeni futhi ngangasamuzwa uNkulunkulu eduze kwami. Ngale kwalokho, ngazizwa ngicinezelekile ngaphakathi kwangathi inhliziyo yami yayivimbezelekile ingakwazi ukuphunyuka. Kamuva, ngakhuleka phambi kukaNkulunkulu mayelana nenkinga yami, “Nkulunkulu, bengazi ngokuzikhukhumeza kwami nokungabi nazwelo. Angikhombisanga kucabangelana noma uzwelo kulo dade osemdala. Kodwa ngahluleka ukuphenduka mina qobo. Nkulunkulu, ngiyakunxusa ukuba ungikhanyisele mayelana neqiniso kanye nokwazi kangcono ngami.” Ngenkathi ngiletha umkhuleko lowo, ngakhumbula kancane amanye amazwi kaNkulunkulu. Ngokushesha ngavula incwadi yamazwi kaNkulunkulu ngathola izitatimende ezilandelayo: “Kungani kuthiwa amandla okuzimisela kwakho ukuthanda uNkulunkulu, kanye nokuthi usuyilahle ngempela yini inyama, kuncike ekutheni unayo na imicabango yokubandlulula abazalwane bakho, kanye nasekutheni, uma kunjalo, ungakwazi ukubuyisela le micabango eceleni. Okusho ukuthi, uma ubudlelwane bakho nabazalwane bakho sebungobujwayelekile, izimo zakho ngaphambi kukaNkulunkulu zingezijwayelekile. Uma omunye wabazalwane bakho ebuthakathaka, ngeke umnyanye, umzonde, uhlekise ngaye, noma ukhombise ukungamgqizi qakala. Uma ukwazi ukuba usizo kuyena, uzoxhumana naye uthi…. Uma uzizwa sengathi awukwazi ukubahlinzeka, lapho-ke ungabavakashela. Lokhu akudingeki kwenziwe umholi webandla—kungumsebenzi nesibopho sawo wonke umzalwane ukwenza lokhu. Uma ubona umzalwane ongumfowenu noma udade esesimweni esingesihle, kufanele umhambele. Lokhu kungumsebenzi womunye ngamunye wenu” (“Umsebenzi kaMoya oNgcwele Nomsebenzi kaSathane” kwethi Izwi Livela Lisenyameni). Emva kokufunda amazwi kaNkulunkulu, ukwelulekwa ukuthi “uma ubudlelwane bakho nabazalwane bakho sebungobujwayelekile, izimo zakho ngaphambi kukaNkulunkulu zingezijwayelekile” kwakucindezelwe engqondweni yami ngendlela ecace bha. Ngangicinga ngenkathi ngininga kabanzi ngalesi sitatimende. Ngokukhanyiselwa nguMoya oNgcwele, kwaba sengathi lesi sitatimende esisobala nje empeleni sasigcwele ubukhosi nokwahlulela, futhi sagwaza inhliziyo yami njengenkemba. UNkulunkulu selokhu wayemtshela umuntu ngokucacile ukuthi kungokuncike emazwini kaNkulunkulu kuphela ukuba isintu singakwazi ukwakha ubudlelwane obuphilayo njengabafowabo nodade, kanye nokuthi ubudlelwane bukaNkulunkulu nomuntu buyoba ngobuhle inqobo uma ubudlelwane nabafowabo nodade bubuhle. Uma ngizwana nabanye, konke lokho engangikuveza ngami kwakuyisimo esibi sikaSathane, ikakhulukazi ukweyisa nokulahla abanye abantu. Ngangingenabo ubudlelwane obuhle nabantu, pho ngangingathokozela kanjani ubudlelwane obuhle noNkulunkulu? Kuyiphuzu elingephikiswe ukuthi umsebenzi womuntu ukuhambela nokusebenzela abafowabo nodadewabo abadingayo nabantekenteke. Kwakuyimpilo okufanele iphilwe abantu abafuna ukuthanda uNkulunkulu; ukuziphatha kwabafowabo nodadewabo abathandanayo. Ngokwahlukile kulokhu, ngangingenandaba nhlobo lapho ngizwa ngesimo esibi sikadade owayesekhulile. Yize noma ngabonakala ngixoxisana naye, ngaphakathi enhliziyweni angikwenzanga lokho ngenhliziyo ethanda uNkulunkulu. Angizamanga konke okusemandleni ami ukumsiza nokumeseka. Angizange ngixoxisane naye ngesineke ngenhliziyo enomusa noma ngokuzwelana naye njengomuntu osebuhlungwini—umuntu oseke waphila ebumnyameni—ukumsiza aphume esimweni sakhe esingesihle. Ngaze nganquma ukuthi udade osemdala wayengenanhloso yokufuna iqiniso, futhi ngakho-ke ngambukela phansi futhi ngamgwema. Ngaze ngalahlekelwa ubudlelwane obuhle noNkulunkulu ngazibeka ekutheni ngisolwe nguNkulunkulu. Ngazithola ngisebumnyameni ngokomoya. Akulona iqiniso ukuthi isimo sikaNkulunkulu sase sibhekene nami? Ngenkathi ngicabanga kakhulu ngakho, kungale nkathi ngazizwa nginesiqiniseko sokuthi lesi sitatimende kwakungukwahlulela kukaNkulunkulu ubuso nobuso. Nganginamahloni futhi nginokuzisola okujulile. Ngabona ukuthi ngangiyisilwane esingenazwelo ngaphandle kobuntu. Kwase, noma kunjalo, ukumesaba kwami uNkulunkulu kwanyuka ngaleso sikhathi. Ngabona ukuthi isimo sikaNkulunkulu yileso sobukhosi nolaka. Ngabona ukuthi ngempela uNkulunkulu ulungile kakhulu futhi ungcwele. UNkulunkulu angakwazi ukuhlanza umcabango ngamunye, ngakho kwakungekho ukubalekela ukwahlulela Kwakhe.

    Ukwahlulela kwamazwi kaNkulunkulu kwangisiza ngadedela imicabango yami yokwahlulela lo dade owayesemdala. Yingakho, ngathola ukuzimisela ukuxoxisana naye ngomoya wothando nomusa. Ngokungalindelekile, nokho, ngaphambi ngokuba ngiphinde ngixoxisane naye futhi, udade osemdala wayethole ukukhanyiseleka okuvela kuNkulunkulu waphuma kule nkinga embi ayebhekene nayo ngokukhuleka nokulalela amaculo ezwi likaNkulunkulu. Ngaleso sikhathi, ngazizwa nganelisekile ngokuthi isimo sakhe sase singcono. Ngabonga ngokuthi uNkulunkulu wayesiholile, njengoba ehlale enza. Futhi ngazizwa nginamahloni ngendlela embi engangiziphathe ngayo.

    Ngambonga uNkulunkulu! Yize noma ngangikhombise ukuhlubuka nenkohlakalo kuphela ngesikhathi ngibhekene nalokhu, ngafunda ukuthi amazwi kaNkulunkulu angaqinile neze empeleni futhi ayisahlulelo Sakhe nokusola umuntu, kanye nokuthi wonke amazwi avela Kuye ahlose ukwahlulela isintu. Ngeke ngiphinde futhi ngithathe amazwi kaNkulunkulu njengemibono yami. Ngizokwamukela ukwahlulela kukaNkulunkulu nokusola ngamazwi ngokuzinikela okuphelele. Ngizothatha futhi ngamukele amanye amaqiniso ukuze ngiguqule isimo sami ngokushesha.

      umthombo : IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana

Ngosuku Lwesithathu, Amazwi KaNkulunkulu Adala Umhlaba Nezilwandle, Negunya LikaNkulunkulu Lenza Umhlaba Uchichime Ngokuphila

Okulandelayo masifunde umusho wokuqala kuGenesise 1:9-11: “Futhi uNkulunkulu wathi, Amanzi angaphansi kwezulu mawaqoqeke ndawonye, bese kub...